clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: May 2011 Page 2 of 8

Mnomiya 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mnomiya

Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Mnisi 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mnisi

Mnisi
Mvuleni
Gwadlagwadla
Manyovu
Nkophe zimayaka !

Mtolo 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mtolo

Dlangamandla,
Mchenge!

Mthombeni 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthombeni

Ntenga,
Duma, Magagula,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya!

Sokhulu 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Sokhulu

Zondo,
Mthiyane, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Zondo 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Zondo

Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Mthiyane 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthiyane

Zondo,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Abanye zazilandelisa kanje:

Mthiyane, Zondo, Luvuno, Sokhulu, Skhangane esakhanga-uNxaba, Sakhang’uMbhekane, Sakhang’uNtshayintshayi sakhang’uMazwi, sakhang’uNqoboka….Uyibinda!I Nkosi ayiqedwa

Mthabela 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthabela

Mthabela,
Chibi,
Mabhedla,
Ntshazizwe
Mlotshwa, Mpangazitha,
Ngalonde,
Mkheshenga!

Mthembu 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthembu

Mvelase,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Zikhona izikibha zakwa Mthembu: 061 868 5163
 


Mngwengwe 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mngwengwe

Zitha,
Mhlambo,
MaHlamb’amhlophe ngokuhlambuluka!

Page 2 of 8

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: