clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: History Page 4 of 6

Soshangane

Soshangane

Image result for soshangane

Endlini yasekhohlwa kaLanga kaXaba kaLudvonga kaMavuso kwazalwa uManukuza owagcina esebizwa ngoNxumalo. USoshangane uzalwa uZikode kaGasa kaManukuza(Nxumalo) okuyindlu encane yakwaNdwande. Futhi khona kwaNxumalo kwaNxumalo isibongo sakwaMasuku.

USoshangane kwakungenye yezinduna ezikhulu senkosi yamaNdwandwe uZwide, eyakhumuka yalibhekisa eMozambiki behlulwe inkosi yamaZulu uShaka. Nxa efika kulelazwe okaZikode walwa ngendlela ehlukile kuleza zizwe eyakwaZulu wazinqoba kulula. Ngisho namaPutukezi wawanqoba wase akha ubudlelwano babo. Wakha umuzi noma isigodlo wasiqamba ngoyisemkhulu wakhe wathi kuseGazankulu. Uyisemkhulu uGasa.

USoshangane uzale amadodana amaningi kodwa agqama kwaba uMawewe inkosana noMzila ikhohlwa. Ukwathi nxa esekhotheme USoshangane ngoba 1858 ubukhosi kwakufuze buthathwe inkosana uMawewe, kodwa wabangiswa umfowabo uMzila. Okwaliwa kwabonakala ukuthi uMawewe uyanqotshwa, wahamba waya eSwazini enkosini uMswati wesibili oweyeyisihlobo sakhe ezalwa ubabekazi kayisekho uThandiwe kaZwide(laZidze) . Nangemphela ke uMswati 2 wakhipha ibutho eliyolekelela uMawewe elaliholwa uLomahasha wakwaMahlalela lafike lamdudula lamnqoba uMzila, wabaleka wayakocasha kumaPutukezi eDalagubhe(Maputo) . Labuyela emuva ke ibutho elaliholwa uLomahasha wakwaMahlalela.

Wasuka uMawewe wakhipha amabutho ukuyobulala uMzila lena kumaPutukezi, kanti amabutho ezohamba indlela ende efike esekhathale anqotshwe kulula uMzila namaPutukezi. Abuye uMzila ehlasele uMawewe owabalekela kuMswati eSwazini, wafike Mswati wamnika indawo yaseMgobodzi khona eSwazini uMawewe. Wabusela khona eMgobodzi ke uMawewe, basebenzisa uMkhatshwa isibongo iningi labo kodwa bakhona abasebenzisa uNdwandwe kanye noNxumalo. Namuhla kuzalo lukaMawewe kubusa intombazane uKhulile wakwaMkhatshwa khona eMgobodzi eSwazini.

UMzila wabusa kahle eGazankulu nabantu bakhe ehlezi nawo amaPutukezi. Kona kaLanga ekukhothameni kwakhe. I ndodana yakhe uNgungunyane uMdungazwe kaMzila, walwa kakhulu namaPutukezi awehlula aze amthatha waya ekudingisweni ePutukezi eYuropu lapho wabulawelwa khona. Kwazalwa umfowabo uMpisane kaMzila owathatha abantu bakayise wayozinza eMpumalanga naseLimpompo eNingizimu Africa, okwakuthiwa iNtalasifani ngesikhathi soNtamolukhuni(amaBhunu) . Nalamuhla kusabusa oMpisane abangamakhosi okusolo kungoNdwandwe oNxumalo oMkhatshwa. Solo baluzalo laka Soshangane kaZikode kaGasa kaManukuza kaLanga kaXaba kaLudvonga ka Mavuso.

AmaNdwandwe ngabaMbo-Nguni, okusho ukuthi baphuma Mumbo kwaDlamini, ngezimnandi.

Izibongo ezihlobene nazo:

Ndwandwe
Nxumalo
Mkhatshwa
Masuku
Phakathi
Mncwango
Manqele
Mpisane

uManzini kaLokothwayo

Iqhawe laka Zulu, uManzini kaLokothwayo leli

Image may contain: 1 person, standing

uShaka kaSenzangakhona kaJama kaNdaba kaPhunga no Mageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane

Image may contain: one or more people

Umfanekiso isilo sakwaDukuza uShaka kaSenzangakhona kaJama kaNdaba kaPhunga no Mageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane.

Umlando oxoxwayo uthi isilo uShaka sizalwa inkosazana yaseLangeni(emaLangeni oDlamini ) uNandi kaBhebhe/ Mhlongo oluzalo luka Lugoloza wakwaDlamini eSwazini endlini yobukhosi lobu ba Mswati 3.

UDlungwane kaNdaba udlungwane wombelebele!
ILembe eleqamanye amalembe ngokukhalipha, uNodumehlezi kaManzi!

Bayedeeee! Zuleliphezulu!

AbaThwa

AbaThwa

No automatic alt text available.

AbaThwa solo bayinzalo kaNtu/Mtu noma bona kwaba abokuqala ukuphuma ngenxa yempilo ababeyiphila yokuhamba bezingela bengahlali ndawonye. Iningi labantu lixova umlando wabantu abamnyama nalokhu okubhalwe ngabelungu ebhayibhelini ngoba befuna ukuzithethelela ekugqilazeni indlu kaNtu. UNtu a kuye na umuntu wokuqala kwabamnyama babekhona abamzalayo nabangaphambili kuye, kodwa kuqala ngaye ukuqambeka kwegama. Abantu endulo babenganawo amabizo.

AbaThwa ke bona bahambe baze bafika kuleli laseNingizimu izwe, kodwa babengagxilile ekuqoqeni isizwe njengezizwe eziningi, bona uma bephilile njena kwakulungile. Iningi labaThwa lagwinywa izizwe ezaqhamuka enhla nezwekazi okungabeNguni, abeSuthu, abeTswana njalo njalo. Izibongo ezingabaThwa ngokwendabuko ezifana no Nxasana noGama zikhona nezinye ,bengibeka isibonelo. Kodwa inzalo yabaThwa ikhona lapha eBotswana ogwadule iKalahari noma seyangena nayo kwimpucuzeko nabo.

Kulesithombe AbaThwa basogwadule lase Botswana, babasa umlilo ngenhlobo endala kungakefiki abelungu basebenzisa uzwathi ukuphehla umlilo.

AmaGcaleka

Amadoda esizwe sakwaXhosa amaGcaleka ngeminyaka yo1900, evunule isintu

Image may contain: 1 person

Isilo uCetshwayo kaMpande

Image may contain: 1 person, indoor

Isilo uCetshwayo kaMpande isona esathwala kanzima empilweni yaso.
Sazondwa ekhaya nangabezizwe abamhlophe, kodwa ke safuza uyise izul’eliphezulu uShaka naye wayezondiwe kubo uyise nasekhakhinina uMakhedama.

Isilo sokuqala ukumbatha izimpahla zabamhlophe futhi nokukhuluma isingisi nokufodwa izithombe kwaqala ngaye kwaZulu.

Wathi noma esebuya phesheya eNgilandi Isilo samaSwati uMbandzeni kaMswati wathumela amanxusa ukuzobona isilo uCetshwayo, okwanguMntanenkosi noMnkonkoni wakwaKunene baphekelezelwa ngemajaha, bafike bamotha umntakaNdaba, uJininindi omnyama uzitho ngokugwegwa kubakayise. BAYEDE wena wendlovu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izihlabani zeSilo uShaka

Izihlabani zeSilo uShaka

Image result for shaka zulu

Lawa amaqhawe ayehlabana ngempela ezimpini zalo iLembe. Yiwo enza kufezeke iphupho lesilo uShaka lokubumba nonke abeNguni ababephakathi komfula uPhongolo noMzimvubu ukuba bakhonze ngaphansi kombuso wakhe. 

Kuqala ngoShaka emakhosini akwaZulu ukuthi kube neNgonyama/isilo. Kanti ubuNgonyama baqalwa uNgwane 3 kaSidwabasiluthuli/Landzandzalukane/Dlamini 3 waseSwazini, owayebusa ngezikhathi zoLanga kaXaba wamaNdwandwe, kwaZulu kwakubusa uJama kaNdaba, kwaMthethwa kwakubusa uJobe ka Khayi.

Nawa ke lamaqhawe eLembe:

-uMgobhozi “ovelentabeni’ Msane
-uMdlaka kaNcidi Ntshangase
-uNqoboka wakwaSokhulu

-uNtshiphi kaShangane Mthethwa
-uNdlela kaSompisi Ntuli
-uNzobo kaSobandli Ntombela
-uManyosi kaDlekezela Mbatha
-uMaphitha kaSojiyisa Zulu
-uMenziwa kaXhoko Biyela

-uMbopha kaSithayi Ntshangase
-uHlathi kaNcidi Ntshangase
-uMzilikazi kaMashobane Khumalo
-uMagidi kaMenziwa Biyela
-uMvudlana kaMenziwa Biyela
-uNgubhane kaNgomane Mdletshe
-uMapholoba kaNgomane
-uManqondo wakwaMagwaza
-uKlwana kaKhoboyela Buthelezi
-uJeqe kaSilwane Buthelezi
-uNdosi kaNondumo Nzuza

Impi yaseSandlwane

Impi yaseSandlwane kwakulwa uZulu namaNgisi. Isilo esasibusa kwabe kunguCetshwayo,uJininindi omnyama uzitho simagwegwe kubakayise, ubhulumlilo eNdulinde!

Amaqhawe ayekhona:

Mkhosana kaMvundlane Biyela
Ntshingwayo kaMahole Khona
Godide kaNdlela Ntuli
Sihayo wakwa Ngabese
Zibhebhu kaMaphitha Zulu
Mehlokazulu kaSihayo
Mkhumbikazulu kaSihayo
Mbopha kaWolizibi Hlabisa
Hayiyane kaMaphitha Zulu

Ingwenyama yemaSwati uSobhuza 2

Ingwenyama yemaSwati uSobhuza 2

Inkweletsheni kaMahlokohla, uNgidingidi madlala kwezimunyama isihlangu!

Image may contain: 3 people, people sitting

Page 4 of 6

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: