clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 6 February 2019

Izithakazelo zakwa Ngwenya 😍 Ngwenya clan

Izithakazelo zakwa Ngwenya 😍 Ngwenya clan

Mntimande

Bhambolunye

zingambili zobe zifuz`ekhaya konyoko

Mabuya

bengasabuyi baye babuya emaNgwaneni

Nungunde

Wakhothe

bayosala beziyolanisa

wakhangel`emnzini wakhangel`enyakatho

Mabhodl`amanzi abantukazana bebhodla utshwala

Vus`umuzi ngokuvus`umadonsela

oqhamuk`esedonse ukunene no gamadze

Mntimande

Izithakazelo zakwa Thango 😍 Thango clan

Izithakazelo zakwa Thango 😍 Thango clan

THANGO 

BHIYOZA ,
MNSINSANE,
MANTANTA,
Wena wabhuquza emqubeni cabanga ukuthi bazokwelekelela,
Ndabezitha,
Kuthezinye,
Mkhondolo,
Mahlinza
Jiyane

Izithakazelo zakwa Gwala 😍 Isinanatelo sakwa Gwala

Izithakazelo zakwa Gwala 😍 Isinanatelo sakwa Gwala

Vilakazi,
Ndzimandze,
Mdluli,
Gwala,
Mphephethe,
Nyawotimhlophe ngokunyatsela itihlabathi tolwandle,
Myeka khamangwa,
Majiya Ngwekazi Nkondlwana,
Mdlovu omatubutubu,
Umhlwehlwe odume njengoZulu,
Mancama ngenhlunu.
Lugwashu,
Matshinga waseMaphephetheni,
Sihlase Binda,
Binda!
Mphephethwa,
Wena kaGama,
Mantshinga waseMaphephetheni,
Owagwaz’ ate ame ngeklwa,
UNgwevu noNgwavuma,
Nina baseNgwedze neNgwavuma,
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo,
Watsi akananyongo,
Watsi akanamehlo,
Umhlehlo sibhanhakazane,
Malinga khilu hohlo,
Bamchatha ngohlanga betsi akafe,
Kantsi lapho engasayukufa impela baze banqoba!
Gcuma omuhle espongo,
Gcuma omuhle emehlweni,
Gcuma omuhle nangaphasi konyawo

Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo 
Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi. 

UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”

Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”

Izithakazelo zakwa Mdluli 😍 Mdluli clan

Mdluli
Bhekiswayo 
Wena wabhekis’ inkhos’ elusaseni
Sukuta
Luvuno
Luvuno alunanhloni
BakaMdluli abayidli inyama yembuti
Badla yenkonkoni
Phika sinamandla
Mlimi wansindze
Bantfu balim’ emafus’ aboGembe
Mlisana
Ndzindzindzi
Mdluli!

Mdluli
Bhekiswayo 
Phakatsi
Nselo lenkhulu
Luvuno lolungenamahloni
BakaMdluli abayidli inyama yembuti
Badla yenkonkoni

Mdluli
Sikhandzisa
Mandzindzakandzaba
Wena Delila, tinkhomo
Watsenga emajaha


Mdluli
Sikhandzisa
Mkholo lonsundvu
Lonsundvu ngisho netinyawo takho
Mbokodvo lenhle legaya bulawu bemakhosi


Mdluli
Sikhandzisa
Semakholo
Mbokodvo lendze
Lesilala bulawu bemakhosi
Mhlanti wendlunkhulu

izithakazelo zakwa Gwantsela

Mna ndingu Mpempe uNala uzalwanguMpembe kwasoTshangane ze uNala waya kwaZulu wazala uNkomba,uThabethe kunye noNzima kwintombi yaseMtshezi uMasithole kemna ndingu mpembe nala nomqguma ndokose nojakadela nkomo ezimhlophe ziyala ukulandela ndikumhlaba wakwaBomvana ngoku

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: