Clan Names : Mvula
Mvula,
Duma!
Clan Names : Mvula
Mvula,
Duma!
Clan Names : Phakathi
Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.
Clan Names : Sishi
Sishi,
Nzimase,
Mathenjwa,
Ncwaba!
Clan Names : Nhleko
Mgilitsha!
Nyanganduna!
Masomane!
Ngubo yengwe neyengonyama
Mbambo zenyathi
Malinga!
Owalinga izinkomo zenkosi
Mancwanga!
Nyawo zimhlophe.
Clan Names : Sangweni
E! Sangweni
Sango elibanzi
Mangwane ngwadi
Masinga sileke
Nina eningaweli ngezibuko
Eniwela ngezimpande zomfula
Tshani bude bukaNsele
Nina bakaMabelemade
Ancelisumtwana ngaphesheya komfula
Nina bakwaManzezulu.
Others know them like this:
Sangweni, Ngwane elikhulu
Nina bakaZikhali kazilingani nezabafikazana
Abangaweli ngazibuko abawela ngezimpambosi zemifula
Sangwelibanzi elivalwe ngezihlangu zamadoda.
MaNgwane amakhulu.
Clan Names : Ntombela
Mahlobo!
Mpangazitha!
Ninenipheka ngembizende
Isibongesibi
Esingabizwa ngabalandakazi
Sidindi somtshiki!
Ninenishayimpukane ngesibhakela
Niyinqamulamathumbu
Nina bakwaMalandela
NinenizaluZulu
Nina bakwaLuswazi
Dlukula!
Nzuza!
Sishosho sikaPhunga noMageba.
Tags: Ntombela Clan, Ntombela izithakazelo, izithakazelo zakwaNtombela, clan name of Ntombela, Ntombela clan praises, praises for Ntombela
Clan Names : Ntsele
E! Ntsele kaLinda Mkhonto
OwalindeSizungwini
Mthwalo wensimbi
Bayisonge bayenzumqhele
Nsele yenduna
Nina bakwaSiziba silala ingonyama
Madelisidumb adlumlenze
Athi amagwala azambalekele
Nina bakaLutholwa
Zingakatholwa zonkeizizwe
Ninenabambingonyamaizwa
Naxoshiswa ngezinkomo
Zwane!
Mthanti!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén