clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izithakazelo nomlando Page 5 of 18

Izithakazelo nezibongo

Izithakazelo zakwaMntambo

Izithakazelo zakwaMntambo

Nhlangothi,
S’hlahl’ekhulu,
Cimbishe,
Ntethe,
Mlondo, Vezi,
Nyong’eluhlaza enjengeyenyamazane,
Masilela, Jiyane,
Kweyama!

Izithakazelo zakwaMnguni

Izithakazelo zakwaMnguni

Qwabe,
Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Izithakazelo zakwaMnomiya

Izithakazelo zakwaMnomiya

Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Izithakazelo zakwaMnqayi

Izithakazelo zakwaMnqayi

Mashiya,
Catheya,
Mkhweli wentabend’engakhwelwa mfazi,
Nyon’emnyam’enjengamandongonyo,
Nsele ka Lindamkhonto,
Nhlabathi,
Mgwalantshani wena owagwalantshela emabeleni omfazi!

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Dlakadla,
Nkabanhle, Lubelo,
Nkaba yenkosi,
Maphakel’indoda edengeleni ilambile,
Mfiso, Malinga,
Mdluli,
Msuthu!

Izithakazelo zakwaMngoma

Izithakazelo zakwaMngoma

Ceng’elihle elintamonde,
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza,
Makhiwane,
Khala lembube elikhany’entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhomb’izulu kwafiphal’ilanga,
Babuz’abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!

Izithakazelo zakwaMngadi

Izithakazelo zakwaMngadi  💛💛💛

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni! 🙌

Abanye bazazi kanje:

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji, Vezi
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!
Madlokovu
Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile!
Igcwele izingwenya nezingonyama,
Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni! 🙌

Izithakazelo zakwaMncwabe

Izithakazelo zakwaMncwabe

Mnguni,
Mpangazitha, Phakathi,
Sishangwe, Mjoji,
Makhathini!

Izithakazelo zakwaMncube

Izithakazelo zakwaMncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

 

Izithakazelo zakwaMlaba

Izithakazelo zakwaMlaba

Ximba,
Mabhoyi, Nodlela,
Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,
Nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Msuthu!

Page 5 of 18

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: