clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mdolomba

Myeni Clan History & Origin 😍 Umlando

Umlando wabakwaMyeni 😍 Myeni Surname 😍 Myeni Clan Names

Abantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Lapho okwakuxhumeke khona uMabaso noMchunu. Ngesikhathi belaphaya eBabanango kwakungashiwo ukuthi ngabakwaMyeni, kodwa kwakuthiwa ngabakwaMyeki. Umuntu owayeyikhanda lalaba bantu kwakunguMlambo.

Kwathi ngesikhathi sikaMlambo kwaba khona umbango emndenini lokho okwenza ukuthi uMlambo ashiye emanxiweni akubo ayozinza kwesenkosi yakwaQwabe. Wakha ngaseShowe, lapho uMlambo akhothamela khona. Ekufeni kukaMlambo washiya amadodana amabili uNgwenya inkosana kanye noNsinde. UNgwenya wazala abakwaNgwenya kwathi uNsinde wazala abakwaNsinde. Kwathi ngesikhathi sikaDuma indodana kaNgwenya, kwehla umhlolo ongakaze ubonwe kuleli likaMthaniya, lapho kwangena ikhona insingizi yakhala egcekeni.

Lokhu kwakubika umhlola uqobo. UDuma kalinda ukuba kuyiwe ohlanyeni kube nengomboco kodwa wavele waqoaa abantu bakayise abangakuye washaya wachitha wayokhonza enkosino yabaThembu eNseleni.
Kuthe ukuba atholwe lapho wase eshintsha isibongo sakhe wathi sebengabakwaMyeni hhayi uMyeki.

Lokhu kwamenza ehlukane nabafowabo ababesele kwaQwabe. Uzibiza ngoMyeni ngoba ethi sesingabayeni ezizweni. Kwakusengahti laba bantu base beqalile ukulunywa unyawo. Ngoba kabahlalanga futhi ebaThenjini kodwa bedlula baze bayokwakha endaweni yakwaMthethwa, bedlula futhi nalapho baze bayofinyelela eMtubatuba, sebewele iMfolozi emhlophe. Kwathi bethi bayazinza lapho base behlaselwa nguSoshangane wakwaNxumalo, wabadudula baze beqa izintaba zoBombo baye bafinyelela emfuleni iNgwavuma. Kulapho bahlangana khona nabakwaMngomezulu okuyibona babephethe kuleya ndawo.Bafike bemukeleka ngezandla ezimhlophe ngabantu bakwaMngomezulu.

Inkosi yabo kwakunguZondiwe. Bahlala kahle abantu bakwaMyeni kule ndawo . Kuthiwa nendlu kaNsinde nayo yalandela abafowabo. Kuthiwa abantu bakwaMngomezula ngenxa yokulunga kwabo behlalisene ngokuthula nabantu bokuhamba, lokho kwabadalela enkulu inkinga ngoba bazibona sebefukamele inqwaba yabantu ababebalekeka ulaka kwenkosi uShaka kangangokuba base behluleka ukubafukamela. Lokho kwenza uZondiwe inkosi yakwaMngomezula agudluke yena egudlukela laba bantu, ngoba ebona ukuthi bamdonsela amanzi ngomsele ngoba bathi babalekela ulaka lukaShaka. Washiya abanye babantu bakhe ezandleni zomfowaba uMsuduka. Bathi uZondiwe wafela kwabezizwe.

Ukwelamana kwabakwaMyeni!!UMlambo wazala uMabaso.(Hhayi owaseMantungweni) UMabaso wazala uNgwenya noNsinde.UNgwenya wazala uDuma owazala uMdolomba.UMdolomba wazala uSidladla owazala uMadlaka. Indlu encane yakwaMyeni..UNsinde yena wazala uMaguma owazala uLundini.ULundini wazala uVuma noMlangazi. UVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa.UMkakwa wazala uNkunzi.. UMdolomba indodana kaDuma wezwa ukuthi umfowaba uVuma indodana kaLundini usekhonze kuMpande owayebusa kwaZulu, uMpande wamnika indawo yaseNtshaneni ezintabeni zoBombo.

Kwathi naye ngoba izinto zase zingammele kahle kwaMngomezulu kubhoke isomisa, wahamba naye wayokhonza kuMpande. Nempela uMpande wamnika izwe ezansi neMfolozi. Leyo ndawo kuze kube manje kuthiwa kukwaMdolomba, ngoba yilapho uMdolomba afela khona. Ngesikhathi sokukhothama kukaVuma endlini encane yakwaMyeni eyayisiyakhe eNtshaneni ezintabeni zoBombo, indodana kaVuma uSiphike , wasuka washiya izwe lakubo wayokwakha eSwazini, lapho afela khona kanye nendodana yakhe uMkakwa. Kepha uMlangazi kaLundini wahola isizwe sakwaMyeni ezintabani zoBombo.

Izithakazelo zakwaMyeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha !

Izithakazelo Zakwa Myeni

Izithakazelo Zakwa Myeni

Mdolomba

Mzukase,

Mnguni wasenhla

Wena waseNingizimu

Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya

Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa

Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane

Mdlomba kaDuma

Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala

Ngwenya kaMalambe

Mzimela

Mziyankatha

Mdolomba Surname Origin, Mdolomba Meaning & Mdolomba Last Name History

Mdolomba: If you know any info about this surname, such as Mdolomba Meaning, Mdolomba Origin, Mdolomba History or Mdolomba Clan names, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

.

Please use the form below to add info for this or another surname/clan name:

Please complete the required fields.

Abakwa Mkhwanazi
(credit: Indabuko Yakho)

Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.

Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.

Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: