clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: February 2020 Page 1 of 16

Izithakazelo zakwa Phumlomo

Phumlomo,
Shezi,
sgananda phume’nkandla,
dlaba udle mhlambhi wenkomo zamandebele,
Chube,
Ndela !!

Cwele Clan Names

Cwele

Thokazi

Maxoza

Mayaba

Mjekevu

Gabada

Mbizana

Sululu

Nkwenkwenene Ndlu mhlophe

Izithakazelo zakithi

Mvelase,
Mthembu,
Wena kaGude,
KaNobasali,
Wena kaMkhuphukeli
Wena kaKhopho kanethwa
Unethwa yizimvula zomkhemezelo.
Wena owavela enyanyeni.
Wena kanonomashingila wezizwe nezingwenyama.
Mthembu!!!

Izithakazelo zakwa Malunga

Malunga,
Thulisa,
Mtungwa,
Gengelezi,
Ngqondo kaZishawushawu,
Abawelase abawela ngezindlela ezimpambosi bewela ngesilulu,
AbakwaSjalimane ezala ukumlandela,
Maqungo,
Jojo beswele kuze kuswele nezintakakazi, incwincwi eyaphuza eMhlathuze kwafa amadoda, uSilwane esaphuma embizeni sangena entangeni,
Mthimuni
Ndlovu,
Gatsheni,
Boyabenyathi buyasongwa buyasombuluka

Izithakazelo zakwa Ngxongo

Ngxongo s’shange, mzila kathumbela, ntshiza mashwil’insimbi ngomlenze magaduzela nokubonel’embunzini
Mvithizi wamagwala empini asizwani enhla nasezanzi ngoba umuzi mkhulu oNdaba zifihliwe, sfuba eshlonishwa ihhashi mtomuhle ngokumamatheka hlalani nisondelane ngoba baseza nezinkinga

Iziduko zakwa Ndungwana

Ndungwana,

Bhejula,

Diya,

Qhwesha,

Gungu,

Ntwezinde,

Hala,

Mthembu!

Umlando wesbongo saka Mnganga

Ngicela ukwazi abantu baka Hlongwa nabaka Mnganga bangashada? Ngabe bahlobene kakhulu?

Izithakazelo zakwa njiyela

Njiyela
Dlabazane
Nyong’o yendlovu
Vezi
Mabhesh’anqotho
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi

Izithakazelo zakwaMlotha

Mlotha, Nyoka, Gaza, Sihlahla so myezane esamila enkundleni okwathi uma kungena ubusika sawohlaka.Ovale ngamakhanda amadoda!abanye bavale ngezicabha . Wena Ombambo azibalwa.

Amanzotho

Nzotho
Nyelenzi
Maphango

Magatyana
Sithosimile
Ngxala
Njeke
Hebe-Hebe

Magawul”ikhula
Nabelemntwini
Dukashe

Page 1 of 16

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: