Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa !


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

276 thoughts on “Abakwa Dlamini”

  1. Izithakazelo zakwaDlamini Latha

    Malatha amakhulu
    Maquba aluthuli
    Mazawuzawu
    Nina bakaSidwaba sinaluthuli
    Nina enehla ngezintaba zoBombo ngokuhleteleka
    Nina bomfazi uvivi
    Nina bomfazi omaquthu
    Oquthuzela amadoda
    Nina bephango likaMagwekazi
    Nina bakaJikela esekweni
    Abanye bejikela ezindaweni zabo
    Nina bakaJingo Mdlovu
    Nina bakaBheswa ngenkomo.
    Dadazulu

    Reply
    • ngicela ningisize. my problem is this- ngiyasazi isibongo sami nezithakazelo, but ke angikwaz ukubeka amagama ngokulandelana kwawo. i just know that nginguDlamini. Mlangeni Dongadilika, emabele made omunyisa umntwana engaphesheya komfula, angikwazi ke ukuthi siqhubeka njani ma siphela.

      Reply
  2. ULatha uzalwa uDlomothi, Ngesikhathi kuhlukanwa njengoba kuthiwa nina enehla uBombo ngokuhleteleka. Ngizobala amakhosana alendlu. ULatha uzale uZulu. UZulu hayi uZulu Malandela. Uzulu wazala UMashwabada, Ntshawe, Dada,Nceka kanye noMshengu. Bonke abantu bakwaLatha baphuma kulamadodana kaZulu. Kukhona ke abanye bakwaLatha asebakhohlwa nukuthi bangoDlamini. Baye bazibize ngoNdabezitha. Angazi noma ukungazi noma ukudideka. Ngoba bayindlu kaMashwabada. UMashwabada iyona nkosana kaZulu, uZulu wakwaDlamini.

    Yingakho abakwaDlamini Latha uma bebongela uma sebeqede ukudla inyama. Baye bathi Dlamini, Dlamini, Latha, Zulu. Lesisizwe esekhohliwe ukuthi singoDlamini. Uzobathola eMgungundovu kuze kuyoshaya koRichmond., nakoseMkhomazi. Nabo baphuma enkosini uMashwabada. Bazalwa inkosi uMphahlwa eyayinamakhosikazi amathathu. Bazalwa indodana kaMphahlwa okuthiwa uTonqana.

    Amakhosana/noma amkhosi kuze kube manje. Latha, Zulu,Mashwabada,Jokozela, Mphahlwa ,Mahleza,Magwetshana,Ndukuyakhe,Piti,Mduduzi ozala uSibusiso kanye noThuthuko. Ubukhosi balendlu buphele emva kokukhothama kukaMahleza. UMahleza ubephelila early 1900. Ngesikhathi umbuso wamabhunun uthatha izwe kulapho konakala khona. Isizwe sakwaLatha ngesikathathi inkosi uBhambatha Zondi elwa namabhunu naso sasikhona. Ngempi yaseNcome kunelinye iqhawe lakwaLatha Dlamini elalyibambile impini elahlabana kakhulu ngemphi yaseNcome okuyindodana kaDada,Igama layo uMhlakazanhlansi. Izibongo zalo leliqhawe nguMhlakazanhlansi zosala zibashise ozalwa noZiduna. Isizwe sikaMhlakaza uzosithola eMakhabeleni,Msinga kanye nakwaZulu.

    Okunye okubalulekile inkosi uMahleza iyona eyasabalalisa umentshisi KwaZulu. Njengoba abantu babephehla uzwathi. Lokho kwayenza ukuba icebe kakhulu. Lokhu yayikwenza ingakabekwa isabanjelwe uyise uKhondlo. Ukhondlo nguyena ozala uCwazibe. Uye uzwe ke kukhona abazibongela ngomfazi omabele amade oncelisa ingane ngaphesheya komfuna. Inkosi uMahleza yaze yayofika ezweni likaTembe idayisa umentshisi isuka eMsinga. Kulapho yafika yalotsholelwa inkosi yakwaTembe unkosikazi wokuqala. Uma seyibuya ekhaya amaLatha athi ke akusiyena unkosikazi ngoba akalotsholwanga isizwe sakwaLatha. Kungakhokhe kwabe sekuthiwa akathathe intombi yasebukhosini bakwaNgubane.

    Yabe seyiphinda yathatha intombi yakwaDlomo emakhabeleni.

    Reply
  3. San’bona,bengisacela ningiphe umlando ngo Miya ondlangisa

    Reply

Leave a Comment