clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mbudu

Mbudu Clan history | Umlando wakwa Mbudu

AbakwaMbudu bangabeNguni.
Lesisibongo siyatholakala ezindaweni ezininganyana okubangelwa ukufuduka kwabantu ngesikhathi seMfecane.
Esingakusho nje ukuthi labantu babehlala ezintabeni zaseQhudeni eNkandla lapho uMzinyathi uthela khona oThukela.
Amakhosi aphambilini alababantu awasaziwa kahle, sekukhumbuleka nje kuphela lawo okungcina uTshoko noThekela, ngaphambikokuthi izwe labo lidliwe abamhlophe balinike abakwaNtuli.

Mbudu kaMhlanga Clan Praises | Mbudu History

Izithakazelo zakwa Mbudu

Mhlanga!

Ndimande!

Ndimande kaNdimndwane!

Ndimndwan’odlumnkantsha!

Tshoko!

Sobiko!

Mabuya zendile izintombi zakwaZulu!

Mabuya!

Wena kaSonqele!

Mzizi!

Thekela ngomkhonto abafokazana bethekela ngamaqoma!

Thekela!

Mshololo!

Nzosha kaziqubu?_

Umlando wakwaMbudu

Umlando wakwaMbudu kasimtholanga umuntu owazi kabanzi ngawo, kodwa esikutholile ngeSbongo SakwaMbudu ukuthi lesi sibongo sidabuka ezweni laseBotswana, nokuyilapho kukhona khona lesi sibongo.
Abantu okungabanikazi balesi sibongo kahle-kahle akuwona amaZulu kodwa AbeTswana. Ingakho masithakazela kukhona la esithi khona “Mabuya zendile izintombi zakwaZulu “

Isbongo sakwaMbudu safikela eNkandla endaweni yase Qhudeni.
Ukufika kwalesi Sbongo kuthiwa kwahlangana intombi yakwaDlamini eNkandla EQhudeni nensizwa yaseBotswana, behlangana ekuhambeni edolobheni laseGoli kudala, bathandana baze bahlala ndawoye.
Base-ke bevumelana ngokuthi beyokwakha umuzi wabo emakhaya khona eNkandla EQhudeni, nokuyilapho bafike baziqalela umndeni wabo wakwaMbudu.
Kulapho okwavela khona amadodana afana noMlilwana noTshoko, kwaya kwaya sanda kanjalo ke isibongo sakwaMbudu ngezizukulwane nezizukulwane.

Mbudu Surname Meaning

Mbudu Surname

Mbudu is a Zulu clan name from the Mthanti language. The praise is: mbudu kamhlangamabuyazandilenzosha kaziqhubundimandesobikosenqelendindwana odle iminkanshathekela ngemikhontokanye kanye nabantukanye kanye nezinkomoIsi.

Mbudu Surname Origin, Mbudu Meaning & Mbudu Last Name History

Mbudu: If you know any info about this surname, such as Mbudu Meaning, Mbudu Origin, Mbudu History or Mbudu Clan names, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

.

Please use the form below to add info for this or another surname/clan name:

Please complete the required fields.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: