clan names πŸ‘‘ history

izithakazelo

Abantu bakwa Mbatha

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. Komsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.

Izibongo zama Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo

Dladla
Mgabadeli, Mphembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…

Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha

100% match (abantu, bakwa, mbatha)


🔍 Search here 🔍+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Mbatha, Dladla, Mbeje Praisenames

Next

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

5 Comments

  1. Zamokuhle

    Izithakazelo zakwa Sihlangu

  2. Bongani Mbatha

    Ndabezitha

  3. nokuphiwa shandu

    umanyosi kadlekezele wayezalwa nguban

  4. Mthandeki

    Please nceda ngicela izithakazelo zakwa Nkomo ngendabuko ka baba uvela e free state

  5. linda

    Shandu kandaba

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

β“’ 2025