Mntimande
Bhambolunye
zingambili zobe zifuz`ekhaya konyoko
Mabuya
bengasabuyi baye babuya emaNgwaneni
Nungunde
Wakhothe
bayosala beziyolanisa
wakhangel`emnzini wakhangel`enyakatho
Mabhodl`amanzi abantukazana bebhodla utshwala
Vus`umuzi ngokuvus`umadonsela
oqhamuk`esedonse ukunene no gamadze
Mntimande
Day: 6 February 2019
THANGO
BHIYOZA ,
MNSINSANE,
MANTANTA,
Wena wabhuquza emqubeni cabanga ukuthi bazokwelekelela,
Ndabezitha,
Kuthezinye,
Mkhondolo,
Mahlinza
Jiyane
Vilakazi,
Ndzimandze,
Mdluli,
Gwala,
Mphephethe,
Nyawotimhlophe ngokunyatsela itihlabathi tolwandle,
Myeka khamangwa,
Majiya Ngwekazi Nkondlwana,
Mdlovu omatubutubu,
Umhlwehlwe odume njengoZulu,
Mancama ngenhlunu.
Lugwashu,
Matshinga waseMaphephetheni,
Sihlase Binda,
Binda!
Mphephethwa,
Wena kaGama,
Mantshinga waseMaphephetheni,
Owagwaz’ ate ame ngeklwa,
UNgwevu noNgwavuma,
Nina baseNgwedze neNgwavuma,
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo,
Watsi akananyongo,
Watsi akanamehlo,
Umhlehlo sibhanhakazane,
Malinga khilu hohlo,
Bamchatha ngohlanga betsi akafe,
Kantsi lapho engasayukufa impela baze banqoba!
Gcuma omuhle espongo,
Gcuma omuhle emehlweni,
Gcuma omuhle nangaphasi konyawo
Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane
kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi.
UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”
Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.
“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.
“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”
Bhekiswayo
Wena wabhekis’ inkhos’ elusaseni
Sukuta
Luvuno
Luvuno alunanhloni
BakaMdluli abayidli inyama yembuti
Badla yenkonkoni
Phika sinamandla
Mlimi wansindze
Bantfu balim’ emafus’ aboGembe
Mlisana
Ndzindzindzi
Mdluli!
Mdluli
Bhekiswayo
Phakatsi
Nselo lenkhulu
Luvuno lolungenamahloni
BakaMdluli abayidli inyama yembuti
Badla yenkonkoni
Mdluli
Sikhandzisa
Mandzindzakandzaba
Wena Delila, tinkhomo
Watsenga emajaha
Mdluli
Sikhandzisa
Mkholo lonsundvu
Lonsundvu ngisho netinyawo takho
Mbokodvo lenhle legaya bulawu bemakhosi
Mdluli
Sikhandzisa
Semakholo
Mbokodvo lendze
Lesilala bulawu bemakhosi
Mhlanti wendlunkhulu