πŸ’›

izithakazelo

Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.

Popular people from Dlamini last name

Lindiwe Dlamini (Finance/Legal)
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]

Royalty from Dlamini last name

Dlamini I (Matalatala) (Royal Ancestor)
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
King Mbandzeni (Dlamini IV) (1858-1889)
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
House of Dlamini (Reigning Royal Family)
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
Inkosi Melizwe Dlamini (c.1950-2021)
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Prince Nqalabutho kaMelizwe Dlamini (Contemporary Royalty)
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.

Previous

Makhathini, Malinga, Zungu

Next

Abakwa Mthethwa

13 Comments

  1. Nonhlanhla Noxxie Dlamini

    Mina ngcela ukucaciseleka ngodlamini sibalukhulu ngoba kubona nginokudideka

  2. Mqapheleni Dlamini Latha

    Sanibonani Ngiyabonga Kakhulu ku-Elias Mzwenhlanhla Dlamini uwusho wageqa amagula NgoLatha! Ngiyabonga mina

  3. Uyangijikela, Uyadilika Sfiso Dlamini

    Nina Bakithi…

    Mina ngingu Dlamini, Mntungwa, Mhayise, Lokothwayo, Omuhle UMntwanenkosi,
    Ngokuthwala incema yo Msingizane Ngabe eyethusi ngabe iyadabuka,
    Ithwalambiza njengoMsuthu Imbeka kudele abafazi namadoda.

    Abaningi oDlamini Mntungwa ubathola ekuqaleni kwezintaba zoKhahlamba enhla kwentshonalanga yakwa Zulu-Natali baze bandulele eFree-State NaseMpumalanga. Amakhosi akwaMntungwa Dlamini akhosiza emabhunwini, ngenxa yobandlululo agcina esesebenza emapulazini amaBhunu. ngokuhamba kwesikhathi basuka baya emadolobheni afana noNewcastle, Standerton, Memel, Vrede nase Goli.

    Lona ohambisa lolusiba isizukulwane sika Nkomiyahlaba, elandelwa uMahambayedwa, kuze
    uMacalingana Kanye No Khimbili.

    • A M Dlamini

      Ngicela izibongo lesi sakwa Dlamini mntungwa lokothwayo

    • Bongani Dlamini

      uDlamini aze ahluke nje wayesukaphi indabuka?

      • Sishosonke. Dlamini

        Ngicela ukwazi ngoMbokodo Ozawa uCwazibe Dlamini namadodana akhe. Ngiyabonga

        UMashwabada,Sishosonke Dlamini

    • sihle

      bafo wena wasekhaya…….udlamini mntungwa…. please facebook me sihle dlamini

    • jabulani dlamini

      My email jabulanid63@gmail.com ngicela izithakazelo zakwa Dlamini mntungwa ziphelele

    • jabulani dlamini

      My email jabulanid63@gmail.com ngicela izithakazelo zakwa Dlamini mntungwa lokotwayo ziphelele

    • Sibusiso Dlamini

      Is here anyone who can help me with this clan name ?

      Dlamini mntungwa lokothwayo Nina bantwana bethuse ndlebe zikhanya langa

  4. Izibongo zamakhosi akwaDlamini Latha.

    Izibongo zikaMashwabada
    UMashwabada owashwabadela idlebe lendlovu kwafaneleka.

    Izibongo zikaJokozela
    Umagwaza aqephuke njengempongwane

    Izibongo ZikaMahleza
    Ubugwaqagwaqa bezinkomo zakithi ePhangweni
    Ingabe kazinadlelo nje zodlaphi ngoba zavinjelwa ezasekuVukeni eMachunwini
    Lezonkomo zakithi azinadlelo nje zavinjelwa ezaseMnyembezini eNgome
    Lezonkomo zakithi nje zavinjelwa ngoba zavinjelwa ezaseziNqoleni

    Umshosholozi aze ayebuya kwelamaThonga
    Uye wakhwela ngokhalo olungelwezinkoni
    Umhloli wezinqaba zakwaZulu
    Ngoba uye wahlolela abantwana bakaMpande
    Wathi izwe lizokonakala nembala lonakala

  5. Izithakazelo zakwaDlamini Latha

    Malatha amakhulu
    Maquba aluthuli
    Mazawuzawu
    Nina bakaSidwaba sinaluthuli
    Nina enehla ngezintaba zoBombo ngokuhleteleka
    Nina bomfazi uvivi
    Nina bomfazi omaquthu
    Oquthuzela amadoda
    Nina bephango likaMagwekazi
    Nina bakaJikela esekweni
    Abanye bejikela ezindaweni zabo
    Nina bakaJingo Mdlovu
    Nina bakaBheswa ngenkomo.
    Dadazulu

    • Mthandazo

      ngicela ningisize. my problem is this- ngiyasazi isibongo sami nezithakazelo, but ke angikwaz ukubeka amagama ngokulandelana kwawo. i just know that nginguDlamini. Mlangeni Dongadilika, emabele made omunyisa umntwana engaphesheya komfula, angikwazi ke ukuthi siqhubeka njani ma siphela.

Leave a Reply to jabulani dlamini Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026