clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: February 2016

Shabalala 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Shabalala

Mshengu
Donga kuka Mavuso
Sidwaba silu Thuli
Ngxabalala
Chagwe
Noyaba
Mabhedla
Thapo
Thingisi
Shevi
Bhuqa
Sayiwana
Bhokwe
Samanisi
Mehlwempi
Nkosikayikho
Phikindaba
Magudulela
Sagqubha
Ndleko
Moniwa

Tembe 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Tembe

Mthonga
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel’abahloti
Mlawu wantshenga
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama
Kameli bahluthi
Ngwanase
Noziyingili

Sibande 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Sibande

Goje  kuhlase mdlanyoka ndzenge loncama netitho takhe, 
emandzenge abitiwe kangwane abitelwe umuti uyagedzagedza enkosini.

Mbatha 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Mbatha

Mbatha, Shandu ka Ndaba;
Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
Ndabezitha!

U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
Mazalankosi;
Mavungama;
Mathabathanyawo;
Makhabaluthuli;
Makhubanothuli;

Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!

Ubhabha ku Gwaza;
UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;

UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
Uzihlabathi zolwandle;
Ebe emkhulu engange Zulu;

Wena ka Magizagiza;
Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
Yena abathi uShaka akashayeki;
Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
Futhi uyohlala uyi Nkosi;
Ndaba ko Mkhulu!
Wo! Nyathi!

Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
Magwaza aphindelele njenge Zulu;
Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;

Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Ndabezitha!
Ndaba ko Mkhulu!

Mchunu 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Mchunu

Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!

Mbuyazi 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Mbuyazi

Mbuyazi!
Mbonambi!
Ngiba kaNomagama!
Mageza ngobisi amanzi ekhona!
Mabhodla wena owabhodl’ ulwandle lugcwele!
Wawela ngaphesheya, owalamb’ endleleni waze wadla ubukhwebezane!
Nkonyan’ yenkosi!
Mkhosana!

Sithole 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa-Sithole

Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi

Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana

Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni

Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!

Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.

Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!

Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

Zikhona izikibha zakwa Sithole: Whatsapp/call: 061 868 5163


Isibalo Sabantu Abakhuluma IsiZulu eNingizimu ne-Afrika

ISIBALO sabantu abakhuluma IsiZulu eNingizimu ne-Afrika senyukile safika ku
11 587 374.Lesi sibalo sisho ukuthi ulwimi lwesiZulu luyakhula njengoba sihlezi ku 22% kuzilwimi ezikhulunywayo lapha engabade. Ngalokho-ke ngithi asiqhubele siziqhenye ngolwimi lwethu; silukhulume kahle; siluthande.

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: