πŸ’›

izithakazelo

Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.

Izithakazeli zakwa Nzama:

Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni.

The context that made it possible for the Nzama people to come under the leadership of the Ngubane can be linked to the different relations that King Shaka shared with various chieftaincies on the western boundary during the 1820s.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando

6 Comments

  1. Fana Nzama

    Insimbi eyethu maWosiyane amahle abanye sesingabazama nje noma ngobumba ngoba asincishani.

    • Sikhumbuzo

      Uphele ebhayibhelini Bhuti Fana ukuze ubone sifuze bani ngekhono lensimbi. Genesis 4 verse 22

      “22 USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama. “

  2. Zama

    Siyabonga bafe2 ngolwaz enisipha lona

  3. Busisiwe Dube

    Syabonga ngokusicacisela imvelaphi yethu, engicela ukukwaz ukuth kwenzeka kanjan uDube noNgcobo babe yinto eyodwa?

    • U Dube kwabe kuyigama lendodana ka NGCOBO ubaba ka Mafukuzela yena owabe esekhetha ukusebenzisa igama likayise njenge Isibongo.

      So abakwa Ngcobo akusibo abakwa Dube kodwa abakwa Dube ngabakwa Ngcobo

      • onzama izithakazelo zabo zihlukene noma basebenzisa esisodwa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026