clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: April 2011 Page 1 of 21

Izinyanga Zonyaka Ngolimi LwesiZulu

Izinyanga zonyaka ngezansi zibhalwe ngendlela esijwayele ukuzibiza ngayo ngolimi lwesiZulu nangesiZulu soqobo.

Inyanga NgesiZulu
Januwari (January) Masingana
Febhuwari (February) Nhlolanja
Mashi (March) Ndasa
Eph’reli (April) Mbasa
Meyi (May) Nhlaba
Juni (June) Nhlangulana
Julayi (July) Ntulikazi
Agasti (August) Ncwaba
Seph’themba (September) Mandulo
Ok’thoba (October) Mfumfu
Novemba (November) Lwezi
Disemba (December) Zibandlela

Amagama Amqondofana

Amagama amqondofana angamagama anikeza umqondo ofanayo, noma anencazelo efanayo, asho into eyodwa.

amanzi ∼ amadambi
casuka ∼ dinwa
hlomula ∼ zuza
igceke ∼ ibala
igwala ∼ ivaka
ikhala ∼ impumulo
indlela ∼ inyathuko
indlu ∼ inkatheko
indoda ∼ injeza
inja ∼ ingcanga
iso ∼ iqaphelo
isu ∼ icebo
phuza ∼ natha
ubhozo ∼ uqukula
ukudla ∼ ukumaya
ukuhlangana ∼ ukunqwamana
umbani ∼ umphazimo
umfana ∼ umkhapheyana
vimba ∼ nqanda
uvalo ∼ itwetwe

*Amanye amagama amqondofana azokwengeziwa kulawa angenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.

Isaga Incazelo
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo ∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe ∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo ∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele ∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi ∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni ∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu ∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu ∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo ∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani ∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni ∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni ∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala ∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi ∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu ∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni ∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka ∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa ∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel’enkundleni ∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa ∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka ∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho ∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho ∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni ∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama ∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe ∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine ∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile ∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa ∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe ∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi ∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza ∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa ∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo ∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila ∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze ∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju ∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela ∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka ∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon’abulawe ∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

Shezi

Izithakazelo zakwa-Shezi

Dlaba,
Shukulas’, Mnomiya,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Mahlalela

Izithakazelo zakwa-Mahlalela

Maziya,
Mcanco,
Singena ngubo siyathuthumela!

Mahlangu Clan Names

Izithakazelo zakwa-Mahlangu

Nyongwana,
Mabhoko, Mbili,
Phetha!

Izithakazelo 😍 Mahlobo

Izithakazelo zakwa-Mahlobo

Sokhela
Mphangazitha!
Bomvula, Maqhoboza
Dlukula,Thiyela,
Mashiy’ amahle, Nzuza, Mshazi,
Shomela kaMgijima!
Wanakana Wasala kaMlezane
Umvem’ocalyo ezihlambanen’ zakwaMcikiza
Umagwazishum’ umagwaz’ ubekelele
Wena owahlab’ iso lesilo ngomuso wahlab’ elengonyama!

Mahlinza

Izithakazelo zakwa-Mahlinza

Jiyane,
Zosongo, Mkhathini,
Mkomo, Magolwane,
Nonzwenzwe wamanzi,
Malunguza kuvele inyama,
Mgwalini!

Makhathini Clan Names

Izithakazelo zakwaMakhathini

Gxabhashe,
Donda wasEnkweleni,
Khuhla phansi njenge khowandlovu,
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
Sonkophe,
Sombizi!

Makhanya

Izithakazelo zakwa-Makhanya

Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”,
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo, Khuzwayo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!

Page 1 of 21

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: