clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: May 2019 Page 3 of 25

Aliko Dangote Net Worth

As of March 2019, he had an estimated net worth of US$10.6 billion. Dangote is ranked by Forbes magazine as the 100th-richest person in the world and the richest in Africa, and peaked on the list as the 23rd-richest person in the world in 2014.

Current Net Worth: $11.1 Billion

Mkoko surname

Mkoko praise name

Abakwa Mbhele 😍 Imvelaphi yakwa Mbhele

Abantu bakwaMbhele bazalana kanye nabakwaNtuli kanye nabakwaShabangu. Banobuhlobo nabaseMaHlutshini. UMbhele wayelamana noZingili noNkosi II (wesibili) ogcine ezala abantu baseMaHlutshini. UZingili ugcine ezala isizwe samaZingili, uMbhele uzale isizwe saMaBhele.

Bobathathu bebezalwa nguDlamini II (wesibili) obebusa eSwaziland okusibeka ekutheni baphume kwaDlamini. Lababantu basemigedeni ngabasentabeni yaseLenge, ngasemfuleni iWasbank ngaseMnambithi. Ngabantu laba abebefuyile, imfuyo yabo idla eduze nemigede yabo.

Ngesikhathi besemigedeni, kubhoke indlala badlana bodwa nabanye abebezidlulela ngendlela kwagcina sebaziwa ngamazimuzimu. Okunamhlanje abantu bakwaMbhele babizwa ngamazimuzimu. INkosi uSenzangakhona yabacela ukuba baphume emigedeni yabo. Ngaleso sikhathi bebebuswa nguMahlaphahlapha wakhona eMaBheleni.

Umuntu ogqame kakhulu kulababantu, nguSompisi kaGuqa Msalela kaNontshingila. USompisi ubengahambisani nokudla abantu. Usuke nabanye abebengahambisani nalowo mkhuba, behla nezwe bazokhonza KwaZulu kuSenzangakhona kaJama.

Ngesikhathi beza KwaZulu, bebeqhuba izinkomo zabo sekubonakala ngezintuli ebezisuswa yizinkomo. Phakathi kwezingane zikaSompisi ayehamba nazo singabala inkosana yakhe, uGwatshaza, uNdlela, uMahawule noBhibhi indodakazi. UNdwane uzalelwe KwaZulu. Kuthe besanda ukufika KwaZulu inkosana uGwatshaza yashona.

Ekufikeni kukaSompisi KwaZulu, uzakhele igama eNkosini uSenzangakhona. Ngesikhathi ezocela indawo ezokhonza enkosini, imbuze ukuthi ungubani, zayichazela izinduna zayo inkosi ukuthi ungumholi walaba bantu ababonakele ngezintuli ngesikhathi behla ezintabeni nezinkomo zabo. Inkosi uSenzangakhona ithe “O! NingabakwaNtuli zankomo.”

Kusukela lapho ke kwabe sekuthiwa ngabakwaNtuli. Njengoba kushiwo ukuthi uSompisi uzakhele igama eNdlunkulu kwazise wayenobuciko bokupheka izinkobe nenyama. Ugcine esephekela iNkosi uSenzangakhona lapho wazithola esebizwa ngoNkobe. UBhibhi indodakazi kaSompisi, igcine igana inkosi uSenzangakhona, yazala uSigujana nendod

Abakwa Ngema 😍 Imvelaphi yakwaNgema Clan

AbakwaNgema, bazithakazela ngoMadlokovu, ntusi yenkomo, Mngadi, Nene, sthenjwa, muji, wena wasengweni, sabela uyabizwa enkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kamalandela, nina baseMfule, goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala, sthuli sasengweni esingasho lutho kumuntu, madlokovu ongengakanani ngoba nsasentendeni yesandla uyanela wena kamanukuza.

UMLANDO WAKWA NGEMA:

Imvelaphi yabakwa-Ngema iqhamuka esizweni samaNguni esabe siholwa inkosi uShaka kasenzangakhona, phakathi kwaso kuvela nezinye izibongo ezibandakanya abakwaNtusi nabakwaNene. langa limbe uMalandela owayezalwa insizwa kaNguni uNguni kaGumede wasuka nebutho lakhe owayelihola balibethuza balibhekisa eNyakatho nekwaZulu natali baye bayofika endaweni eyayaziwa ngokuthi iseMfule, ngaseMelmoth, sebehambe ibanga elide kwathi phakathi nendlela bah

Matsoari Clan 😍 Izithakazelo

Motsoari is a surname we inherit after ran away from Tugela in 1816 under the house of Dlambula, even we are the small house of Ntshangase, my name is Tieho, kaLikhomo, Likhomo kaLanga, Langa kaLikhomo, Likhomo ka Phayi, Phayi kaMotsoari, Motsoari kaChakela, Chakela kaMnakali, Mnakali kaNtshangase, Ntshangase kaDlambula, etc

Nyawo Clan names

NYAWO
DUMAKUDE, MLABA , THANDA ABANTU BENGAKUTHANDI , SAMBANE, PHUMA EHLATHITHINI KWENILE, KUGCWELE IZINGWE NEZINGONYAMA

Nkwali Clan History 😍 Abakwa Nkwali

Nkwali (Mfengu/Hlubi clan name: bhukula, Mkhwanazi, Nkwali ye Nkosi). The Nkwalis’s were born ebukhosini (kingdom) buka Ndwandwe and they were famous during the rule of Dlomo the Thembu king.

Nkwali originate from Mkhwanazi ka Ndwandwe. Nkwali joined the amaHlubi tribe. Nkwali gave birth to Mlabatheki who gave birth to Bukula. Same as Bukula, Maphela also comes from Nkwali. Mapela (Xhosa name for cockroach) got the name because he was so wealthy that his wealth was all over like cockroaches.

“…Abakwa Nkwali bazalwa ebukhosini, kunjalo nje baduma kakhulu ngolawulo likaDlomo. UMlabatheki wayengumfo wakwaNkwali; yena uzala uBukula, lo ufungwayo ngabo. uBukula ngulo wamisela uNtsele kubukhulu bamaHlubi, gokusuka amkhelele amanzi ngophondo ukuba awase kuise-mkhulu uDlomo. AbakwaMaphela isekwa ngabakwaNkwali.

Balifumana eli gama kuba ubutyebi babo buska banyakasela ngokwamaphela, kwaba se kusithiwas ngabakwaMaphela. “Ngabakwa Nkwal’ enkosi, Enyon’ engadliwa ngabafokazana idliwa ngamakhosi.

Ngabakwa Buz’ elikhul’ elagedl’ umhlanga, Kwavel’ amaBuz’ abuzwana. NgabakwaNongubo-ntloko. Abanye bazitetil’ abanye bazithwele. Inkwali yintak’ engcondo zibomvu Edla ikhethe lomfula”

Source: IZiduko zama Hlubi, ngu Henry Masila Ndawo. Published by Lovedale Press, 1939. Found at Rhodes University Library. Last updated 12/03/2013 nguNkwali, uBukula, uThando wakwa Mjebeza kaNokuni ozalwaNgumsithi yena ozalwangu Mjebeza eGobozana eQonce.

Mdunge Clan, Surname Meaning, Mdunge Origin, Mdunge History

Mdunge Clan, Surname Meaning, Mdunge Origin, Mdunge History
The meaning, origin and history of Mdunge surname is not listed.

This surname is prevalent in RSA

Click to add info about this surname

Maphosa Clan, Surname Meaning, Maphosa Origin, Maphosa History

Maphosa Clan, Surname Meaning, Maphosa Origin, Maphosa History
The meaning, origin and history of Maphosa surname is not listed.

This surname is prevalent in RSA

Click to add info about this surname

Sigubudu Clan Names

Qhade lika ngwekazi
sakazi !
sgubudu esikhulu esingafak’mkhala
singawufaka siyawudabula!

Page 3 of 25

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: