clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: February 2016 Page 1 of 2

iNkosi Yokuqala eYaphatha uMhlaba Kwakuyindoda eNsundu uNimrod

uNimrod Kwakuyindodana kaKush. iGama elithi Kush lisho ukuthi ‘Ngimnyama’, phecelezi ‘Black’.
Indaba yakhe idume kakhulu eBhayibhelini. Kwakuyindoda eyayi nkosi eyahlanganisa bonke abantu ukuba bakhe isakhiwo esifika ezulwini.

uNkulunkulu wabheka isakhiwo wase ebona ukuthi abantu bazophumelela ukwenza lento abayifisayo. uNkulunkulu wehla waphambanisa ulwimi lwabo ukuze bangekwani. Waphela ke umsebenzi wokulakha lelo bhilidi. Akwaziwa ukuthi uNkulunkulu wawuphazamiselani lowo msebenzi.

uNimrod kwakuyiqhawe, kuyindoda eyayinombono ophakeme kakhulu.

Mansa Musa Indoda yase-Mali eAfrika

Mansa Musa

Lena indoda eyayicebe ukudlula bonke abantu emhlabeni ngaphandle kuka-Solomoni.
Futhi nakulesi sikhathi esiphila kuso akekho ocebe njengaye.  Izimali ezishisiwe zika-Bill Gates no Warren Buffett zihlanganisiwe ngeke zilinganiswe ne ncebo kaMansa Musa.

uMansa Musa kwaku yindoda yase Mali eAfrika. Incebo yakhe yonke isiphelele yayibalelwa ku $400 billion.

Indlovukazi Yase-Sheba – eTopiya

Indlovukazi Yase-Sheba

UMLANDO uthi uSolomoni kwakuyindoda eyayi nokuhlakanipha okukhulu emhlabeni wonke, wayethandana neNdlovukazi yase-Sheba, eTopiya (Ethopia). Lobu bufakazi bulotshwe eBhayibhelini Amakhosi okuqala 10:1 (1 Kings 10:1).


isipho se golide iNdlovukazi eyasinikeza inkosi uSolomoni

Indlovukazi yaseSheba ayifikanga ilambatha enkosini, yafika nomnotho waseAfrika ngengoba kulotshiwe: “yanika inkosi amathalenta egolide ayikhulu namashumi amabili, namafutha ebhalsamu amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; futhi ayengakaze abe khona amafutha ebhalsamu anjengalawo indlovukazi yaseSheba eyawanika iNkosi uSolomoni.”

Nanka namafutha enani elikhulu ayeyi-sipho 

Sisazoqhubeka sikhulume ngomlando wethu sizwe esinsundu. Kuningi okwafihla ondlebe zikhanya ilanga okumele sikuveze kuphumele obala.

Umlando

Abantu Abampisholo eBhayibhelini
Ekuqaleni komhlaba u-Abraham wayeyisizukulwane sikaKush noNimrod.
INZALO ka-Abraham yayikhonza uHorus, ababemthatha ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu. Kukhona inzalo yamaJuda eyathi nxa izwa ngoJesu yabona kungukugcwaliseka kwesipholofetho esasenziwe ngamaKush ayekhonza uHorus.
Kuvela ukuthi inzalo ka-Abraham yaqhamuka enhla nomfula iNile. Kuyacaca ukuthi aqinisile amaKemet uma ethi wona aqhamuka esizalweni somfula iNile.
Umbuso wasendulo wamaKush wawuzinze lapho kuhlangana khona imifula emithathu: iNile eLuhlaza, iNile eMhlophe kanye ne-Atbara, okuyindawo namhlanje ebizwa ngeSudan. Lo mbuso wawa washabalala ngezikhathi zama-350 AD.  Kusukela kule ndawo eminyakeni engaphezu kwezi-10, 000, isizwe samaKush sasakazeka umhlaba wonke, behamba bakha imibuso bebeka amakhosi endabuko. Izindawo ezifana noLevant, oMesopotamia, namamaphakathi nezwe lase-Asia, enkabazwe yase-Afrika, nakoNigeria, amaKush ayehamba akha imibuso njengesizwe sokuqala emhlabeni.

Isizwe samaKush sasixube iNingizimu yeKemet (Gibhithe), iSudan, iTopiya, iPunt (Somalia) kanye nendawo eyakhelene noLwandle Olubomvu (Red Sea).  Yikho lokhu kusondela neKemet (iGibhithe) okwenza ukuba iNkosi yamaKush, iNkosi uPiye ahlasele iGibhithe ayehlule.
Ngenxa yobudala bamaKush emhlabeni, umuntu angemangale uma kuyibo laba okuthiwa bafika kuqala eMelika kunoColumbus. Ngaphambi kokuba izizwe ezikhona namhlanje zethiwe amagama azo, izindawo zamaKush zaziphethwe ngamakhosi endabuko.
Ngokwemibhalo eqoshwe emadwaleni eyatholakala e-Afrika naseNtshonalanga ye-Asia, amaKush ayebizwa ngamagama amaningi, kuxubana negama elithi ‘Topiya’. Imibhalo eyatholakala eSumaria, nayo eyayiqoshwe emadwaleni, kuthiwa amaKush ayebizwa ngamaMeluha-Kasi. Ngokomlando igama elithi ‘Meluha’ lalisho indawo okwakungeyabantu ababehlala eNubia, e-Arabia naseNtshonalanga ye-Afrika.
UGenesis 10 usitshela ukuthi ubaba kaDedan wayebizwa ngoRaamah, owayeyindodana kaKush. URamaah noNimrod kwakungamadodana okuqala kaKush ayewathole emakhosikazini akhe. Enzalweni kaRamaah noDedan kuqhamuka abantu abaxube ama-Afrika kanye nama-Arab, kanti kuNimrod kuqhamuka inzalo exube ama-Afrika namaNdiya.
Okunye okuvelayo ngemvelaphi yamaKush ukuthi avela e-Afrika, njengoba kulandisa uMary McDonald, othi intuthuko yamakhosi endabuko aseKemet, oFaro, yakhelwa phezu kwentuthuko nosikompilo lwase-Afrika. Okunye akutholayo kwaba wukuthi ukufuywa kwezinkomo kwaqala maphakathi ne-Afrika ngaphambi kokuba kufikwe eKemet.
USolwazi uFekri Hassan waseNyuvesi YaseLandani ukholwa ngukuthi ucwaningo lukaMary lungumsebenzi ojulile futhi obalulekile, ngenxa yokuthi ungumnikelo omkhulu ekukhombiseni ukuthi intuthuko yaqala eKemet, nayo iKemet iyithathele eNingizimu nezwe lase-Afrika.
Izincwadi zasemandulo ezabhalwa ngochwepheshe baseNdiya ziveza ukuthi emlandweni wokudabuka kwesintu kwakukhona amaKush abusa emhlabeni iminyaka engaphezu kwezi-7 000. Abanye ababhali babalula ukuthi amaKush asukela ezikhathini zezihlambi zemvula zikaNoah kuze kuzofika ku-Abraham, owayengumphrofethi wamaJuda namaMuslim.
AbaseKemet nxa bebiza amaKush babethi ‘K-sh’; amaHebheru wona ethi ama‘Kush’ (Kushites); amaSudan wona ethi ama’Kushiya’. Kuyavela ukuthi laba bantu ababebizwa ngokuthi ngama’Horites’, babekhonza uHorus, ngokobuzwe babo, babebabiza ngokuthi ngamaKush noma ama-Arab axube ubu-Afrika.
Ukuthi amaKush ayebuye abizwe ngamaTopiya kuchaza kona ukuthi amaTopiya madala kakhulu e-Afrika. Okwesibili, ukuthi njengoba amaKush ayehlala eNubia, njengoba abeNguni bevela khona, kungenzeka ukuthi abeNguni, okuxuba kuwo amaZulu, banegazi lamaKush.

Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu

Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu
‘INyosi : UNtulizenkosi Dlamini no-Buzetsheni kaSombila Mdletshe’
INdlondl’enophaphe’ekhanda
Ndaba kawulalele lomunt’omemezayo
Umemeza sengathi uyakhala
Ukhal’isililo
Uth’igula likaJama lichithekile
Lichithwa yiNgwel’endala
Ngeyakithi kwaMalandela
Ubesibindi Buthelezi
Ngokukhuthazel’umtakaNdaba
Bemthuka bemcokofula
Bethi uZwelithini kayikubusa
Kayikuba Nkosi
Kanti bamgcoba ngamafuth’empepho
Yakithi kwaMalandela
USodidase!
INkonyan’encane kaNdaba
Edid’imibala
Umphikelele wensizwa
Ngo,ephekele’amadod’akwaZulu
Esephelelwe ngamandla
UMaphokophela longay’insizwa
Eyisinikinikana
Engabubende bezingwe
Nobezingonyama
Ogijime ngandlelande
Ngal’uvivi
Eya kwadadewab’Nonhlanhla
Nani MaNdebele
Seniyoguga nidelile
Enike nabon’iZinyane
NgeleSilo sikaNdaba
Ohlamb’izandla
Ngamakhand’amadoda
Wathi yiwon’ayomhlabanela
Kuye kwagcwala
Izifunda zemifula
Esinye ngesoMkhuze
Esinye ngesoThukela
Nani magundwane
Ahlal’ezikhotheni kwaNongoma
Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikel’abangakezwa
Nithi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa neNdlov’emnyama yasOndini
Izoshis’izikhotha
NgezakwaNongoma
INkonyan’encane kaNdaba
Ekhwele phezu kwendl’Egazini
Bath’oyise noyisemkhulu
Hhawu!!
Ngasiha Ndaba
Usuyahlola!
Kanti yibon’abahlolayo
INtul’ebande ngodonga kwaBhekuzulu
IMvukuzane kaNdaba
Evukuz’ubusuku
Iye yabonwa ngumame
NgowaseMaNdebeleni
UBhejan’odl’abakayise
Phum’esiqiwini mtakaNdaba
Kade bekuvalele
Ungalonde kaGabela
Kayingangezawoyise
Izigqunswana
Ngisho bethi bayakwelula
Kuphelela ezinqulwini
Eyakho inde!
Iye yashaya
KuVoster ePitoli
Kwazamazama uM C Botha
INdlov’enebatha
Kwabamhloph’abelungu
Umgud’ubomvu
Ubheke kwaNongoma,
INdlunkulu yehla yenyukanyuka,
Ngebhasi likaMatimati Zazini.
Eladuka laduka
Beyogingq’izithupha.
Bethi Ndaba
Ngek’ubuse kawukaqini,
UQasa likaWasa*
Inkom’esengwa yiViyo,
UZiyayinhlonhlonga!*
Inkom’ethandwa zibawu
Suk’eduze komuntu wami
Ndaba ngiyagulelwa,
Ufulathel’uBombo lwabhidlika,
Ukhulumis’uLuthwethwe
Lapha kumaBhunu,
Kuye kwazonda uBhondi
BenoKhwashakhwasha,
Ziyeke lezo nkomo
Ukuzikhiph’amakhalane
Kaziseluswe nguwe
Sezeluswe yiNdlondlo
Yakithi kwaKhethomthandayo,
UMthunduluka ovuthwe ngeNala
NgowokaThayiza Mdlokombana!
Vuk’ume ngentaba
Udl’amadoda
Umlandeli webhodw’eliconsayo
USocije uMagwaza loshayizaququ
Impi yeqhathwe nguMathangetshitshi
Ezalwa nguMaswabhula
Lapha kwaMgiliji eMahhashini
Uyeqhathe ngesinqe
Ngob’esab’ukungena
Ethwel’idlokolo eNdlunkulu
Usihlangu simagqabha
Sinamanxeba
Sagudl’iVuna
Ngiyesab’ukukubiza ngegama
UnguNtabankul’uLangakazi
INkosi yakith’eNaleni
Eshawodwe nguChampion
UMhlathi kwezephephandaba
UMthente kaJama
Ohlab’usamila
Usekelwe yiNdlunkulu
NgeyakwaDlushiye
UMwelela kweliphesheya
UMzac’ozikhombamaNguni
Usejamile mame wapheshey’uBhejane
Woz’usize
Usicoshele leyo Nkuna kaNdaba
Indidandidane
Edid’izinsuku
Namhla okaNdaba
Eyakubuya phesheya
UZulu neNdlunkulu
Bebheke ngakusasa
Kant’iNkosi
Ifike ngayizolo
Indaba yenziwe nguTorlage
Kwabamhloph’abelungu
Ovul’imigoqo
Ivalwe ngamadod’amabili
Kuval’u-Otty uZulomhlophe
Beno-JJ Boshoff uMehlomane
Kwaze kwasa
AMakhosazana esebikelana
Iwuhlabe yawulawula
INkosazana uGretta
Egane kwaShamase
Yalala ingalele
EkaBhusha emaNdebeleni
INyathi kaJama
Empondo zimakopela
Ibhansele ngoManyasa
Obezalwa nguMadwala
Lapha kwaDukuza
KwesikaShaka
UNdab’omuhle kakhulu
Onyembezi zophela ngaphakathi
Mhla eyokhalela
Isizwe sakhe
EThekwini emaDilamini
Kwaze kwagxumagxuma
Umam’omhlophuMaNdlovu
Udadewabo ka-JJ Boshoff
Kwabamhloph’abelungu
Izul’elibhul’umlilo ngamazwi
Abanye bewubhula ngamahlahla
Ubaswe yinxokonxoko ngeyakwaMagenqe
Yini lena
Eyenzek’eThekwini?
Wabakhuzel’izimpukane zakho Ndaba
Izingqapheli zakukhiph’ephepheni
Ushishiliza kwelimahholo
Limhlabe limbhedule
UNzuza benoNhleko
EZikanekisweni
UGwajumbe noMazibuko
EZinyangeni zasoSuthu
Seziyobabhule mhlahlo
Ndaba zibanuke
Ibhubes’elimthende likaNdaba
Elidlule lishishiliza
Phakathi kwezintaba ezimbili
KweliMasilo neliMasilwanyana
KwelaseFlayistata
Kuye kwagxumagxuma
UKlenyeklenye
Ezalwa kwaCebekhulu
‘Ngalakithi lelo Bhubesi eMahhashini’
Belidilay’izintaba
KungezePitoli
Liphekezelwa nguMister Sondag
Igug’elihle likaKekana
Kade ehamb’ezibuka ngalo
Ebhek’eMamelodi
Udaxe wadaxa Mtaka Ndaba
Simumumu uvuka ntambama
Udaxabula uKuka wakh’ekuphekela
UMhlahlandlela ngowaMakhosi
NgowawoCetshwayo
NgowawoMpande
Onyawo zinhle MtakaNdaba
Ezingakhethi mabala
Ezigxobe lapho kungakaze
Kunyathele khona
EzawoYise noYisemkhulu
Ibhek’amaged’avuleka
NangakwaMahamba
Nowayengenapasi napasipothi
Simethuke eseseSwazini
Yakhethelwa zingane
NgezakwaLobamba
Zathi thatha Ndaba
Nanku umqamelo wakhe
Uyoziqamelela ngaw’eNaleni
UNompunyumpunywana*
INkunz’abayibambe
Ngandlebende yaphunyula
OYise beyivalela ngehlahla
Bethi Ndab’ungaluwel’uPhongolo
Uyodayisa ngezwe likaSenzangakhona
KwelakwaNgwane
INkunz’ekhwele phezu kwezintaba
ZaseMabane
Amabombo yawajikijel’eZitheni
UShabalala waxhaphazela isisu wazihhudela
Wabhal’ubunwayinwayi
Uyajabula mfundi weLanga
Wen’owaz’amang’asephepheni
UNdab’omuhle kakhulu*
Ohlasela ngothando
Lokwandisa abakaMthaniya
Abanye behlasela ngamaAK 47
Ngikuthanda uhlasela
Ngothando kwabakwaNgwane
Zanqundeka izikhali zaseNgwavuma
INkos’ethombel’ehlathini
Amany’aMakhosi
Ethombel’ezindlini
Ikhiph’izinkomo
Zehla ngohhologo
Zibheke kwaMshanelo
Kwagijim’uQholobana
Ezalw’emaNkwanyaneni
Wayobikel’uMzweni
UMzweni wazihudela
Kwamanz’ibheshu
Esehl’enyuka
Mfula kaNdab’ungenise kabi
Ngob’ungenise wenyuka
Eminy’imifula
Ingenis’ibhek’ezansi
Usibambana Nkunzi
Beyesaba eMbumbulu
Wambamb’uHlengwa qede
Kwephuk’uMkhonto kaShaka
Mgoq’ovalel’izinkomo zaseSusweni*
Athul’amaThembu
Angaz’asho lutho
Ukhulumis’uMkhwintshi
Esilevu simhlophe
Kwezinde zikaNyangantathu
Wamjika phansi koludumayo
Wavuka sesibomvana
UMhlob’omuhl’eNdlunkulu
UDokotela uBerker
Kwabamhloph’abelungu
UNogwaj’ozokhundlakhundla*
Esinye ngesokulala
Esinye ngesokwethamela
Indaba yenziwe nguMadondo
Othath’izinkomo zakaManqele
Wazidida nezeNkosi
Kube kazi madod’aseDumbe
Nithule nithini
Uvava lweNkunzi*
Yakithi kwaKhethomthandayo
Kayigweb’ichoma ngazo zombili
Shintsha!
UShintsh’ibhulakifesi
Walenz’idina
Dubula begagasa
Bethi liyahlohl’iTheku
Usikhiphi sabadala
Kuyakusala kungen’abasha
Inkungu eyembath’izintaba zakwaDayeni
Kwadidek’amadod’amadala
Nanamuhla lokhu asadidekile
Indaba yenziwe nguMalinga
Ezalwa kwaZondo
Uland’iNkunzi yakithi
KwaKhethomthandayo
Yafike yawafuz’amaxhiba
Kwavela nokwakufihliwe
Wadeda uMagayisa
INkosana abayibeka beyiphika
KwabakwaMvundlane
Ulotsholelwe ngehem’eMdletsheni
Kwalilizel’umam’uMaMthethwa
Wathi,’Li li li li! Yaze yangen’INkos’ekhaya’
UNdaba bambas’eyinyama
Lapha kwaKhiphunyawo
Wajika wayiqaqa
Wanukel’uMkhunjini
Ezalw’emaNdlovini
Umbambi weMpak’endala kwaDleka
Ingabe ihamba phansi nje
Ingumswenya yini
Impaka enkulu ngeyakwaBongumenzi
Eyeza ngehlombe eNdlunkulu
Yafike yaqathaka kithi eMkhontweni
Zenabe kab’izintanga zakho Ndaba
Zenabele kwaYizenze
KwaNdwandwe kwaKhabengathandi
INkos’ebhala ngemvubu
Amany’aMakhos’ebhala ngepensela
Lagida!
Ligide liphindelela
Wambamb’uSigoma
Khona kwaNdwandwe
Ekhakonyoko koHlokolo
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabi ndaba zalutho
Walobola wazilanda
Khona kwaSitholana
Washishiliza ngoNdwandwe
UHomu kwabaseNgwanenja
Wayikhipha eyomnyatheliso
Ugadle ngenduku yombangandlala
Ngob’ugadle ngoMntwana uSibuko
BenoNzuza
Sangom’esibhula
Umhlahlo ngomthndazo
Sezehlulekil’ezemiyeko
Iphakule naleyo ungayesabi
Inkulu ngeyakwenu nguLangakazi
IZul’elidume phakathi
Kwezintab’ezimbili
Phakathi kweSigwegwe noLangakazi
Umbani lawuhlaba ezintabeni zakoMbuzi
Lamudl’uMafehla
Ezalwa kwaKhambule
Umsizi waphumela kuVovo
Ezalw’emaNseleni
Baphuma baphatheka
Sekuyakujabul’umfazi wakoNoziyingili
Oyakubona lelo thambo likaMndindili
UMhamb’esakh’amanxiwa
INkunz’ejam’okhalwen’olude
KuMavumengwana
Zanyamalal’ezikaSitshulu
Ezalwa kwaButhelezi
Yajama phezu kweNkuzana
Zanyamalala ezikaKali benoGelegele
Athule nje amadod’akwaSithole
Kawaz’asho lutho
Imbenembena inkulu inkabi
NgekaBhush’obukhali
Iyeke C J Mthethwa !
Isikhulile!
Kayisavum’ukuy’ejokeni
Iyakunqamula amazinyo
Bayigqogqe ngezikeyi yaze yavuma
Inyon’abayibize ngephuphu
Ekusen’Ondini
Ntambama yandiza qede
Yanqamul’amajoka
Zasal’iZikhulu zikaHulumeni wakwaZulu
Sezibhekis’amakhanda phansi
Bath’uthekwan’uphezu kwendl’Ondini
Uhlolizul’ukuduma
Kalisadumi eNkalakuthaba
Liyamjabhis’uSotshwebhu
UShifu Wiphu
Ezalwa kwaChonco
Ngananti ihansi elidala
Lakithi eMfangibhekile
Lihehez’izindaba liyabaxabanisa
Ikhowe ebelizakuqhibukela u-P.W.Botha
Kaliqhibulanga uHansmeyer
Kith’Ondini
Ukhulumis’uBadenhosrt MtakaNdaba
EziMantshini kwaNongoma
Kwaye kwancibilik’umkhaba
INkosana kaBhush’obukhali
Abayibeka beyibangisa kwezikaDlothovu
Ngocwecwe oluncane nje lwensipho
Lugez’ibandla Ondini
Alwaze lwaphelela ezandleni
Isihluthu umabhula imbawula
INkwaz’emaphikwamhlophe kaBhusha
Ekwakwe ngamadoda Ondini
Ningayithinti lelyo nyoni ngeyezulu
Mhla nayithinta kozamazama
ITheku nolwandle
UDokotela uMfuphi
Inyanga eselapha
Iphikiswa kwezephapha
NgetshelikaFezela
Abaliginqele kwaNodwengu
Lafike laminyana
Untaba zimbili zakhelene
Zintula ngisho ukuxhawulana
Indidakubhalwa
Incwadi ebhalwe nguR.R.Mbongwa
Wayifunda maqede wamyukubala
UHansmeyer kithi kwaNongoma
Ngenganekwan’abayitheth’emini ePitoli
Babefak’izint’ekhanda
Ngoba besaba ukumila izimpondo
Wonakalelwe uKoorhnorf
Lapha kumaBhunu
Ufike kith’Ondini ekhala lide
Wafike walihlephula uMtakaBhush’obukhali
Zawel’iMbekemuzi
ZaweliMfolozi
Zazibhee kuTyson Dlamini eJozini
Zembulek’izinqe
KwabaseMdletsheni
Mfula kaNdaba
Ogobhozekhanda kuMathanzima*
Amaxhosa onke esula izimpandla
Athi’Khini!Mfondini! Kuyanetha!’
Kanti kugobhoz’uMageba
UKhozi lwakith kwaGqikazi
Olugibel’iNkonjane yabelungu
Lwathi qathatha eGazankulu
Nani maGazankulu
Niyizwil’ekaBhushobukhali
IBhubesi ukubingelela
Elinye ngomjojantaba
Zazamazama zonke izintaba zamaGaza
Wabaleka uMhlonishwa
UShifu Gumede wabhangazela
Wanqamula ngaseTshaneni
Uthe eseTshaneni
Wawajika amabombo
Wawabhekisa kithi Ondini
Ugcwalelwe kabi Mageba
Ugcwalelwe ngumfula eGazankulu
Wadondolozela ngeShangan uGasa
Ngisho amaGazankulu ayibonile le ndaba
Umlabalala abawubhale phansi
KwaNoziyingili eManguza
Wehlulekile uShifu uMzimba Tembe
ukuwudlala
Esaba ukugcwala kweNgwavuma
Yacwila itheni tawuzeni dolazi
Isalukazi sangithunuka idolo
Sabhibha isilonda
Sehlula ababholofethi
Wehlulekile uMzamo ezalwa kwaZulu
Wehlulekile uZondo uMalinga kwaDayeni
Kwaye kwehluleka uXaba uMtshebhe
Ngale koPhongolo
Yingqophamlando yakithi kwaNodwengu*
Ewuqophe qede oMngotho noTasi
Benwaya izimpandla ngicikicane
Bathi,’Hhi-i’
Asiyivumi le ndaba
Yimfohlamaguma ngeyakithi*
KwaKhethomthandayo
Iwafohle eMaritzburg
Zajabha izihlwele
Uhalahala bemloyisa
Bethi ngeke
Igide kwaKhethomthandayo
Yagcagca kithi
Ondini olumahlikihlikana
Ngonyaka kunonyaka
Usuhlasele ngothando
Phesheya koMzimvubu
Sibone ngoThabo Mbeki
BenoJacob Zuma
Ukuthi bazobhula amazolo
Omuntu omuhle oza emva kwabo
Ibinda Nkosi !

Ngobese 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Ngobese!

Mqungebe
Donda
Mthinti
Ntinda

Ndaba 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Ndaba

Mwelase,
Mthiyane,
Mhlungu,
Madela,
Dubazane,
Longode,
Wena ongaweli ngazibuko,
Wela ngezimpambosi zomfula,
Masinga asilele,
Mididwa emnyama,
OMalobola mbiza zawo tshani
Nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.
Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,
Ahhhhhhh ndabezitha!!!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Ndaba-
Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! No Whatsapp please.


Price: R200.00

Myeni 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Myeni

Mdolomba
Mzukase,
Mnguni wasenhla
Wena waseNingizimu
Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya
Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa
Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane
Mdlomba kaDuma
Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala
Ngwenya kaMalambe
Mzimela
Mziyankatha

Thwala 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Thwala

Thwala!
Msani!
Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,
Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,
Mvuna, Mageza Ngobisi…
Mqadi
Mbuyisa, Hlobose, Nobela,
Sosingathi, Jakaja…
Mpofana
Ntombela, Zulu…
Mpanza
Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwela, Dubandlela,
Soyikasi, Mzingane, Donda…
Motha
Mvulane, Nyamande, Thwala…

Nkabinde 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Nkabinde

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi
Ubusika nehlobo.

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: