Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.
Izithakazeli zakwa Nzama:
Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni.
The context that made it possible for the Nzama people to come under the leadership of the Ngubane can be linked to the different relations that King Shaka shared with various chieftaincies on the western boundary during the 1820s.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
mike
many things is not clear how this NZAMA become king KWAWSOSIYANE as seems like they came from MAMBULU.
Manduleli
Umahlawe yena uyangena lana?
MaSindy Sindiswa
Siyabonga ngoMlando wethu bakwa Zama oChube oChamane oWosiyane sengisho uShongela phela hhey
Ngicela ukubuza mina uZama kusawu Shezi kanjani?
mike
Mingela ukwazi kabanzi ngezithakazelo zakwamabizela nomlando wakhona please