Izithakazelo zakwa-Maluleka
Maluleka,
Thomoyi!
Maluleka,
Thomoyi!
Gwabini,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!
Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!
Gwabini,
Zungu, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!
Makhaye,
Shombela!
Mdeke,
Manyawonhle!
Manyawonkulu,
Mangcingcingci,
Mthonjana kawushi,
Nkungwana ezithe ncwelele phezu kwetongwe,
BoMadlul’ithwele, yadlul’ ingathwele!
Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén