clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Month: May 2021 Page 1 of 4

Izithakazelo zakwaMsimangaMsimanga clan

Abantu bakwaMsimanga bangamaHlubi

Awukho umehluko phakathi kwaMsimanga Msimango Msimang but konke kuya ngokuthi uphila ngaphansi kwasiphi isiFundazwe nange-Accent yendawo okhulele kuyona.

uMsimanga, Msimango or Msimang uyomthola kuwo wonke amaProvinces eSouth Africa, Botswana, Lesotho & Zimbabwe.

IZITHAKAZELO:
Msimanga/o
Thabizolo
Nonkosi
Songo
Muthwa oliThuli yena owehla ngesilulu abafokazane bona behla ngoMcacambane.
Abathwa abaziQunjane zimbili esinye singenhla esinye singenhla, esinye singezansi kwendlela.
Abathwa abamzimbomuhle njengowosana, kwangathi ngingawanga,
Abathwa abafunga uNonkosi nami ngaze ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga.
Abathwa abanzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Ehhhene iyanini maHlubi, nihlabele ngezindlela zonke, Niyobikela abaseMasimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile.
Amazala Nkosi ngokuzala uBhungane. Nina abokhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwaDlomo.
oSengama…umhlahlela sdindi uMahlasela yedwa njengoHlanya imizi yabaFokazana ngeJozi.
oMdidwa ziNdlubu ezamila eMthondweni.
Unkonka weFusi yena owama eNsimini yaseMantshalini yaphenduka iMfaba.
uMpembe kaLokothwayo….Thabizolooooo!!!

Izithakazelo zama Chunube

Ngama Gcaleka Ngotya Mthibe o Khawuta o Njazigcwalithafa o Mafumbhathimbewu idimilelesandleni

SHOYISA CLAN

Shoyisa mnqayi nsele enduna kalindamkhonto ntabanene ntab’engakhwelwa umfazi ekhwelwa umfazi makonakele sqongo sinojojo dadalikangethe eliminza lingafi babhala ngozipho zonkizizwe zibhala ngepensela wena wasezansi ,mzungulu.

Izithakazelo zaka Sibitane

Can you please help me with the history and origins and clan names for the Sibitane /Sbitane tribe

Sinanatelo saka Dube

Dube
Mtima
Mazombe
Lowasibekela Ngwane ngelutfuli
Nyamatane
Nyamatane lengadliwa

Iziduko zamabhele akwaLanga

bhele,
khuboni,
langa,
qunta,
mafu,
nontanda kupakanyiswa,
mbikazi

Izithakazelo zakwa Gabuza

Gabuza, Gumede onhlokonhle, qwabe,mpangazitha, nonombela kamafuya nduna, khondlo, phakathwayo, vezi, mnguni, mfumbathi wemvula, magaya isicaba sibe sinye, malandela ngokulandela izinkomo zamanye amadoda, nqenqema kanozitombo, shiyampahla ulandele intombi !

Xivongo xaka Mashaba

Hi mina Maswole wa Hlengani wa Mhlaba wa Masia wa Xiluvani wa Xidzuvudzi wa Den’we wa Ncengula wa Nkumba_pheya wa Xiribyani wa Nteyaphi wa Nyoka xoo wa Ngwenya mati. Hi vaka Xilumani xi luma na madzandza Ngwenya nkelenge xivutla na mindzheko,hi hina vo tshama ematini hi bomba hi magegetsu,hina vo fihlula ku olova hiku oka nhongani na njiya hi riphunga, vaku bvanyangeta mbuti na mhunti hi ndzhuti. Hiva ka xiyandamusi tshuri uta ri kuma mahlweni. Xilumani ngwenya.

Izithakazelo zakwa Thwala/Tfwala

Izithakazelo zabo ngokujwayelekile:

Mnyamande
Swazi
Mkhonto oduma njengezulu
Inzimakazi engenampondo ingaba nezimpondo iyahlaba
Siwela
Thwala loMzimkhulu
Bhijela wamaMbane
Malindisa

Abanye bazithakazela kanje:

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhontโ€™oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhandโ€™amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Ezinye zihamba kanje:

Thwala/Tfwala
Mnyamandze,
Shivakati,
Wena wakaSiwela, owawela umfula ngesilulu,
Skhandzisa saMakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mkhonto odumama njengezulu,
Inzimakazi engenazimpondo, ingaba nezimpondo iyahlaba,
Ithala lomkhonto lisemanyamandzeni,
Nhlangotsi zimanxebanxeba, wena kamlamulankunzi ungaziyeki zibulalane.
Mnyango kawuvalwa uvalwa ngemakhanda emadoda,
Ntshivakati engenampondo,
Bhijela wamambane,
Gemane kasiwela,
Nzilagazi.

Izithakazelo sakaNyambi | Nyambi Clan

Nyambi !
Maphoshe !
Mahlabezulu
Mtungwa !
Mkhonta
Mndiya wena wakamanangane
Wena wenkontsweni !

Page 1 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: