clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mlotshwa Page 1 of 5

Izithakazelo zakwaMalinga

Malinga, Ndumo, Zindala, Mlotshwa, Gumakhulu, Shazia, Bombo, Nontshiza, Tsambekwayo, Mcisi, Hlangus,
Nzalo kaMagidela omnyama ngentamo,owazili nkatha bekuthezelile, owalinga izintaba zendelana,
iZungezi neHlobane,walingu kubulala,walinga isihlalo sobukhosi bakwaMzizi balingeka bakunika,
Wena olingana nazozonki zidalwa zomhlaba,
Ndlovu ezidla ekhaya ngokuswela umelusi,Malinga kaSigudu enagundi nkomo engenankonyane,Mchokama nyawo zimhlophe,
Ojozana elibomvana elisikaza ukubagwaza bonke,sigwinya mkhonto nothi lwalo,
Amalala inqaba yamakhosi !!

Manqele Clan | AbakwaManqele bangamaNguni aseMbo

Izibongo ezihlobene nabakwaManqele

Nkwanyana

Nxumalo

Ndwandwe

Masuku

Phakathi

Mncwango

Mncwanga

Mfekayi

Mfeka

Mzimela nezinye

ISIZINDA SABO | izindawo lapho abakwaManqele betholakala khona

KwaHlabisa ( Mpembeni)

Emdletsheni eHluhluwe

KwaNongoma eBuxedene

Empumalanga eBilanyoni

KwaMthwadlana

KwaDlangezwa baze babe noMphathi lapho ohlale exoxa nesilo uMdlokombane.

EMandeni bagcwele kakhulu.

Maye bakhona

Emyaneni nakwezinye izindawo.

Izithakazelo zabakwa Manqele

Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle,

Mthonga weNdlovu,

Mpangazitha oziphangayo,

Mtholo,

Mahloko,

Diza kaMatoto,

Mkhawulez’ukuwela,

Mlotshwa,

Mahloko,

Phakathi kaMhawana,

Sgagu,

Khethankomo,

Mfolozi emnyama inkethabaweli,

Sthanda,

Mnkonyeni,

Wena wembange,

Wembangalala kankomo elala kalukhuni,

Mkhutshana kaSodondo kaNcungu,

Thanga limndindi,

Limndindinini ngokwethekela,

Wena ndlwana ezimbana zikaSomnguni ezimahlikihlikana,

Mkhatshwa,

Nxumalo!

MANQELE SILUSAPHO

Langa wazala uZwide

UZwide wazala uNxumalo

Nxumalo wazala uMaqhoboza

Maqhoboza wazala uSothondose

Sothondose wazala abakwaManqele

Amaqhawe akwaManqele

1. Sothondose ozale oManqele

2. Sibusiso Mthandeni ( Igcokama elisha)

3. Lungisani Manqele eHluhluwe ocula Maskandi umshayi wesginci.

4. Manqele wakwaHlabisa oyikhansela onguThishanhloko owaseZidonini

5. Zuya owayeshuka izikhumba aphinde akhande nensimbi

6. Mhawana umfowabo kaMahloko owayedla izinkomo zikaZuya khona kwaHlabisa.

Ndamase clan names, Ndamase clan praises, Ndamase history

Ndamase clan Praises

Ndamase ClanπŸ’›
Mkhabela,
Dinangwe,
Mjoji,
Mlotshwa,
Mcangco,
Bhembesela !!! πŸ™ŒπŸΎπŸ™ŒπŸΎ

Ncube Clan History, Umlando wakwa Ncube

Ncube Clan Origin:

Mncube/Ncube on the following surnames:

Ncube, Mncube:* Khambule, Mlotshwa, Mzilankatha, Ngcamu, Mpangazitha, Zikhali, Makalima

All these surnames are actually Mncube/Ncube surnames but people opted to use toetems and grandparents names as surnames. I think you should look at the origins of the surname Ncube before assuming that it is a Kalanga surname. In actual fact these people are Sotho descendants and not Nguni. Research on the above surnames and you will discover that its actually one and the same surname with one toetem for all of them.

I do not dispute the fact that The Ncube surname has been used by the Kalanga and shona tribes (Malaba, Shoko etc), but these Ncubes are totally different from the Mzilankathas and are not Sotho descendants.

See below the history and origins of the above mentioned surnames and how they relate:

ABANTU BASEMANCUBENI Abantu basemaNcubeni ungababiza Mncube,Ncube noma Ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba. Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabo bangabeSuthu.Sibathola bona sebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harriesmith) nasOndini(Underburg), Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulababantu nguye uMncube uqobo. Yenawazala uMzilankatha owazala uMlotshwa yena wazala uSiyobi owazala uMadlozi.Bafike kuleli lakwaZulu lisengalakwaMthethwa lonke leliyazwe elingaphesheya kwemfolozingaselwandle.

Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo. Kwase kuba ukuvela
kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe
kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni
sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.

MLOTSHWA CLAN PRAISES 😍 ABAKWAMLOTSHWA

Khambule,

Ncube,

Mntuzi ka Ntuli,

Magidla,

Shezi,

Wena ocambuzela ngonyawo oluncane lingaba likhulu lifuze khabo nina!!!

Mlotshwa Nkandi Clan Names

Nkandi
Mlotshwa
Bikani
Sigqagqagqa
Sikwaza
Mkhonto!

Mlotshwa Surname Meaning. Mlotshwa Origin. Mlotshwa History:

Mlotshwa Surname Meaning. Mlotshwa Origin. Mlotshwa History:

The meaning, origin and history of the Mlotshwa surname is not listed.
This surname is prevalent in Zimbabwe.

Nkomzwayo Clan Names

Izithakazelo zakwaNkomzwayo

Mlotshwa!
Mashishiwane,
Mkhombe kaBhazwana,
Nyoseyenza kube butilitili,
Nina bakaMxhakazela zitha,
Siqongo esinojojo,
Jabebaleka ntimbili kwaMgangadi
Nina bakwaChominjedukwini
Nina bakoBhija
Mdladla!

Thusi clan names Izithalazelo Thusi

Thusi
Mlotshwa
Mkhwamubi
Nsukwini
Manganyela
Mgqwabagqwaba
Ndlandla
Sbumbu setshwele eligulayo
Dlebelenkomo

Izithakazelo zoMncube

Mncube
Khambule
Gasolo
Mayela
Mlotshwa

Β 

Page 1 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: