clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: June 2019 Page 4 of 10

Maziya Clan Names

Maziya
Mcanco
wena weLangeni
wacedzaLubombo
ngekuhlehletela

History

The clan names and history of the zwane clan

Izithakazelo zakwa Cofu 😍 Umlando / History

Abantu bakwaCofu bangaMaSwati ngokwendabuko.
Bebesondelene kakhulu nabantu lwakwaNdzimandze, bebakhelene eSwatini.
Kuthe uma abantu lwakwaNdzimandze besuka kwelaMaswati bahamba ndawonye ngenxa yokuthi amaCofu ayengabagayi bentelezi eyayiqinise ubukhosi lwakwaNdzimandze.
Lokuhlala ndawonye kugcine sekudide abanye Cofu , abagcine sebezibiza ngoNdzimandze (labo batholakala bakhele isizwe samaBhaca, abasibo oMphephetse kodwa bonabathi bangu Ndzimandze Cofu).
Kubuye kubekhona abazibiza ngoGwala kepha abangathakazeli bathi Mphephetse, nabo bathi Cofu uma benanatela. Laboke bagcwele ko Natal Midlands kuye kuyoshaya koBulwer.
Kubona laboGwala kukhona abazibiza ngoGwala-Hlambisa, nabo basengoCofu.
Iningi labantu bakaCofu batholakala bakhele isizwe saMaphephethe endaweni yaseNanda Dam. Iningi labo bazibiza ngoHlambisa.

UKUQALA KWESIBONGO SAKWA HLAMBISA.
Abantu bakwaHlambisa bangabakwaCofu ngesibongo nendabuko.
Phakathi kokhokho baMaCofu kwakukhona uMageta ngobendze (Mageza ngobende). Kukhona umkhuba wesintu wokuhlonipha uMnumzane wekhaya ngokuthi lingabizwa igama lakhe ngomakoti. Ngenxa yaloko omakoti bakwaCofu baqala bangalisebenzisa igama “UKUGEZA” esikhundleni baqala basebenzisa igama “UKUHLAMBA” . Loko kwenza abantu bagcina sebebiza abantu bakwaCofu ngoHlambisa ngoba uma bezogeza babethi bayahlamba noma bayahlambisa.
Kumanje nje abantu abasebenzisa uHlambisa njengesibongo yibo abaningi kakhulu kwaCofu.
Lonke loluguquko luqhamuke ngenxa yokuzila igama likaMagetangobendze.

Isibongo sangempela wuCofu okumele ngabe bonke labantu bayasisebenzisa.

Sithakazela sithi:
Cofu
Sokholo
Mageza ngobende amanzi ehleli
KaMsana wenyama, okungathi thuqu sekuhlatshiwe
KaNombadlana
KaSihlathi senkomo
KaMalumbo

Khanyile Clan Names

KHANYILE.

Sothole,

S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,

Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,

Odl’isinkwa esinothotho,

Mahamba kancane Sogodi,

Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,

Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,

Ntunjwa kaLanga,

Mthiyane,

Ndwandwe,

Zikode, Mabhuqa,

Ngwane,

ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,

Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Mzangwa

History of Mzangwa

Support staff

I need to know about my surname history and origin

Nene tribe

How did ngema or Nene lost their tribe

Mnadi

Singobani

Izithakazelo zakwa Thenjwayo Clan Names

Thenjwayo
Ncanana
Nsibande
Mathe
Nqotheni
Ysongo
Gabadeli
Nhlamvebizelayo !

Imvelaphi yesibongo

UNgxito uvelaphi?

Page 4 of 10

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: