The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.
AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…
Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…
Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…
Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…
Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…
Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…
Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.
Popular people from Dlamini last name
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]
Royalty from Dlamini last name
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.
Lebo
Sanibonani Madlamini amahle…
Igama ngingu Lebohang Litiba (uDlamini)….ngiwumzulu (stukulu) kaMatiti ozalwa wuMbhebhe “uMbheketla getulu uMagefugefu” sise Matatiele eNtlangini kwaMzongwana….thina skhulume isiPhutshi siyafana nesiSwati.
Ngifuna ukwazi iizithakazelo zasekhaya!
Onolwazi please help…
Bonani Mafa kaDlamini
Labo oDlamini uMntungwa uNdlovu zidl’ ekhaya ngokuswelabelusi ongadleli esityheni sokubolekwa odlela kwesakhe, kodwa ke bonke oDlamini bayahlobana ngoba bazalwa umuntu oyedwa oSibakhulu, oZizi noMntunga noNkosi yingane zikaDlamini lezo
mohato Letuka
Molo Lebohang Leteba nangani ifani yako uyibhale wrong Zizi, mna ndingu Mohato Letuka wase Matatiele kankosi u Masakala nam ndingu Mphuthi Jama, u Leteba utalwa gu Sepere latalwa gu Nkopane latalwa gu Monyane wa Thibela,mine Letuka utalwa gu Moorosi latalwa gu Mokuoane latalwa gu Mokhoebi wha Thibela, ayiba ufuna kuyati lokunyeti Dlamini ugifowunele lakha ku 0732740105,sitokhuluma lokunyeti Zizi utotiyati tohle tidzaba taka Dlamini giyaboga.
Nontobeko Dlamini
Mina ngu Ntobeko Dlamini from Olundi nami ngididekil njengabanye mayelan no Dlamini bt ngangiyaye ngizwe u Anti wami ethakazela ethi……Malandela owalandel iynkomo zamadoda,wen wemfolozi emnyama inketh’ abaweli,wena oqakwebh amatshal ezbunjin ahamba ngokugxamalaza,Luzumane,wena kanyanya omnyama
li
Malandela, ngangizwa bethi UNtombela wayelamana noMalandela. Kusho ukuthi Sisonke ngoba name ngingu Dlamini,Shenge ka Ndaba,Malandela,Luzumane ungabazumi belibele ngoba uyobenza ingozi.imfolozi emnyama inketha baweli,
deli
Li wena izithakazelo zakho zifana nse nezami, nami ngingu Shenge ka Ndaba u Malandela…..ubaba wami wathi sidabuka e Nquthu. kodwa angazi noma kunjalo na.
li
Ndaba, cha thina bathi sadabuka eDlebe kwaZulu ngoba ngisho amathuna amaningi okhokho bethu aSedlebe.
njabulo
NAMI SISI NGINGU-NJABULO OZALWA NGUMA-DLAMINI THINA KHABO-MAMA IZITHAKAZELO ZAKITHI SINGO DLAMINI,SHENGE,SIBALUKHULU,MAGADUZELA,ABANYE BEBIYA NGAMAHLAHLA THINA SIBIYA NGEMKHONTO,WENA WEMFOLOZI EMNYAMA IKHETHA BAWELI
NYANYA NGOKUNYANYA AMANYALA………….
Sibusiso Jama
uLuzumane nguyise kaMalandela……. uMalandela ozale uNtombela: Ntombela wazala UQwabe noZulu…..
Cecil Thambo
linjani bakwethu , mina ngilapha eZimbabwe ko Bulawayo sidingi ndlela yokuza ekhaya.
Nketha Dlamini
Yebo Thambo. Mina nginguNketha Mangoye Dlamini. Lami ngilapha eZimbabwe. Engxenye kungabakuhle abantu bahlangane sixoxe
nkanyiso
igama lami ngingu nkanyiso mnyandu lesi isibongo sakomalume kodwa ngingo wakwa dlamini engifuna ukukwazi kahlehle izithakazelo zakakithi zakwadlamini ngoma angisaqondi ngempela uma ekhona ongangichazela ngindinga ukwazi.
Sibusiso Jama
Very interesting ngoba amaZizi akwaBulawayo bangoMphankomo! UMphankomo lona wasuka eZululand wahamba noMzilikazi……
OMnyandu kwaBulawayo bakhona ene bathi isibongo sabo uMzizi!
Kholiwe
I have recently met this guy, from a Ndebele tribe, his surname is Dlamini. My clan is Dlamini, Zizi, Jama ka Sjadu. I come from Matatiele in a Hlubi tribe… can I date this guy.
MATRIC
yabona lento yakwaDlamini julile to be safe back off ekuthandaneni nomuntu wakhona mina nje ngizitshele lokho umuntu wakwa Dlamin i ngeke ngimthathe
Sibusiso Jama
Phinde sisi! Awukwazi…… umfowenu