clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: February 2017

Izithakazelo Zakwa Mashazi

Izithakazelo Zakwa Mashazi
Thabane
Nsele
Zwelibanzi
Magalela! 

Izithakazelo zakwaNyandeni

Izithakazelo zakwaNyandeni

Nyandeni
Shobane 
Khukhuza kaNgonyama
Msongi wensimbi ayithathe ayibeke ekhanda amagwala ezombalekela
Wena weNtuku emnyama ngokuthukuzelana
Wena wezingwe ezimbili ezalwa zabulalana

Imilolozelo: Yebuya hobhe

Imilolozelo: Yebuya hobhe



Yebuya hobhe
Uyob‘ uphetheni?
Ngiyobe ngipheth‘ inja.
Uyob‘ uyiyisaphi?
Ngiyobe ngiyes‘ endle!
Ekhaya kunani?
Ngesab‘ obaba

Bazongephuca Besul‘
izindevu Zomuntu Omkhulu
Ohlez‘ efusini
Eqatha amabele
Ethi Maye! Maye!
Kazi ngizoshonaphi?
Ngizoshona kobaba
EMgungundlovu

Bangiphe ucwephe
Lwemvu endala
YakwaMasasana
Masasana vuka
Ngivuke kanjani
Ngibulewe njena
Abafana bakwaThabethe Thabethe muphi?
Yena lona osenhla
Shay‘ inkabi Injunjuthe
Msila wenja
Uyanuka uthi Phu! Phu! Phu! 

Izisho nezichazelo zazo

Izisho nezichazelo zazo

Isisho – Abafana boqunga
Incazelo – Imikhovu (omantindane)

Isisho – Amanzi amponjwana
Incazelo – Utshwala besizulu

Isisho – Insakavukela umchilo wesidwaba
Incazelo – Into eyenziwa njalo

Isisho – Izilo zokwelamana
Incazelo – Abantu abazalwa mfazi munye

Isisho – Ugwayi kakholo
Incazelo – Umuntu ongathanga chi

Isisho – Ukubhekwa isambane
Incazelo – Ukuba neshwa lokungaphumeleli

Izisho ezintsha

Izisho ezintsha 

Zikhona nezisho ezintsha ezisungulwe ngesikhathi sezinto zabelungu. Okusho ukuthi izisho zesimanje ezaziwa yintsha.

Uma umuntu ezwa umZulu omusha ethi: ‗Ngasala ngiphemile.‘ UmZulu omusha yena usuke esazi ukuthi lowo osalile usale ezimisele. Kanti abangaphambilana kwalaba bantu abasha bona babethi:
Ngisale ngiflashile.‘ Nakho lokho kunencazelo efana nengenhla. Esinye isisho esisha sithi: ‗Uzosala phansi okwamabheshu kubhulukwa.‘ Okusho ukuthi wena oqhuba ngenqubo endala uzosala phansi ngoba itshe seligaya ngomunye umhlathi manje.

Omunye angathi: ‗Wabuza ibhasi libhaliwe.‘ Okungukuthi wabuza ubona. Kokunye uzwa umuntu omusha ebiza omunye ethi: ‗Swidi lami lomkhuhlane,‘ eqonde ukuthi uyisithandwa sakhe lowo akhuluma ngaye. Nazo izisho njengazo izaga ziyinkulumo ecashile engeze yaqondwa kahle abantu abankashela ulimi bengazange baluncela ebeleni.

Abantu abaluncela ebeleni bangakhuluma ukhona bakweqisele ungezwa uma wena ulufundile kodwa ungaluncelanga ulimi. Uma umZulu ethi: ‗Ubengathukuthele ubegane unwabu,‘ okusho ukuthi lowo muntu ubethukuthele kakhulu. Uma umZulu ethi: ‗Lowo ukhala esikaNandi.‘ Lesi sisho esisha esavela ngemuva kokukhothama kweNdlovukazi uNandi unina weLembe.

Umlando uthi ngemuva kokukhothama kukanina iNkosi uShaka yadabuka kakhulu yakhala kwaze kwaphenduka unyaka kuziliwe kungalinywa, amankonyane ezincelela konina kungasengwa. Abantu baqala bafa ngenxa yendlala, befa belandela amathimba ezintombi andlalela iNdlovukazi. Kwakhalwa ungokhala KwaZulu.

Uma abantu behlangana neZulu eliphezulu babeqhola amehlo abo ngogwayi ukuze amehlo akhale kube sengathi bayakhala. 177 Kwaze kwasuka uGala kaNodade wakwaBiyela ezinkalweni zaseMbongolwane, wasuka wazidela amathambo waqonda ngqo kulo iZulu eliphezulu. Umlando uthi kwezwakala ngaye lo mfo waseSiweni Samanqe eseyibonga iNkosi.

Kwathi ukuba ayibone iNkosi, wayisola kakhulu ngalesi sililo sikanina esiphoqela kubantu. Wayebuza ukuthi njengoba abantu befa nje, uzobusa bani ngomuso. INkosi yabonga, yamxoshisa ngezinkomo. Sanqamuka-ke isililo, kwaqala yayekwa inzilo.

Uma-ke umZulu ethi: Ukhala esikaNandi kanti awuyena umZulu futhi awuwazi umlando, angeke uqonde ukuthi kukhulunywa ngani. Yingakho-ke kuthiwa izisho nezaga ziqukethe umlando.

Izisho

Izisho 

Ngenxa yokuthi ulimi luyakhula sekukhona nezisho zesimanje. Izisho ezindala ziya zihlehla kuvela izisho ezintsha. Kunezisho zamanje ezaziwa intsha engaziqondi nhlobo inqwaba yezisho ezindala.

Nazo zamukeliwe ngoba ziyindlela yokuxhumana futhi ziyaphumelela ukubaxhumanisa abantu. Abacwaningi baqaphela ukuthi isisho asiyona inkulumo egcwele kodwa siyibinzana lamagama adinga ukuphaswa ngamanye amagama ukuze anike umqondo opheleleyo.

Ngaphandle kokuba umuntu awazi umlando esisuselwa kuwo izisho angase angazi ukuthi kukhulunywa ngani. Uma umZulu ethi: ‗Kuzofa gula linamasi.‘ Umuntu ongalazi negula angayazi kanjani incazelo yalesi sisho esidala kangaka? Kungase kungasizi ukusisebenzisa lesi sisho uma kanti negula uqobo lingaziwa. Uma kokunye umZulu avele athi: ‗Ngibambe elentulo.‘

Bexoxisana ngotho oluthile lona oxoxiswayo esho njalo, lokho kusho ukuthi ukholwa yinkulumo efike kuqala. Nokho ukuze ezwe lona okhulunyiswayo, kufanele ukuba uyayazi ‗insumo yonwabu nentulo.‘

Uma lona okukhulunywa naye engayazi le nganekwane, ngeke aze azi ukuthi kukhulunywa ngani uma engayazi le 176 nganekwane yasendulo. Ziya zilahleka kanjalo-ke izisho ezindala, zidedela izisho ezintsha.

Izaga nezisho

Izaga nezisho 

Njengoba ikhaya liqhubeka nezimfundiso zalo, abantwana libafundisa nokukhuluma okuphusile.
Ukukhuluma okuvuthiwe yikho ukusebenzisa izaga nezisho enkulumeni.

Isaga siyinkulumo ecashile kodwa enika umqondo opheleleyo. Isaga siyinkulumo emi kanjalo engaguquki elokhu yama kanjalo kwanininini.

Isaga siyinkulumo eseyabonwa ukuthi injalo futhi engenakuguquka. Nazo izaga njengenkulumo yobuciko, zikhona ezokunqanda abantwana abangezwayo abadukayo endleleni.

Le nkulumo iyabakhalima ibabuyisele endleleni. Isaga njengenkulumo eseyahlolwa ubuqiniso bayo silusizo kakhulu ekukhuliseni abantwana futhi isaga siyilifa sivela kokhulukhulwane siyinkulumo enesihumusho esisodwa inkulumo enamaqiniso angaphikiseki.

Yini umsebenzi weziphicaphicwano?

 Yini umsebenzi weziphicaphicwano? 

  • Abantwana bayazithanda iziphicaphicwano ngoba zibachithisa isizungu. 
  • Abantwana bacabanga masinya futhi bacophelele. 
  • Zivula ingqondo yabantwana, zibenza banake izinto ezibazungezile. 
  • Zehlukanisa amadoda kubafana. 
  • Ziyacacisa ukuthi yimuphi umntwana ophiwe ubuchopho obuvuthiwe. 
  • Abantwana bafunda ukucabangisisa bese bekwazi ukuzisungulela ezabo.

Ziyini iziphicaphicwano?

Ziyini iziphicaphicwano?



Lolu hlobo lwenkulumo olusangxoxo yokuzijabulisa nokuchitha isizungu, kwabadala nakwabancane. Iziphicaphicwano zehlukene kabili.

Kukhona ezinde kubuye kubekhona ezimfishane. Kulesi sizinda kubakhona umphici kanye nabaphicwa.

Umphici uyaye athi ‗ngikuphicaphica‘ ngomuntu wami owenza lokhu enze lokhu esho izinto ezenziwa yilowo muntu wakhe.

Kuthatha isikhathi ukumqagela lo muntu ngoba kufuneka umphicwa acabangisise esizwa yilezi zinto okushiwe lo muntu uyazenza.

Akuvamile ukuba kuthi kuqala nje umphicwa ebe eyihlaba esikhonkosini kodwa uya lena abuye aye lena agcine eshaye emhlolweni.

Iziphicaphicwano, izinganekwane kanye nemilolozelo kuyimizamo yokukhulisa imiqondo yabantwana. Iziphicaphicwano njengazo izinganekwane zingumdlalo wasebusuku owenzelwa endlini kagogo, kwenziwa ebusuku ukuze kungabibikho misebenzi ethikamezekayo.

Ezinye iziphicaphicwano zindala kanti ezinye zintsha. Iziphicaphicwano zilusizo ekufundiseni abantwana ukucabanga masinya. Zingumdlalo wokuchitha isizungu.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngomngani wami othembekile ongamshiya lapha uphinde umfice khona.
Impendulo: Itshe.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngomngani okuculela kamnandi kanti ufuna ukukulimaza.
Impendulo: Umiyane.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngenkunzi yami ebomvu ehlala esibayeni esenziwe ngamatshe amhlophe.
Impendulo: Inkunzi ebomvu ulimi. Isibaya esenziwe ngamatshe amhlophe amazinyo.

Isiphicaphicwano: Ngikuphica ngenkosikazi ethanda ukugiya, igiya ize ibuye emnyango.
Impendulo: Umshanelo.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: