Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.
Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.
Izithakazelo zakwa Myeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.
sphiwe
ngicela usizo ngezithakazelo zakaMthabela
Cinderella
Ingabe bakhona oMyeni ababuya e Mocambique? Plz help.
thembisile
Ngicela usizo nge zithakazelo saka ngomane kulo tatiko
Nosipho
Ngcela ningiphe izithakazelo zakwa Mteshane
zamarh
nam angizaz zonk ngaz ezincan mteshane,mnyeni,thumbeza
themba twala
ngicela umlando nezithakazelo zakwa Twala
sfiso Myeni
ngicela usizo ngezithakazelo eziphelele zakwa Myeni makukhona ongaba nolwazi lwazo ngingathokoza kakhulu uma ngingathola lolu sizo from Sfiso
ntokozo rhadebe
ngicela onolwaz ngezithakazelo zakwa Radebe angisize bo
solomon
Rhadebe
Mthimkhulu
Ndlebezinhle zombini
Mafuz’afulelwe njengelifu lemvula
Mashiya amahle njengenyamazani
Sgoloza esimehlo abomvu esithi sikujoga kubengathi siyakujamela
……
ntokozo rhadebe
nami ngyafisa ukuzazi ezaka Myeni bakith