Category: Izithakazelo nomlando Page 5 of 18
Izithakazelo nezibongo
Izithakazelo zakwaMnguni
Qwabe,
Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Izithakazelo zakwaMnomiya
Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!
Izithakazelo zakwaMnqayi
Mashiya,
Catheya,
Mkhweli wentabend’engakhwelwa mfazi,
Nyon’emnyam’enjengamandongonyo,
Nsele ka Lindamkhonto,
Nhlabathi,
Mgwalantshani wena owagwalantshela emabeleni omfazi!
Izithakazelo zakwaMngoma
Ceng’elihle elintamonde,
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza,
Makhiwane,
Khala lembube elikhany’entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhomb’izulu kwafiphal’ilanga,
Babuz’abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!
Izithakazelo zakwaMngadi 💛💛💛
Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni! 🙌
Abanye bazazi kanje:
Izithakazelo zakwaMncwabe
Mnguni,
Mpangazitha, Phakathi,
Sishangwe, Mjoji,
Makhathini!
Izithakazelo zakwaMncube
Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!