clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: May 2011 Page 1 of 8

Msimango 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Msibi 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msibi

Ndlondlo,
Mabuya, Guliwe
Ndlondl’eyadl’ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!

Msani 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msani

Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

Mseleku 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mseleku

Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!

Msane 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Msane

Mtimamnde,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!

Mqadi 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mqadi

Mbuyisa,
Hlobose, Nobekela,
Sosingath’owasingath’ingwe nengonyama,
Nina enasuk’enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel’imbewu ngophondo,
Jakaja!

Mpofana 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mpofana

Ntombela,
Zulu!
[aziphelele]

Abanye bazazi kanje:

Ngxanyana,
Mathanga afudumele,
Malandelwa yintombi ithi ngizeke,
Hlahlalibobo !

Mpanza 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mpanza

Thabekhulu,
Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwele,
Dubandlela, Soyikazi,
Mzingane,
Donda!

Motha 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Motha

Mvulane,
Mnyamande,
Thwala!

Mntambo 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mntambo

Nhlangothi
S’hlahl’ekhulu
Cimbishe
Ntethe
Mlondo, Vezi,
Nyong’eluhlaza enjengeyenyamazane,
Masilela, Jiyane,
Kweyama!

Page 1 of 8

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: