clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: August 2019 Page 1 of 10

Sifundza Surname

Sifundza Vungandze Msekelave Vundlana lencane umkhemezelwane lingatsi kheme kheme sekwanele sibuyabuyane sibuya nemahlahla ebulandzeni Sutfu Nene Malingela Ntsaba lendze yakuMananga…..

Zizi Clan Names

Zizi mkhonjwa ncokathi Sjekula salakulandelwa Mlambo awuwela uwelwa zinkonjane zona zibhabha emafini kuba zinamaphiko abanzi

Umlando ka Nozibusiso comfort msezane

Nozibusiso comfort msezane wazalwa ngo 1997 12 December ezalwa u ntombizonke majola beno vusimuzi msezane. Wazalelwa endawen yase mondlo wakhulela khona ehlala no gogo wakhe u thabi majola waqala iskole e goqo primary school ngo 2003 wafunda waphuma waya eMondlo secondary school lapho enza khon umantikuletsheni.

Umlando we sizwe sama Thenjwayo nezithakazelo saso

Ngiyi ndodana yokuqala,noma ngiyizibulo lika Dumsan Toli Nqotheni (Thenjwayo,Ncanana, Mpindela, Gabadela)

no Thandi Mhlongo (Langeni,Bhebhe, Soyengwase,Njomane)…
Isizwe sama Thenjwayo (Nqotheni,Mathe,Ncanana, Dlakude…)
Lesisizwe siqhamuka enkabazwe,siwuzalo luka Mfeyane,owayezele amadodana amaningi okufaka kuwo uNcanana owayeyizibulo,kube no Mathe,kube no Nqotheni, kube no Mkhweswa,no Dlakude no Sibanda no Songo noma Yisongo kanye nabanye.Lesisizwe safika eSwatini siqhamuka enkabazwe kungama Nguni ngoluhlu lwezizwe.ama Thenjwayo afike eSwatini eholwa wu Ncanana futhi babebizwa labantu ngokuthi abakwa Ncanana.

Bafike eSwatini baganiselana nenkosi yema Swati eyayibusa ngaleso sikhathi, inkosazane yakwa Ncanana yagana ebukhosini bema Swati. Abakwa Ncanana (njengoba bebaziwa kanjalo ngaleso sikhathi) babe nomkhuba wokuthi njalo bahlabe,bese bapha inkosi yama Swati inyama,bazakhela ugazi enkosini yabathanda abakwa Ncanana. Kuthe ekubona emaSwati loko angakuthanda ase ethi “laba oThenjwayo” ngoba bese bethenjwa kakhulu yinkosi yama Swati.

Ase ama Swati ebakhela uzungu laba bakwa Thenjwayo,ama Swati ase wabulala umuntu amthatha ebusuku ambeka ngase sangweni lakwa Thenjwayo,ezama ukubanyundela enkosini,ukuze kuzothiwa babulala abantu.Nangempela sebezwile abaka Thenjwayo ukuthi ama Swati ahlela ukubahlasela.Ama Thenjwayo abese ashaya uNkatho (umhlangano) okwakuzodingidwa kulo ukuthi kuzo hanjwa kuyiwephi,abanye abayanga kulolo nkatho kwase kuthiwa abo Mzilankatho ngoba bezile uNkatho.

Abaleka ama Thenjwayo eSwatini,ehlaselwa ngama Swati,awela umfula esebenzisa izihlenge Kanye nezingodo,ebambelele emashobeni ezinkomo,loku kwakwenziwa abadala nabantwana.kwaba khona ukuhlukana phakathi kwama Thenjwayo esefudukile eSwatini,uMathe wathatha ingxenye yabantu wahamba nayo,no Ncanana naye waqembuka,ama Thenjwayo uwathola kulo lonke leli leningizimu Africa Kanye nako Zimbabwe nako Mozambique,abanye base Botswana,baziwa ngo Mathe.Abanye bagudla ulwandle kwarhiwa oDonga,bayongena eMozambique,abanye bayongena ehlathini eDukuduku labafike bathola khona abantu bakwa Mpukunyoni (okukhona abantu bakwa Mkhanazi), labantu bakwa Mpukunyoni babandlulula abantu bakwa Mathe bababiza ngama Thonga,yingakho amaThenjwayo mawezithakazela azibiza ngo Thonga. Labo Mathe abase Zimbabwe bahamba nenduna yenkosi uMzilikazi mhla bebaleka neynkomo zeLembe zekhethelelo,bangama Thenjwayo labo bo Mathe

Aphuma ama Thenjwayo ka Mathe eDukuduku ngokuphela kwempi ka Mandlakazi,amanye ahamba angena emaXhoseni abizwa ngo Mathebe nabo Mathebesi,bandlula abanye oMathebesi baya eKapa bafike baganana nama coloured,base bebizwa ngo Matthews.Labo Mathe asebebizwa ngo Matthews abanye babo bafuduka babuyela eDukuduku nakwa Zulu Natal ebantwini bakubo base befika babizwa ngo Mathebesi nabo Mathe futhi,abanye babuyela eSwatini ngoba bethi bona bakhumbule iyntombi zabo.

AmaThenjwayo ayeholwa wu Nqotheni aqonda kwa Zulu afikela kwa Dukuza,ama Thenjwayo lawa noma abakwa Nqotheni baziwa kakhulu ngobuchule babo ekwakheni izinto,phela yibo lababantu abafika kwa Zulu nokushisela ukhamba Uma uqeda ukulwakha,bengakafiki bona iynkamba zazakhiwa kodwa zingashiselwa.

Imikhuba yama Thenjwayo
Ama Thenjwayo awangenani.uma omunye eshonile akamngeni umfazi kamfowabo.
AmaThenjwayo awayibhemi insangu,kuthiwa umuntu walesizwe Uma ebhema insangu uyagula ngekhanda.
AmaThenjwayo awabuphuzi utshwala,futhi awawubhemi nogwayi,kukholelwa ekutheni Uma uye wakwenza loku ubese uyandlulela.
AmaThenjwayo awazilahli izingane namakhosikazi wawo,ayawunakekela umndeni nesizwe ukuze adlondlobale.
AmaThenjwayo ayaye ahlabe njalo abungaze nabantu bendawo noma kunge kona ukuthi kunomcimbi or umsebenzi futhi awakhohlwa yidl*z* nama th-ng*.

IZITHAKAZELO ZAMA THENJWAYO
Mfeyane.
Ncanana ka Mfeyane.
Mathe ka Mfeyane.
Gabadela ka Mpukushwane.
Mzilankatho ngokuzila uNkatho kwelama Swati.
Thenjwayo ngokuthenjwa ngamakhosi.
Mpindela ngokuphindela eynkomemi zabafokazane.
Zigqoza ezimakhand’abomvu.
Dwabase ka Sothethwa.
Nhlangothi.
Mkhomazi ongagcwali ngamanzi ogcwala ngomoya.
Ntswelazitha.
Somtoto.
Mviyaphi.
Donga ngokugudla ulwandle.
Mnjonjo.
Matthews.
Nqotheni
Wena owadl’ umuntu nomzala wakhe
Songo
Wena wemiyakayaka ogijimisa islwane phezulu.Ntsika zimbili enye iyaphika enye iyavuma,zithi Nqotheni uvuma kahle ngob’uvuma amanga namaqiniso.
Ntuthwane eyehka yenyuka.
Mkhonto awulotsholwa eduzane kodwa ulotsholwa ezizweni.
Thonga ngokubandlululwa kwelase Dukuduku.
Sokhaya
Dlakude
Gubevu olumehlo abomvu.
Wena owagubhezel’umuntu nge hhemu lakhe.
Mabulal’ afihle onjenge shikane.
Mathanga amahle ngath’ afun’ ukwenziwa.
Mkhweswa
Sibanda

Izithakazelo zakwaNsimbini

Ngicel niningisiza ngezithakazelo zakwaNsimbini

Izithakazelo Zakwa Mngonyama 😍 Clan Names

Mngonyama Clan Names 😍 Izithakazelo zakwa Mngonyama
MNGONYAMA,
Gamedze,
Silo Eskhulu,
Mgele Kesilwa,
Mandlakazi,
Mawomase,
Mphubane,
Mbewu Engenakhoba !

Simelane Clan

Simelane
Mpembe laka lokothwayo

IZITHAKAZELO ZAKWA KHALISHWAYO

IZITHAKAZELO ZAKWA KHALISHWAYO:

  • KHALISHWAYO
  • MHLOPHE
  • NDANDAZA 
  • MATHUNJWA
  • WENA WASOSHABENI
  • WENOPHAKELINDOD’EHLEPHEZILE
  • WENONHLUNU’MHLOPHE.
  • MHLOPHE OMUHLE NJENGOMATHUNJWA WASO SHABENI.
  • KHALISHWAYO.

BY MPUMELELO MATHEWS KHALISHWAYO

MaNkomose

Malinga,wena owalinga izintaba zaganana

Dlodlo Clan Praises

Dlodlo
Mabanga
mpangazitha
mntingi
mashiya amalhe
Wena ongena qwalo iqwalo lakho idolo lokho
zikanjaloke ezakwa Dlodlo mabanga Sithole

Page 1 of 10

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: