clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: January 2017 Page 3 of 4

Izithakazelo zakwaMashazi

Izithakazelo zakwaMashazi

Mashazi,
Thabani,
Zwelibanzi kaNyandeni,
Mkuze, Njokweni, Mazalankozi,
SoJama Omuhle, wena  ophuz’ ukwenaba,
Ongabe elambe okunjani uze udle iyambazi labafokazana,
Bhungane, angathi tsheke uMashazi usehambile.

Izinkondlo zothando: Uyongikhumbula

Uyongikhumbula

Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngephimbo lami,
Ebelikuhayel’ izinkondlo zothando ngemizwa yami,
Uyolikhumbul’ iqiniso lengqondo yami,
Uyowakhumbul’ amaceb’ emicabango yami,
Ebikad’ ikucushis’ ezincingweni zemicabang’ engcolile,

Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Empilweni yakh’ uyofikelwa usizi nokubalisa,
Ngalamazw’ uzothi ngiyakuqalekisa,
Kodwa ngizam’ ukudlulis’ usizi lwemizwa yam’ ebhekene nokujeziswa,
Bengizimisele ngokukunik’ uthando olungenakupheleliswa,
Kodwa walulahla waqom’ olokwenziwa,
Emva kwezinsuku namahor’ amabili luyovuthiswa,

Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyob’ usukuphi ngosuku lokuthath’ isinqumo?
Empilweni yakh’ esofika nolukhul’ uguquko,
Kuyophel’ izifiso namaphupho,
Ubumnandi bothando kuwe buyodlula njengehubo,
Uyob’ ubuswa umzwangedwa nenkumbulo,
Ungasenakusibuyisel’ emumv’ isikhathi sasendulo,

Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngokungaphez’ empilweni yakho,
Ngiyoba owokuqal’ omkhumbulayo ngay’ ihliziyo yakho,
Uyofikelwa ukwesaba,
Uphelelwe ukwenama,
Uvalo luyokushaya unqanyukelwe amandla,
Empilweni yakh’ uyophel’ umdlandla,

Izinkondlo zothando: Olwami uthando

Olwami uthando olwamahhala

Lukhululekile, luyakukhulula
Ukuthi ube yikho lokho
Ofisa ukuba yikho
Noma kune nxenye yami
Engathanda ukuthi ikugige
Ikugigele esihlakaleni sesandla sami
Ibuye ikwemboze
Ngezintende zezandla zami
Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu
Beqophelo eliphezulu
Ukuze ngiku vikele
Ngibambelele kuwe
Ungalahleki nangengozi
Ungalahleki nangenhloso

Ngingakugiga nje kuphela
Ngokuthi
Ngikugigele ekhanda lami
Ngemicabango yokucabanga ngawe
Ngenhliziyo ngikwemboze
Ngemizwa yoku langazelela
Kodwa ngikukhulule
Ukuthi ukhululeke
Ukungephula inhliziyo
Ngabe luyini kanti uthando
Uma lungeyona inkululeko
Yefu lincibilika
Liphenduka ubala olubuhlazana

Lapho ngithi ngiyakuthanda
Nawe uthi uyangithanda
Yilowo kuphela umculo
Olangazelelwa izindlebe zami
Ngiyakuthanda
Ngikukhumbule
Ngiyakw esabela
Ngikukhalele
Ngoba akukho okumele
Kwenzeke
Ukuhlukumeza wena
Angikaze kule mpilo
Ngesabele enye impilo
Ukulahlekelwa yiyo

Noma
Sengibabonile impela
Baze babaningana
Ikakhukazi emaphusheni
Abakudala nabakusha
Akekho onjengawe
Uma kungukuthi
Mhlawumbe ngalanga limbe
Ngenxa yezimanga namanga
Lendlu isayo bhidlika
Ngiyo kwazi enhliziyweni yami
Ukuthi ngenze okusemandleni
Kodwa uthando,
uthando selukwenzile konke

Izinkondlo zothando: Ngalahlekelwa

Ngalahlekelwa

Intokazi Enhle
Enhle njengendoni yamanzi
Esho ngamehlo amhlophe
Kuhle kwamalande

Mina ngalahlekelwa
Usuka-sambe wentombi ekhuluma ngezwi elimtoti

Mangicabanga ngaye
Kuvele zehle izinyembezi emehlwen ami

Dear mehlo ambonayo
Zee umtshele
Ukuthi mina ngaye
Ngyazifela

Nasempilweni ngingafela
Eyakhe injabulo
Phela ngaye ngyazifela

Futhi ngingamfela
Ngalahlekelwa
Imbongikazi
Ngisho umuntu
Ozoba umama abe ubaba
Ezinganeni zami
Nxa ngingasekho emhlabeni…..

Yazi ngyasola ngaloluthando
Ngiloyiwe kodwa-ke nguyena ozongilapha
Ngothando lwakhe
ngizoba umqemane
Ngaye ngizoba yikho konkee…

Ngalahlekelwa

***Imbongi yakomahlobo

English Zulu translation 😍 Basic words [SOLVED]

English Zulu translation 😍 Basic words

English isiZulu (Zulu)
Welcome Ngiyakwemukela (sg)
Ngiyanemukela (pl)
Hello (General greeting) Sawubona (sg)
Sanibonani (pl)
How are you? Unjani? (sg)
Ninjani? (pl)
Reply to ‘How are you?’ Ngikhona, ngiyabonga. Wena unjani? (sg)
Sikhona, siyabonga. Nina ninjani? (pl)
Long time no see Mehlo madala! (old eyes)
What’s your name? Ngubani igama lakho?
My name is … Igama lami ngu…
Where are you from? Uphumaphi?
Uvelaphi?
I’m from … Ngiphuma e …
Ngivela e …
Pleased to meet you Ngiyajabula ukukwazi
Good morning
(Morning greeting)
Sawubona (sg)
Sanibonani (pl)
Good afternoon
(Afternoon greeting)
Sawubona (sg)
Sanibonani (pl)
Good evening
(Evening greeting)
Sawubona (sg)
Sanibonani (pl)
Good night Lala kahle! (sg)
Lalani kahle! (pl)
Goodbye
(Parting phrases)
Sala kahle (sg) >people staying
Salani kahle (pl) >people staying
Hamba kahle (sg) >people leaving
Hambani kahle (pl) >people leaving
Ube no hambo uluhle
Good luck! Ngikufisela iwela!
Ngikufisela impumelelo!
Cheers! Good Health!
(Toasts used when drinking)
Impilontle!
Akubekuhle!
Have a nice day Ube nosuku oluhle! (sg)
Nibe nosulu ulohle! (pl)
Bon appetit /
Have a nice meal
Thokoleza ukudla!
Bon voyage /
Have a good journey
Ube nohambo oluhle!
I understand Ngiyaqonda
I don’t understand Angizwa
Yes Yebo
No Cha
Maybe Mhlawumbe
I don’t know Angazi
Please speak more slowly Ngicela ukhulume kancane
Please say that again Ukwazi ukukuthi futhi na?
Please write it down Ngicela ukubhale
Do you speak English? Ukhuluma isiNgisi na?
Do you speak Zulu? Ukhuluma isiZulu na?
Yes, a little
(reply to ‘Do you speak …?’)
Yebo, ingcosana
Speak to me in Zulu Ngicela ukhulume nami ngesiZulu
How do you say … in Zulu? … ukusho kanjani ngesiZulu?
Sorry Ngiyaxolisa
Excuse me Uxolo!
How much is this? Kubiza malini?
Please Ake
Ngicela
Siza
Thank you Ngiyabonga
Ngiyabonga kakhulu (sg)
Siyabonga (pl)
Reply to thank you Uyamukelwa (sg)
Niyamukelwa (pl)
Where’s the toilet? Likuphi ikamelo lokugezela?
Likuphi itholethe?
This gentleman will pay for everything Umnumzana uzokhokha konke
Would you like to dance with me? Uthanda ukudansa nami?
Do you come here often? Ingabe uze lapha njalo?
I love you Ngiyakuthanda
Get well soon Phila masinya
Leave me alone! Ngiyekele!
Help! Usizo!
Fire! Umlilo!
Stop! Ima!
Call the police! Biza amaphoyisa!
Christmas and New Year greetings Ngikufisela uKhisimusi oMuhle noNyaka oMusha oNempumelelo
Easter greetings IPhasika elijabulayo
IPhasika elithokozayo
Birthday greetings Halala ngosuku lokuzalwa
One language is never enough Ulwimi ululodwa alonelanga
My hovercraft is full of eels
Why this phrase?
Umkhumbi wami ugcwele ngenyoka zemanzini

What are you doing in Zulu [SOLVED]

What are you doing in Zulu

What are you doing: Wenzani?

What do you want in Zulu [SOLVED]

What do you want in Zulu

What do you want: Ufunani?

Goodbye in Zulu

Goodbye in Zulu: Sala kahle

Good night in Zulu [SOLVED]

Good night in Zulu

Good night (singular): Ulale kahle
Good night (plural): Nilale kahle 

Hello in Zulu [SOLVED]

Hello in Zulu (singular)

Hello: Sawubona
Hello in Zulu (plural)

Hello: Sanibona / Sanibonani

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: