clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izibongo zamakhosi

Khawula Clan Names

Khawula Clan Names 😍 Khawula Clan Praises

Hlongwa,
Gabhise, Ntobela,
Gidela, Mtumaseli,
Ntanzi!

Izibongo zeNkosi uCetshwayo 😍 Izibongo zamakhosi

Izibongo zeNkosi uCetshwayo
Uzulu laduma obala,
Lapho kungemunga kungemtholo.
UHlamvana bhula mlilo;
Ubaswe uMantshonga benoGqelemana.
Inzima lemnyama,
Engabubende bezingonyama,
Ibiqhutshwa uMseleni benoNgalaza;
Bathi ifanele ukuyosikwa  izihlangu eMkhweyantaba.
Bathi: iyekeleni ubumnyama bayo buyasabeka;
Ifanele ukuyawucela imvuka kaNkosinkulu.
Unqabelabantu ukudonsa;
UManz’ aphuma ezimbotsheni zoMtshezi.
Isiguqa esizifulele ngamahlamvu,
Enqabeni kwaDludluma kokaMsweli.
Umsindo okuNtilingwe ngowani?
Ubangwa abaseNtengweni nabakwaKhinya;
Uxokozelelwe abaseNtengweni nabakwaKhinya;
Baxokozelela indlondlo yakokaTshana
Bathi: Ndlondloni lena
Engabhuli amaphiko?
Zonke izindlondlo ziwabhula amaphiko?
Ozingelwe izwe laseNhlungwane;
Amakhe amakhaba emile ezixexeleku.
Thambekeka wena owaliwayo;
Thambekeka wewuse iNtambanana;
Uyewuse nangezinyembezi.
Mhla eyodabula kwaNgxangaza;
Abafazi bakwaNgxangaza bazolala esibayeni njengamathole
Kazi amathole azolalaphi?
Uye wadabula kuMlaba
Obezalwa nguKhwani;
Wafika wamnika inyanda yemikhonto;
Ethi: MntakaNdaba uze ubagwaze nasemehlweni.
Inyathi kaNdaba
Empondo zimakhenkenene
Bayivimbele ngamaphand’ emkhonto,
Beth’ uMlathuze kayikuwewela;
Ithe isiwuwela, yawuwela ngamakhand’ amadoda
Watshikizela uMatshikizela omnyama;
Edondolozela ngenhlendla yakhe ebimathatha,
Impi yakhe eyoyibuthis’ eNdliwayini,
Wazihlaba kanye namathol’ azo
Kwathiwa ziyeke lezo MntakaNdaba
Ngezikanyokokhulu
NgezikaLangazana.
Watshikizela uMatshikizel’ omnyama
Edondolozela ngenhlendla yakhe,
Eyoshona ngesikhala
SikaMpehlela noMaqhwakazi;
Eya ngoNohadu obezalwa ngoMsweli
Uyawukhokha umnyatheliso,
Iqabi lakwabo lezinkabi, elimpunga.
Uya ngoMphepha obezalwa uNdengezi,
Uyalikhokh’ iqabi lakwabo
Elimnyama lezinkabi;
Uya ngoGawozi obezalwa nguSilwane,
Uyawukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo elinkone lezinkabi.
Watshikizela umatshikizel’ omnyama
Edondolozela ngenhlendla yakhe
Eyoshona ngesikhala samahlath’ amabili;
IShowe kanye neDlinza;
Eya ngoSikhonyana obezalwa uNgqungqulu;
Uyawukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo elixub’ imbala.
Isilo esimaduna sakokaTshana,
Esikhangel’ abantu baduka nolwandle,
Nanamuhla basadukile.
Esimenyezwe nguMzili ezalwa nguSiniswayo,
Wathi ningayihlabi leyondlovu,
Ukube niyahlabile kobe niyibangile,
Iyawuvus’ imland’ emdala
Eyayinzawo ngawoyihlo.
UHlohloloza ngendlov; enohlanya;
Indlovu ethe imuka
Babeyixokozelela.
Uzitho zimagwegwe,
Ngoba zigwegw’ abakayise.
UJininindi omnyama,
Ongabubende bezingwe nobezingonyama.
Ongangamabuya eziziba zolwandle noThukela,
Usakha lukhalweni enhlanganisweni
Lapho kuhlangana khona imifula,
Kanye neyabafo kanye nabafokazana.
UGaqa libomvu lawo Bathonyile,
Isibuko sikaMaphitha benoNzibe,
Ebebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu.
Ohlathi limnyama;
Limnyama konke nemizi yalo.
Ebelinjeng’ ebelilal’ izindlovu
EzikuMakhehle.
IGwalagwala likaMenzi,
Elisuk’ eNtumeni kwabhej’ iShowe
Kwaze kwaye kwabhej’ uThukela.
IZulu elidum’ eNdulinde phezulu,
Laduma lazithath’ izihlangu zamadoda,
Indaba yenziwe uManqina obezalwa uNkontshela,
Uyena othath’ izinkomo zaseMangweni,
Waye wayozithela ndawonye
NezaseMkhweyantaba,
Ngobethathe uNxaba kaMkhono,
Isiziba sikaHamu, benoZiwedu,
Esibhukudis’ izihlangu zaseMkhweyantaba
Ilanga liyoshona.
Abantu baseNtengweni,
Ngiyabesaba ngibasolile,
Bazibukul’ itshe linemamba
Imamba yath’ ukuvuka yangen’ ehlathini,
Ihlathi linembube,
Yamaphul’ ubusongelwe kaNongolaza.
UMthunduluka ovuthw’ eNdulinde
IZigqoza ziyawulabalabela,
Udl’ uNomsimekwana
Obezalwa nguBikwayo
Wamshaya phansi koludumayo eziqungeni,
Akwaze kwaba ndaba zalutho.
Wamudl’ uSgombe obezalwa uMatshana
Ngaphesheya kukhona abamhlophe
Uze uyesab’ imlandemdala;
Eyayenziwa ngawoyihlo.
Udunusel’ uNdi kanye noKhahlamba.
UMagwaz’ eguqile njengethole.
USinikinikini singamashob’ oSuthu.
Ubhukudis’ abantu bengathandi ukubhukuda
Ngob’ ebhukudisa amadod’ amadala,
Ngob’ ebhukudisa uNongolaza ezalwa uNondela,
Wabhukudis’ uThemana obezalwa uNohaye,
Wabhukudus’ uMgebisa obezalwa uJokwe,
Wabhukudus’ uMatshekana obezalwa nguMaqhoboza.
UMamba yeVuna
UMaqhumusela
Eth’ ukuvuka yadl’ abakayise
Wadl’ uMbheduka kwabakayise,
UMbheduka njengesona,
UPhaqa njengelanga;
Inyathi yaseNhlakanhlakeni,
UKhwani liyasikwa liyahluma,
Ngengxenye linguPhunga,
Ngengxenye linguMageba.
Amakhubal’ adliwa nguyena kwabakaMpande.
Wadl’ uNtshokweni obezalwa uMpande,
Amakhubal’ adliwa nguCetshwayo kwabakaMpande.
Wadl’ uMantantashiya obezalwa uMpande,
Amakhubal’ adliwa uyena kwabakaMpande,
Wadl’ uSomxhwana obezalwa uMpande,
Amakhubal’ adliwa uCetshwayo kwabakaMpande.
Wadl’ uMdumba obezalwa uMpande,
Amakhubal’ adliwa uyena kwabakaMpande.
UNonzila ukudla kwamagwala.
Amagwal’ adl’ ububende.
ULanga phum’ endlebeni yendlovu,
Nyakambe liyophuma kweyengonyama.
Impunzi kaNdaba
Bayibambe ngandlebende
Phezu kukaLangazana
Yadlumuluka yadl’ amadoda.
UGuqabadele!
INhlambamasoka! (Yibinda Nkosi!)

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: