clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: History Page 3 of 6

AbakwaMdleleni 😍 Mdleleni History 😍 Umlando Mdleleni

AbakwaMdleleni 😍 Mdleleni History 😍 Umlando Mdleleni 😍 Izithakazelo zabakwa  Mdleleni
Mbulazi
Mkhatshwa
Zikode
Mashobana
Mdleleni
Abantu bakwaMdleleni bangaMantungwa,baphuma kubantu bakwaKhumalo. UMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engumfowabo Mzilikazi, eyindodana kaMashobana njengabo oNzeni, oMzilikazi, oNgonyama oGquqgu nabanye. Imizi kaMashobana kwakuseNdinaneni kwabo Mzilikazi, eNyandeni kwabo Ngonyama owazala abakwaNyandeni, kanye naseNsingweni kwabo Mdleleni . UMashobana wayezele kakhulu izintombi, esengabala kuzo oNozipholo(uMafungwase), uNtanase, uNozinhlwathi(owagana uSikhunyane Dlamini eSwazini, wayengowaseNsingweni), uNgiyalila, uNozinyanga nabanye.
Lesi sizwe saMantungwa saqanjwa ngokhokho waso uMntungwa kaMbulazi. UMntungwa wazala uMabaso endlunkulu noKhumalo ekhohlo. UMabaso wazala uNyathi emzala nendodakazi kaLudwaba wakwaMajozi.UNyathi wazala uMthiyane. KuMabaso kwaphuma abeNtungwa ‎bakwaMabaso. Kuso lesi sibongo sakwaMabaso kwabuye kwakheka ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaHlanguza, esakwaMlilo nezinye.
UKhumalo wazala uMkhatshwa owazala uZikode, uZikode wazala uGasa uMashobana noMagawozi nabanye.UGasa wazala uMagugu, uDonda kanye noSiwela owazala abakwaNkosi Ndlangamandla. UMashobana wazala uMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMdleleni, uMakhatha,uNzeni, uMzilikazi, nabanye. Kuthiwa uMdleleni nguyena owayemdala kuwo wonke amadodana kaMashobana. Kuthiwa wayemdala impela kangangokuthi wayengamzala nomnawakhe uMzilikazi. Phela naye uMashobana kuthiwa wayemdala impela, emdala nakoDonda.
Ngesikhathi iLembe lixabane nenkosi uMzilikazi lake lamyeka uMdleleni, langamhlasela. Waze wahlaselwa nguMbomboshe omnyama(iSilo uDingane), selikhotheme iLembe eleqa amanye. Ingxabano phakathi kweLembe nenkosi uMzilikazi yabangwa izinkomo ezazidliwe kubeSuthu bakaHanesi ngaseHarrismith ithunywe yiLembe.

Ngaleso sikhathi inkosi uMzilikazi yabe ingenye yezinduna zeNgonyama uShaka, yayingakabi inkosi. Kuyaziwa ukuthi mandulo kwakuthi uma iqhawe leNgonyama lidle izinkomo enkosini ethile lezo nkomo lalizethula zonke kuleyo Ngonyama esuke ilithumile /esuke ibusa. Kwakuba yiNgonyama-ke eklomelisa lelo qhawe elidle izinkomo.

INduna yeLembe uMzilikazi(owagcina naye eseyiNgonyama)wagodla ezinye zezinkomo ayezidle kuBeSuthu wangazethula kokaNdaba. Kanti kuzogijima umnewabo uNzeni kaMashobana ayobikela okaNdaba ukuthi ezinye zezinkomo umnwakhe wedlule nazo waziyisa kubo eNdinaneni.
Kuthiwa wathi uma ebuzwa ukuthi kungani engazethulanga zonke izinkomo wakhombisa okukhulu okwedelela. Laphaka impi iLembe yayohlasela eNgome lapho kwakwakhe khona abakwaKhumalo. Kwaliwa impi eyaliwa iziwombe ezimbili.
Isiwombe sokuqala wakwazi ukusinqoba umfoka Mashobana. Kwesesibili kuthiwa wanqotshwa.Kuyilapho -ke athatha isinqumo sokuthi abhekise amabombo enhla. Kwakuwunyaka ka1821 ngenkathi iNgonyama uMzilikazi isuka kwaZulu.
Yasuka yabheka enyakatho, yakha amadlangala endaweni yaseNtabazwe (Harrismith), yathi uma isuka eNtabazwe yabheka ngaseEmerlo ihamba ihlasela ezinye izizwe ngenhloso yokuzakhela ubungonyama. Yakha umuzi waseKuphumuleni ngasesiphethwini soBhalule(Oliphant River) khona eErmelo okwaqanjwa ngawo ilokishi lakhona i-Pumula.
Yahlala eEmerlo kusukela ngonyaka ka1822 kwaze kwaba unyaka ka1825 lapho eyabhekisa amabombo eMosega (Zeerust) yafika yakha amahlalankosi ayo uMkhwahla (induna kunguMkhaliphi Khumalo), uMncwazi (induna kunguMtotobi Mabaso) kanye neGabeni (induna kunguMaqhekeni Sithole). Yahlala kwelabeTswana yaze yasuswa amabhunu kaHendrick Poitgetier ngoLwezi 1837 ngemuva kokushiswa kweGaba, uMkhwahla, kanye noMncwazi ishiswa ngamabhunu kaPoti.
UMdleleni wahlala kwaZulu waze wadudulwa nguVezi(iSilo uDingane) efela izono zomnawa wakhe uMzilikazi. Impi kaVezi yamdudula uMdleleni yaze yayomuweza umfula uMthamvuna . Kuyileso sizathu-ke abantu bakwaMdleleni bande kakhulu kwaXhosa. Esendeni lakhe uMdleleni kwabuye kwaphuma abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo.
Liyavela igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa
‘ Bantu baseNsingweni ninezindaba!
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela abakwaMashobana’
Ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noPhunga noMageba’
Kanti nalo elikaMdleleni liyavela uma kuthiwa
‘Omemeze amaNtungwa akwaSokhumalo
Kasabela uMdlleleni kwasabela uMakhatha’
UMakhatha lona wayengowaseNsingweni elama uNozinhlwathi emnhlane. UNzeni wayezalwa yintombi yakwaMkhwanazi okaBebesi, yena-ke wayelanywa nguNoziwawa. Kuthiwa uNzeni naye wayemdala kakhulu kuMzilikazi. Isenzo sakhe sokuceba umnewabo eNgonyameni uShaka yisona esaholela ekutheni agcine eseyiswe kwagoqanyawo ngumnewabo uMzilikazi, efela bona ubumpimpi.
Liyavela igama likaNzeni ezibongweni zeNgonyama uMzilikazi uma kuthiwa
‘Indaba yenziwe nguNzeni kaSokhumalo
Wazingela ngasemoyeni esikhaleni sikaBhejane
UNakane lwamnamathela emhlane lwamanakashela
Lwaze lwayogqebhuza ngophondo iNtubeni
INkomo zabeNtungwa zenza inqaba
Zagqibula inqaba ngezimpondo
Ngoba zavula iNgome ngezimpondo zahamba”
nguMzilikazi lowo!
ONakane wuhlobo lwezibawu oluthi uma lutinyele inkomo noma umuntu lowo muntu noma leyo nkomo ivele iphathwe isifo se’Nagana disease’, isiphetho kuba ukufa ngoba isifo sonakane aselapheki.
INtubeni ngenye yemizi yeNgonyama uMzilikazi, lowo muzi wawakhelwe kwelaseNgome.
Abantu bakwaMdleleni basabazisa kakhulu ubuhlobo babo nabakwaKhumalo kangangokuthi abaganani nokuganana. Nezithakazelo zabo zifana nse nezakwaKhumalo. INgonyama uMzilikazi yaphinde yayivusa futhi imizi kayise iNdinana kanye neNsingo iwuvusela eNtilasifali.Induna yaseNdinaneni kwakunguMbhungwana kaNyanzamakhanda Mashazi, kwathi ngemuva kokufa kukaMbhungwana induna kwaba nguMfangilele kaMbhungwana. AbakwaMashazi bangaMantshali, phela uMashobana wayezalwa isithole sakhona eMantshalini ingakho indodana yakhe uMzilikazi yayiwakhonze kakhulu aMantshali, ayengomzala bayo.
Induna yaseNsingweni ngesikhathi seSilo uMzilikazi kwakunguSomabhulane waseMaHlutshini.
Izibongo ezihlobene nesakwaMdleleni
Mabaso
Hlanguza
Khumalo
Nkomo
Ngubeni
Ntshona
Mahlambi
Khulu
Macozoma
Mvambi
Phukwana
Phenduka
Nkosi Ndlangamandla
Nyandeni
Nyawose
Cosa
Manzana
Mdletye
Nezinye eziningi

AbakwaMtirara 😍 Mtirara Clan History 😍 Mtirara Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mtirara

AbakwaMtirara 😍 Mtirara Clan History 😍 Mtirara Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mtirara
Nina bakaNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla somdlebe! Enhla nasezansi ngiyabingelela egameni lomlando wakithi kwaMalandela.
Namuhla sizobheka isibongo sakwaMtirara. Laba bantu bakwaMtirara bangaBathembu baseRhoda, bahlobene nabantu bakwaMvelase, Matanzima, Dal‎ingyebo, nabanye.  NgesiZulu isibongo sakwaMtirara siphinyiswa ngokuthi ‘Mthihaha’. Kukhona nomsakazi wakhona kwaMtirara odlala kuMetro FM, igama lakhe nguPaul Mtirara.
Abantu bakwaMtirara akuwona amaXhosa ngokwendabuko. Imvelaphi yabantu bakwaMtirara ikwaZulu eQhudeni. Laba bantu bakwaMtirara bangabesende lika Ndilo umfowabo omncane kaMvelase. Bobabili babengamadodana kaMthembu owazala bonke aBathembu jikelele. Kuthiwa kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMvelase kanye nomnawakhe uNdilo. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uNdilo adube ikhaya abhekise amabombo entshonalanga ayokwakha phakathi komfula uMzimkhulu neKoloni yaseKapa.
Ngesikhathi sombuso weLembe abantu bakwaMtirara babebuswa inkosi uNgubengcuka owabe engumzukulu kaNdilo waseBathenjini. Igama lomuzi wakhe kwakuse Mgwali.   Inkosi uNgubengcuka yazala indlalifa yayo ogama layo kwakunguMtirara iyizala kuNdlunkulu wayo uNonesi indodakazi yenkosi uFaku yaseMampondweni. Kwenye indlu inkosi uNgubengcuka yazala uMnqameni.  Inkosi uNgubengcuka yakhothama ngonyaka ka 1830.
Ngaleso sikhathi uMtirara okwaqanjwa ngaye isibongo wayesemncane kakhulu ngakho-ke ubukhosi bathabathwa nguJoyi umnewabo wenkosi uNgubengcuka owabusa njengeBambabukhosi likaMtirara wayesakhula. Ngenxa yezimpi zakwaZulu ezazishisa bhe ngaleso sikhathi uJoyi ebonisana noNonesi unina kaMtirara bakubona kukuhle ukuthi bafuduke babheke ngase ngaseRhodana endaweni eyaziwa manje ngokuthi iseLady Frere,kwakungunyaka ka 1838 ngaleso sikhathi kanti kwaZulu kwabusa uVezi.
Nakhona eLady Frere abahlalanga isikhathi eside ngoba baphinda bafuduka bayokwakha ngase mfuleni iNdwe endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaGqebenya. Ngaleso sikhathi isizwe sasesiholwa nguNonesi luqobo ngoba uJoyi wayeseshonile, kanti noMtirara wayesemncane engakakulungeli noma engakafiki ezingeni lokubusa.
Kwathi ngonyaka ka 1840 wagcotshwa -ke uMtirara njengenkosi. ‎Ihlalankosi lakhe lalisendaweni yaseRhodana. Inkosi uMtirara yazala amadoda amaningi kodwa kwagqama abathathu nje kuphela. Lawo madodana ngo Ngangelizwe (inkosana), uRhaxoti Mathanzima (ekhohlo) kanye no Mthanta(iqadi).
Inkosi uMtirara yakhothama ngowezi 1855 ngaleso sikhathi indlalifa yayo u Ngangelizwe yayisencane ngakho-ke uGogo wayo uNonesi waphinde wayebambela futhi nayo. UNgangelizwe wagcotshwa ngowezi 1860 nokwathi ngemuva kokugcotshwa kwakhe wakhetha okuyovusa umuzi kayisemkhulu wakhe uNgubengucuka waseMgwali. UGogo uNonesi yena wakhetha ukuqhubeka azihlalele ngase Gqebenya no Mathanzima. KuMathanzima kwabuye kwakheka obunye futhi ubukhosi maBathembu obaziwa ngokuthi ‘amaHala’. Lobo bukhosi namuhla busendaweni yaseCofimvamva.
Kwathi ngemuva kokudliwa kwendawo yaseCofimvamva idliwa ngamaMaGcaleka kwaqokwa inkosi uMathanzima ukuba kube yiyona nkosi yesizukulu sikaMtirara, wachithwa kanjalo uNgangelizwe.
Inkosi uMathanzima yalandelwa indodana yayo inkosi uMhlobo eyalandelwa inkosi uMvuso eyalandelwa umnewabo uDalubuhle owayebambele inkosi uKaizer Mathanzima eyayisakhula. Aah! Daliwonga!
Enye ingxenye yesizwe sakwaMathanzima nansiya endaweni yaseMbembesi ezweni laseZimbabwe. Yona-ke yayifike kuleliya zwe ilethwa nguCecil Rhodes wamaNgisi ngenhloso yokuzophazamisa umbuso weSilo sakwaBulawayo inkosi uLobhengula kaMzilikazi.
Inkosi uKaizer Mathanzima yabekwa ngonyana ka1966, yabusa kwaze kwaba unyaka ka2003 nokuwunyaka eyakhothama ngawo. Aah! Daliwonga!!
 Yona-ke inkosi uKaizer Mathanzima yalandelwa umzukulu wayo uLwandile kaMthetho kaRhaxoti Mathanzima ka Mtirara. Ah! Zwelenkosi!
AbakwaDalindyebo
 ABathembu bakwaDalindyebo nabo baphuma kuNdilo umnawakhe kaMvelase. Bona-ke baphuma endlini encane nokuyindlu kaNtongakazi owalandelwa inkosi uBhomoyi owalandelwa inkosi uCedume owalandelwa inkosi uMnqunti owalandekwa inkosi uNtoyi owalandelwa inkosi uNxeko. UNxeko walandelwa inkosi uDlomo owanqoba umfowabo uHlanga empini yaseMsana kubangwa ubukhosi. Inkosi uDlomo yalandelwa inkosi uHala eyalandelwa inkosi uMadiba eyalandelwa inkosi uTato eyalandelwa inkosi uZondwa eyalandelwa inkosi uNdaba ‎. Inkosi eyayibusa ngonyaka odlule inkosi Buyelekhaya Dalindyebo. Aah!  Zwelibanzi!

AbakwaNzimakwe 😍 Mzimakwe Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mzimakwe

AbakwaNzimakwe 😍 Mzimakwe Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mzimakwe
AbakwaNzimakwe
Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziwe‎ ngokuthi bangaMaphehlukwayo nokuligama likakhokho wabo okuthiwa wayengomunye wamadodana kaNzimakwe.
Elinye igama likaMachi kwakunguNtamonde. UMachi endlini yasekhohlo wazala Thango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe. Kwenye indlu uNdaba wazala uDlezi noNgcukama. Endlunkulu uMachi wazala uNgeleka owazala abakwaChezi kanye nabakwaMachi.
Ngenkathi isizwe samaPhehlukwayo sifika kwaZulu saqala sazinza ngaseHighflats endaweni yaseNtimbankulu. Nakhona abahlalanga isikhathi eside kuleya ndawo, bashesha bafudukela ngaseMtwentweni ngaseningizimu yomfula uMzimkhulu.
Ohambweni lwabo babekade bakanye nabakwaNgceleka,Machi, Chezi, Xolo, nabakwaDlezi. AbakwaNzimakwe baphinda bafuduka sebebodwa bawela umfula uMpenjathi bayokwakha endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaNzimakwe enyakatho yedolobha i-Port Edward. ‎
AbakwaMachi bagcina bezinze endaweni eyaziwa ngokuthi ikwaMachi buqamama nedolobha laseHarding

Kwathi ngonyaka ka 1842 inkosi yamaJali(Ngcolosi) uMphikwa Jali yawela uMthavuna yayocela ukusikelwa indawo yokwakha esizweni saMachi. Nempela yayithola indawo yokwakha iyisikelwa yinkosi uMbonwa Machi eyabe ibusa isizwe sakwaMachi ngaleso sikhathi.

Izithakazelo zakwaNzimakwe
Phehlukwayo
Mbumba
Nyawo zimhlophe
Joba

Umlando AbakwaMaphumulo/Mseleku/Shinga

AbakwaMaphumulo/Mseleku/Shinga

Abantu bakwaMaphumulo bahlobene kakhulu nabakwaZulu nabakwaGumede, ngoba balisende likaMalandela. Phela uMalandela wayezele amadodana nezintombi eziningi.

Umlando uthi labantu bakwaMaphumulo bebakhe eMgungundlovana eduze komfula iHlimbithwa bakhelene nabakwaHlongwa kodwa izimpi zomfecane zabadudulela eMkhomazi. AbakwaMaphumulo indlu enkulu kuthi abakwaMseleku indlu encane okwaphuma khona abakwaShinga. Kuthiwa ukuze kube nasibongo sakwaMseleku kungoba kwathi kunempi babalekela ngasosebeni lolwandle base belibala ukuthi kunempi badla amasenene base bathola isibongo ke sakwaMseleku.

Abantu bakwaMaphumulo babedume ngokushuka izikhumba ngesikhathi kusabusa uShaka. Kwaphinde nangesikhathi sikaMpande kwavele ukhokhovula wenyanga uManembe owasiza uCetshwayo ukunqoba empini yaseNdondakusuka.

Kubantu bakwaMseleku kuphume abakwaDuma nabakwaShinga, bagcine sebengabakwaDumisa. Kwphinde futhi kwaDumisa kwaphuma abakwaGininda,abakwaBongwa nabakwaNdokweni. Niqaphele kunabakwaGinindza eSwazini abaphuma kwaMamba ningabahlanganisi nalabo abaphuma kwaDumisa.

Abantu bakwaShinga babuye baba abakwaNdelu kususelwa egameni likaNdelu kaMangcingci bahluka nabakubo kwaMaphumulo ngezikhathi zomfecane. OShinga bona bazimela gelekeqe bangeyama kwabakwaMaphumulo nabakwaMseleku. Babehlala endaweni yaseLovu abantu bakwaShinga lapho sebeholwa uNovanywa beno Ndelu okwafika amabutho kaShaka abahlasela ebheke kumaMpondo, wasala kulolo hlaselo uNovanywa. Kwathi uNdelu wabaleka nabantu bakubo wayokwakha eMthwalume. Kuthiwa kunenye idoda yakwaShinga ekwakunguMvuzi ebeyakhe eMvoti eyaba namadodana amabili uMzileni noGcwensa okwavela ngawo izibongo ezimbili.

Ukulamana kwaMaphumulo:

UMalandela kaLuzumane uzale uMaphumulo,
UMaphumulo wazala
UMgudode ozale
UZukuzela ozele
UCwalile ozale
UMasiyane ozale
ULubheleni ozale
UDidandlela ozale
UMashimane ozale
UMangcingci ozale
UJeqe ozale
UAmos ozale
UXamu ozale
UMqapheli

uMduduzi Maphumulo esinaye kulendlu Inqolobane Yesintu, uzalwa uGologobomvu kaManzini kaMthelo kaZichwe kaMnyamana kaNgobo kaNkabase kaLubheleni kaMasiyane kaLusibalukhulu kaCwalile kaZukuzela kaMgubode kaMaphumulo kaMalandela kaLuzumane….

Isitopho zakwaMaphumulo:

Maphumulo!
Mashimane
Doncabe
Zikode
Dibandlela
Mgobode
Masiyane
Cwalile

Abakwa Mngomezulu

Abantu bakwa Mngomezulu

Abantu bakwa Mngomezulu ngabeSuthu abaPedi basePolokwane lapho badabuka khona. Lesibongo sidatshulwa uMngomezulu okukholakala ukuthi kwabe kungumholi walesizwe esehla sayohlala ezintabeni zoMdzimba eSwazini. Ngenxa yezimpi ezabe sidalwa inkosi uSomhlolo ekufikeni kwakhe kuleya ndawo, uDlakadla kaMalinga obesekahola abakwaMngomezulu walifulathela wabheka ngaso lwandle.

Ukukhothama kukaDlakadla kubese kubekwa uZondiwe indodana yakhe esihlalweni sobukhosi ngoba wayemdala kuMsunduka. Kuthiwa inzalo yayingabonwa kuZondiwe okwenza ukuthi umfowabo uMsunduka angene enye yamakhosikazi enkosi. Okwathi ngelinye ilanga uMsunduka ephuma endlini kunkosikazi kaZondiwe wambona wase emubiza emtshela ukuthi uyayazi inkinga yakhe akunankinga akamzalele indlalifa. Nangempela yakhulelwa inkosikazi kaZondiwe kwazalwa uLubelo kaZondiwe. Leyo nkosikazi kwaku kaMafulela uwazala uLubelo.

Sahamba isikhathi wagula uZondiwe kwathi sebeseMabantaneni kwamenela lapho wase ekhothama. Wase egcotshwa ukuba yinkosi uLubelo emva kukayise uZondiwe. Inkosi uLubelo ubone izizwe ayakhelene nazo zihlaselwa uShaka kanzima wavele waqhuba izinkomo wayokhonza kuye uShaka, wathi uma ehlasela abomlekelela okaNdaba. Kuleso sikhathi ke uLubelo wakhe umuzi wakhe eNkungwini leyo ndawo iphakathi eSwazini namuhla.

Ukuzalana kwabo;

Mngomezulu uzele
uMdluli noMafu, uMdluli uzale
uMsuthu ozale
uLudonga ozale
uNgwane ozale
uMalinga ozale
uDlakadla ozale uZondiwe, uMsunduka noMbangamuni.

uZondiwe uzale
uLubelo ozale
uMbikiza ozale
uZombizwe,uBhungane noMbalekelwa

uZombizwe uzale
uKhathwayo yena ozale
uMndeni.

Msunduka uzale
uMdludlu ozale
uMboni ozale
uNyambane ozale
uMahembe.

Izithakazelo zako Mngomezulu;

Dlakadla
Mdluli
Msuthu wasenhla
Lukhele
Masok’ anqunu ngemizimba yawo
Makhuba aluthuli ngokukhubana wodwa ezinyaweni
Maphakela indoda edlengelweni
Weba udlele entanyeni
Nina bakaSobhuza
Izingonyama ezidlekhaya ngokuswela umelusi
Mhlanti wendlunkulu
Makhunga!
Skhangisa!
Lukhele qhawe elinjonjo
Nkabanhle nkaba yenkosi!

Umlando wabantu bakwa Bhengu 😍 Izithakazelo zakwa Bhengu

AbakakwaNgcolosi/ Bhengu

Umlando wabantu bakwa Bhengu 😍 Izithakazelo zakwa Bhengu

Umuntu ongukhokho wabantu bakwaBhengu uNgcolosi owayezalwa kwaDlamini eSwazini noma ngithi ayezalwe ngabaseMbo okungu Dlamini 2.

Kuthiwa umzukulwana kaNgwane(Lusibalukhulu) kaShongololo kaNgcolisi, wayenomkhuba wokulalana nodadewa abelamana naye emhlane okwagcina esemkhulelisile. Leso senzo saba ngesibi kakhulu emndenini okwaphoqa ukuthi baxoshwe ekhaya ngoba balingolise ngehlazo. Leyo ndodana eyabhebha ekhaya yaqanjwa isibongo esisha kwathiwa uBhengu. UBhengu ke wahamba wayokwakha ngaphesheya koThukela, endaweni ekuthiwa kukwaNgcolosi eduze koMngeni.

Kuthiwa abakwaBhengu babona amaChunu nabaThembu beshakaziswa inkosi uShaka babona kuncono ukungena ngaphansi kombuso wakhe okwabe kunguMmepho kaNgwane kaLamula lowo. Kuthe sekubusa inkosi uDingane kwaZulu bahlupheka bonke abantu nezizwe ezasihlobene kakhulu noShaka ngoba uDingane wayebahlasela ngenxa yokwesaba ukuthi bangahle bamvukele baphindiselele umngane wabo uShaka. Ngakho bahlaselwa abakwaBhengu inkosi yabo uNkungu kaMmepho wabulawa amabutho kaDingane waphoswa emfuleni uThukela base bebaleka ke abakwaNgolosi baya kwaNtunjambili. Bagcine abanye beyokwakha sesizwe samaQadi. Ubukho obungasemaQadini kuthiwa kuseKupheleni kanti obukwaNtunjambili kuseNyambeni. esinye isibongo esaphuma kwaBhengu esakagwaza bona abakhe eBabanango nakoNtinbingwe.

Ukuzalana kwaNgcolosi

UNgcolosi wazala
UShongololo owazala
UNgwane 1(Lusibalukhulu) owazala uDlabazane, owazala
UBhengu owazala
UNgwabini owazala
UNgwane 2(hhayi amakhosi aseSwazi) owazala
UMmepho owazala
UNkungu, uSijongo noFaku

UNkungu wazala
UHlangabeza,noDlongolo

UDlongolo uzale uMaphitha noVika.

UMaphitha uzale uShopho

UHlangabeza wazala
UMathole, uSidanga noMpisiyenduna.

UFaku wazala uNdlokolo

Indlu yaseHillcrest:

UDlongolo wazala
UVika owazala
UDinabakubo ozele inkosi
UBhekisisa ebusayo.

Indlu yaseNyambeni kwaNtunjambili:

Hlangabeza uzale
Mathole ozale
Hluphizwe ozale
Vusumuzi noNkosikhona

Nkosikhona ubusayo emva komfowabo uVusumuzi ongazalanga inkosana.

Izibongo ezaphuma kwaBhengu :

Jali
Luthuli
Dlongolo

Izithakazelo sakwBhengu:

Ngcolosi
Dlabazane
Ngwane

Isilo uCetshwayo kaMpande

Isilo uCetshwayo kaMpande

Ingonyama uCetshwayo uyisende lesilo uShaka kaSenzangakhona, okwathi nxashana izintombi lezi azabezibizwa ngezimbali zesigodlo kutholakala ukuthi sezizethwele, okwabe kungu Ngqumbazi wakwaZungu noMonase wakwaNxumalo. Izingwevu ezabe sihlangene noMkabayi kaJama nendlovukazi uNandi kaBhebhe waseLangeni unina kaShaka, benza icebo lokuthi lezintombi ngoba sezizethwele akutshelwe uShaka anikeze uMpande lezintombi zigane yena. Kwakwenziwela ukuthi lezingane zikhule ngaphansi kwakhe uMpande kungaziwa ukuthi ngezi kaShaka.

UMPANDE wayengazingeni ezokubuthwa nokuya ezimpini wayezihuqa ngomlotha ahlale ezaleni,ethi uShaka akayekwe athi uma edla emshiyele ukudla akuqedele uMpande. Wabizwa ke uMpande wathi UShaka uzomthathe abafazi ababili emlobolele. Kuthiwa akaphendula uMpande wavele wagiya okwakukokuqala empilweni yakhe ukuthi agiye adlale. Wabuthwa ke uMpande waba nebutho lakhe walotsholelwa uNgqumbazi noMonase wagcagcelwa, wamkhipha kwaDukuza uShaka wayokwakhelwa eNdulinde eMandeni namuhla. Kodwa wamtshela ukuthi uNgqumbazi uyozala inkosi eyobusa emvakwakhe UShaka kodwa lokho Kwamxaka uMpande ukuthi kuyokwenzeka kanjani lokho. UMpande uganiselwa lezintombi akazi ukuthi sevele zikhulelwe. Kodwa kwakufihliwe ukuthi uCetshwayo benoMbuyazwe ngabesende likaShaka ngoba obengaveza lokho wayengayiswa kwagoqanyawo ukudalula izimfihlo zasendlukulu.

Ukuze kuthiwe UCetshwayo kaMpande kungoba phela uShaka akaganwanga izintombi wazendlulisela kuMpande, wakhuliswa uye uMpande. Kwase ke kuvela igama elithi ABANTWANA kushiwo laba besilo uShaka, kuthiwe kunaBANTWANA lapha kwaMpande. Lokhu namuhla abasendlukulu bebizwa ngaBANTWANA njena. Ubukhosi obusabusa namanje obesende likaShaka, ngisho isilo UZWELITHINI KABHEKUZULU solo inzalelwane kaShaka ngqo. Ngizoqhubeka ngo Cetshwayo ngomhlomunye. JINININDI OMNYAMA UMAGWENGWANE NGOKUGWEGWA KUBA KAYISE! BAYEDE WENA WENDLOVU!

Inkosi yakwaMandlakazi uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama

Inkosi yakwaMandlakazi uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama, enomunye wa makhosikazi akhe.

UZIBHEBHU wayengowakwaZulu isibongo owabamba elikhulu iqhaza empini yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka eseka umntwana UCetshwayo. Kuleyompi kwancotshwa umntwana uMbuyazwe kaMpande okwasala naye uqobo nabaningi abantwana abafa kuleyompi, esingabala uMantantashiya kaMpande, uShonkweni kaMpande, uMbheduka kaMpande, uSomklwana kaMpande, uMdomba kaMpande, uDabulesinye kaMpande.

Waphinde uZibhebhu wabamba elinye iqhaza elikhulu empini yaseSandlwana amaZulu elwa nabamhlophe. Wayengelinye lamasekela eqhawe umdidiyeli wempi insizwa endala uNtshingwayo kaMahole wakwaKhoza. Kuthe isilo uCetshwayo siya ekudingisweni ENgilandi samnika umntwana uDinuzulu ukuthi akhulele kuZibhebhu ngenkathi sona siphesheya.

Kodwa ekugcineni uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama uphenduke esikhulu isitha sesilo uCetshwayo ngokuqhathwa abamhlophe nenkosi yakhe. Lokho kuxabana kwadala inzondo enkulu phakathi kwalabangani okwagcina ehlasele oNdini okwakuyisigodlo sesilo uCetshwayo, uZibhebhu. Kwafa cishe izikhulu eziningi zesilo uCetshwayo zibulawa amabutho akhe uZibhebhu okubalwa uGodide kaNdlela kaSompisi, inkosi uSihayo wakwaNgobese, uNtshingwayo kaMahole wakwaKhoza, uMbopha KaWolizibi wakwaHlabisa ewu ngingazibala ngifikephi kodwa.

Kuthe sekubusa isilo uDinuzulu KaCetshwayo waziphindisela kuye uZibhebhu kaMaphitha elwela uyise uCetshwayo. Okwathi empini yakwaNdunu wanqotshwa uZibhebhu kaMaphitha.

Hhaaa! Umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kwesabe amagwala! Nani maswazi yekani ukufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ungowakithi eBhanganoma!

Image may contain: 2 people, people standing and text

Isilo samabandla uDinuzulu kaCetshwayo.

Isilo samabandla uDinuzulu kaCetshwayo.

Image may contain: 1 person, text

Isilo uMamonga woSuthu sathatha izintambo zobungonyama siminyaka engu16 ngemuva kokukhotha kukayise uJininindi omnyama, isilo uCetshwayo. UMamonga uzalwa undlukulu okaMsweli nengonyama uCetshwayo kaMpande kodwa bayisende lesilo esikhulu uShaka kaSenzangakhona.

Image result for Dinuzulu kaCetshwayo

Isilo uMamonga sathwala kunzima kusukela ekukhothaneni kukayise. Salwa izimpi noZibhebhu kaMaphitha siphindiselela uyise owahlaselwa uye okaMaphitha lapho kwacoboshiswa amashumishumi ezikhulu zakwaZulu, nesilo uqobo sathola ukulimala kulolo hlaselo. Isilo uDinuzulu samnqoba uZibhebhu empini yokugcina ekuthiwa eyakwaNdunu.

AmaMpondomise

AmaMpondomise

AmaMpondomise abeNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni, okusho ukuthi badabuka eSwazini kwaDlamini balisende likaLanga Samketi kodwa endlini yasekhohlwa. Umuntu ungukhokho wamaMpondomise uNjanya owayezalwa uSibiside wakwaMkhize. USibiside wayezale amadodana amaningi kodwa inkosana yakhe kwabe kunguMavovo. UNjanya wasekhohlo kodwa wayemdala kakhulu kunoMavovo. Uzale amawele uNjanya okungu Mpondo noMpondomise kwase kuba uXesibe omncane. UMpondo nguyena owahamba kuqala ekhaya baseseSwazini endala ngaseLubombo ezintabeni wagudla ulwandle waze wefika lapho kuthiwa kuseMampondweni namuhla, ehamba nomfowabo uXesibe.
NoMpondomise ulandelile yena walibhekisa lapho sekuseMatatiele khona namuhla waphinde wabuyela kwaZulu lapho akhothamela khona. Washiya inkosana yakhe uNdunu endaweni ekuthiwa iDesi enayo ibusele yakhothamela, ushiye indodana yakhe naye uSikhomo. Naye ubusele khona lapho eDesi, washiya indlalifa yakhe uNjanya 2(wesibili) kwathi ekhohlwa wazala uRhudulu. Naye uNjanya ubusele khona emzini kakhokho wakhe uNdunu eDosini, washiya inkosana yakhe uMalangana.

Sekubusa uMalangana kaNjanya 2, uthathe bonke abantu bakayise enoyisemncane uRhudulu bawela uMzikhulu bayokwakha eBizana. Uhlalile eBizana wakhothamela khona eshiya indodana yakhe uNtose. Naye uNtose ubusele kubo eBizana kodwa kuye kuphume izindlu ezine. AmaCwera,amaMpinga, amaDebeza, amaQanda nazo zaphuma emaMpondomiseni ngoba amaCwera aya emaMpondweni kwathi amaMpinga wona aya kwaXhosa.

Ekukhothameni kukaNtose kuthathe indodana yakhe uNgxina, yena walifulathela elakubo wayobusela eMatatiela lapho efike wathola khona abaThwa, abanye babo kwakungo Nxasana labo Bathwa. Kungakho umlando wamaNxasana amanini bazi ukuthi bangamaMpondomise ngoba afike ababusa kanti bona ngokomdabu bangaBathwa abakwaNxasana.

Uthe uma ke eseMatatiele uNgxina wagana intombi yasemaXesibeni okwaba undlunkulu enye yaba yakwaMthwakazi(abaThwa) kanti asewonke amakhosikazi akhe abesikhombisa(7). Kodwa ngizogxila kubabili owaseXesibeni nowakwaMthwakazi. UDosini inkosana kamaXesibe kuthi kamaMthwakazi inkosana uCira. Bakhule ke abafana laba baze bayokweluka entabeni, ngoba ezazi eyinkosana uDosini aqhathe izwe izinduna zihambe ziyobikela uyise wakhe ngesenzo esibi sikaDosini. Awabize onke amadodana akhe uNgxina awabuze athule kube uCira ukuvumayo okushiwo izinduna. Ithi inkosi angeke esabusa uDosini sekuzobusa uCira emvakwakhe. Alidikile ke ikhaya uDosini ahambe nabalandeli bakhe ayokwakha kuTsolo nalapho afela khona.

Uma esekhotheme uNgxina kuthathe uCira ubukhosi indodana yoMthwakazi naye alandele umfowabo eyokwakha kuTsolo elothana yena. UCira yena waganwa unkosikazi oyedwa inkosana yakhe kwaba uSabe eyathatha emva kukayise nayo yabusela khona eLothana. Esekhotheme uSabe kuthathe indodana yakhe uMte olishiyile ikomkhulu lakubo walibhekisa eMzintlavu lapho abusela khona okwenza izwe lamaMpondomise libe likhulu lisuka eMzikhulu liyoshaya eMthatha.

UMte waliqhatha ke izwe lamaMpondomise kwafa abaningi abantu ngokuthi athe indodana yakhe encane yiyo ezothatha ubukhosi ngemuva kwakhe, kuze kwalamula inkosi uDlomo yabaThembu.
Indondana encane kwanguNgxabani endala kungu Qengebe. Ithe inkosi uDlomo akayokwakha obunye ubukhosi lena eNyandeni lapho kwabusa khona uNgxabani kwathi la ekhaya kwasala kwabusa uQengebe esekhotheme uyise uMte.

UQengebe ubusele khona eZinhlavu kwathi uma ekhothama kwabusa indodana yakhe uMajola. UMajola ulifulathele ikomkhulu wabuye emanxiweni eLothane kuTsolo wabusela khona nakuyilapho akhothamela khona.

UMajola wafihlwa esizibeni eTsitsa, washiya indodana uNgwenya owayecebe kakhulu wakhothama naye wafihlwa esizibeni. Kwathatha unyana wakhe uPhahlo owabusela lapho emzini kayisemkhulu.

UPhahlo ube namakhosikazi amaningi kodwa endlunkulu kwazalwa izintombi ezine zodwa kwangaba nankosana. Abafana bazalwa kwezinye izindlu. Enye yendela emaMpondweni yazala uFaku, enye yendela kwaXhosa yazala uGcaleka, enye yendela emaXesibeni, kwasala eyodwa ogama layo uMamani. Wakhothama ke uPhahlo naye wafihlwa esizibeni okwasekuyisiko lwamakhosi akona kwangaba nankosi. UMamani wamane wenza umhlola kwanguyena ohlala esihlalweni sobukhosi enenkani enjalo uma amadoda ekhuza lomhlola asho ukuwajuqa ayi amyeka wabusa. Mamani wamane wazithathela ubukhsi ekubeni engowesifazane ayikhuza kakhulu amadoda leyonto ngoba babe khona abafowabo kwezinye izindlu. Waphinde wenza isimanga futhi wakhipha ikhulu lezinkomo wazimikisa emaMpondweni. Ethi abayomlobolela khona ingane kaNyawuza. Nangempela ahamba amadoda abuya naye umaNyawuza lo wabayinkosikazi kaMamani eside isikhathi. Kuthe esesuka uMamani lo wabiza omunye wabafowabo ogama lakhe uSontlo wambeka eduze kwakhe. UMamani ke umane ayo lala nonkosikazi wakhe, kuthe ngelinye ilanga kunecala elikhona ekomkhulu wasuka uMamani esihlalweni wathi akuhlale umfowabo uSintlo, bethuka bonke abantu ukuthi sekwenze njani manje. Emva kwalokho uMamani ubethi la kuSontlo akayolala endlini kamaNyawuza nangempela yagana esokeni kuSontlo wadumela khona zasha.

Washona uMamani naye wayofakwa esizibeni njenge nkosi phela. Wasala uSontlo esihlalweni sobukhosi, wakhulelwa umaNyawuza kwathi esengakateti wadunguzela noSontlo wase ebiza umfowabo uMgabisa wathi uma eshona yena abobambela ingane kamaNyawuza ubukhosi. Washona ke uSontlo wayofakwa esizibeni naye. Wabamba ke uMgabisa bamlwisa ke abafowabo kakhulu kwaze kwalamula inkosi uPhalo wamaMpondo endlini yaseNyandeni. Yazalwa ke ingane kaMamani ngesende likaSontlo igama kwaba uMncambe. NoMgabisa wamngena umaNyawuza naye wazalisa umfana uVelelo.

Wabusa ke uMncambe washeshe washona ingane uMyeki,iseyincane kwabamba umfowabo uVelelo owabusa ngesikhathi esinzima sikaShaka kaSenzangakhona kwaZulu. UVelelo walwa noMacingwane owayedungululwe uShaka kwaZulu, walwa noNgoza kaMkhubukeli futhi ababefuna ukuwela uMzimkhulu ababuyisela emuva amaMpondomise. UNgoza washona emaMpondweni lapho ashonela khona. Kwaba uMadzikane naye ebalekela uShaka efuna ukuwela uMzimkhulu wamjikisa ngomkhonto uVelelo kwabe sekuphela isikhathi sakhe sokubusa esekhulile uMyeki kaMncambe wase ethatha ke ubukhosi kuyise mncane.

Kwafika impi kaShaka yawadudula amaMpondomise baweweza umfula uMbashe, athatha yonke imfuyo yabo athi efika amaXhosa nabaThembu namaXesibe wabe esehambile uZulu waphindela emuva. Kungaleso sikhathi ke ubukhosi bamaMpondomise buhlukana phakathi ngoba sekukhona uMditshwa noDiliza njena.
Inkosi uMyeki ibaleke yase yayofika eLady fere azange aphinde abuyele emaMpondomiseni. Kwaphinde kwaphatha uVelelo ngalesosikhathi amaBhaca ayebamise kabi ephethwe uNcaphayi kaMadzikane. Wafa uVelelo ebulawa uNcaphayi kwaphatha indodana yakhe uDiko, naye olwe kakhulu namaBhaca.

UDiko waya enyangeni yamaMpondo efuna intelezi yokubhekana namaBhaca, nangempela wayithola eselekelelwa abaThembu yabambana impi eNyandeni wayinqoba uDiko kwasala umfazi kaMadzikane owazinikela emaMpondomiseni kanye nezwe lonke. UDiko ushone isencane inkosana uMhlotlo. Bahambile oMhlotlo nabanye abakhwetha baya entabeni nokuyilapho afika amaBhaca abathumba bonke. Wase ebanjelwa uMandela kaVelelo ubukhosi. Amkhulula amaBhaca uMhlontlo nabanye abakhwetha wahlangana namabutho akhe wayiphaka impi eya emaBhaceni. Yilapho kwaqhamuka umfundisi womlungu uOsborne wathi kuMhlontlo akangasahlaseli amaBhaca wakuzwa lokho wayeka ke. Umholi wamaBhaca uMakhawula wazinikela ngaphansi kukaMhlontlo ke kanjalo.

Abe esehlukana futhi amaMpondomise kwaba khona kaMhlontlo nakaMditshwa. UMditshwa waphatha kusukela eNqeleni kuya eMthatha kwathi uMhlontlo yena wasuka eMzimkhulu ukuya eMthatha babusa kahle kungempi ke.

Kwathi ngelinye ilanga kwaba nempi enkulu phakathi kukaMditshwa nabaThembu wahamba wayocela amaMpondo enqaba ngoba abewehlula nabo baThembu uma beza ngabodwana. Baze bahlangana amaMpondo nabaThembu lapho uJumba noNdamase wabona okaDiko uMditshwa abuyele emaMpondomiseni akubo kuhlalwe phansi kuvunyelwane ukuthi uMhlontlo ikumkani(isilo) kuthi uMditshwa inkosi. Kwaphinde kwaxatshanwa emampondomiseni uMhlontlo noMditshwa wase uMhlontlo edayisa izwe ngokucela umfundisi Kay ukuthi amcelele uhulumeni wamaNgisi uzomvikela ngo 1873 kwabe ukuphatha kwamaNgisi kusuka eMzimkhulu kuya eMthatha. Umditshwa wathuliswa amaNgisi wathi du naye. Kuthe ke uLangalibalele wathumela izithunywa ukuthi uzovakashela uMhlontlo nangempela walindwa, kwezwakala ukuthi uLanga naMahlubi balwa namaNgisi. Kwaba ukuxabana ke uMhlontlo namaNgisi ngoba wenqaba ukuwalekele kuliwe namaHlubi. Wathi uMhlontlo usazilili ngoba usashonelwe unina basuke abelungu bamethuka, athukuthela amaMpondomise ayobabulala labo belungu. Wabaleka ke uMhlontlo wayocasha kumaMpondo enkosi uMqikela kaFaku bathi uma bembuza emaMpondweni amphika kubelungu ukuthi akaze afika kubo uMhlontlo, wasuka lapho wacela ukucasha enkosini uMshweshwe eLusuthu wavuma wahlala iminyala engu 25. Uthe esehleli eLusuthu wazinikela kuma Roma, kwathi enye insizwa yasemaHlubini yayobikela abelungu ukuthi isilo samaMpondomise siseLusuthu. Salandwa sayiswa enkantolo kwaqulwa icala. Ubuyele ezweni lakhe ngo 1910 wangasahlala kade ukumkani Mhlontlo wakhothama kwathatha unyana wakhe uCharles naye ongahlala kwathatha indodana yakhe uSigidi.

USigidi uzale uDiliza yena wazala uNtabankulu obusela eLothane kuyimanje. UMditshwa wakhishwa ejele azange esahlala washona washiya indodana eyabe ikhonzwe ngabelungu kakhulu yaze yayofunda eNgilandi kwasala indodana yayo uLutshotho.

Page 3 of 6

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: