clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mthethwa

Mthethwa Nyambose omuhler

Nyambose, Dingiswayo, Magaga onsibansiba,
Omthethwa abahle. Nanoma ikuphi lanihambakhona
niyakhanya 💋💋

Izibongo zakwa Shebi

    Zikalala,
    Mthimude,
    Nonduko,
    Phasheni,
    Rwayiza,
    Gagalinamandl hlotsheni
    Snakanaka,
    Mthethwa,
    Vezi,
    Mwelase

Izikibha ziyatholakala

Whatsapp: 061 868 5163 (le nombolo eyokuthola ulwazi ngezikibha kuphela)

Umlando wabakwaMthethwa

Mthethwa! Khubazi! Nyambose! Mbekane! Ndunakazi! Ndlovu! Madango! Xaba! Khayi! Jobe! Shangana. Dingiswayo. Mmbiya. Mlandela! Sitimela! Nina basezansi Nina basemaganwini Nina basemachibini.

Isizwe sakwaMthethwa esesibizwa ngoMthethwa sisukela kuKhubazi owazala uNyambose, uNyambose wazala uMthethwa/Mbekane okunguyena isizwe esagcina sibizwe ngaye. Wazala uNdlovu/Ndunakazi, uNdlovu wazala uMadango, uMadango wazala uXaba, uXaba wazala uKhayi, uKhayi wazala uJobe eNdlunkulu. UNomagaga kaKhayi! Umkhont’ omuke noNdiyane, Owahlatshwa yinkwantsha yakoKhuzwayo [isiqhwaga]. iSempu elidla ngomkhont’ oyingqamu, Amakhosikazi edla ngesiyanda. Umshoshobi ubongaxha lesilimela [isidlidli sezinkanyezi], Elibuyis’ abantwana ekuthezeni. Ugagane lwehlanze [umuthi onameva], Oluphal’ abantwan’ ezibunjini, Uthantatha ngemfunda yoswela, uNomagaga wabelungu [ngaseDelagoa Bay].

EKhohlo uJobe wazala uShangana. Waphinde wazala uMbikwana owazala uSiwangu owagcina eyinduna yaseBaqulusini. Leli gama waliqanjwa ngoba unina wayeliShangane. UJobe wazala uDingiswayo noMawewe. UNina kaShangana wakhulelwa kuqala. Lokhu kwadala inzondo, uKhayi wamkhipha inxiwa uShangana wayokwakha umuzi waseNhlambini, [owawususelwa egameni lenhlamba unina ayethukwa ngayo], empumalanga yeMfolozi eMhlophe wazala uMmbiya owakhula noShaka kwabo. Yena uMmbiya wazala uMlandela. Kwenye indlu uMadango wazala uCele yena owazala uLugogo ozala uNdosi owazala uMaganga yena ozala uNqumela owazala uLanga yena wazala uMkhokheli ozala uDibandlela. Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaMthethwa nabakwaCele buvela kanjalo ngoba bonke bedabuka esendeni likaMadango. NguDingiswayo owaduma kakhulu: uMaf’avuke njengedabane. USombangeya [wabanga nomfowabo uMawewe] kaNdaba! UMadlekezela, [ukungena ngenkani kwaMbangambi] inkomo yanganene,

Izothengana nayiphi enenekazi? Izothengana noMbangambi woVuma, eMashobeni uSombangeya kasoz’atshelwa izindaba, Uyatshelw’izindaba, ugijimel’ehawini, Impunz’evuke nomkhont’emawuna uNyawoth ‘omnyama! uNofukuthwayo! Khon’ungembon’ezula phezulu. UNgqwashi obomvu, wawoHhamuyana; Omabal’azizinge [iziyingelezi] sengath’abekiwe. Izulu likaPhiko, libaneka kanjani? LikaSombangeya kaJobe?

uQayambeya! [uQalambela] uSahlul’amakhos’ asohlangeni; Uye wavunula kwaMahlaba, Ezinkumbini [ogwini, osebeniJ zamanzi uZinto zakhe zamuka namanzi abaThembu bakhwaza [badamuka] Baya ngoJama kaMnisi; Kand’ukuba: “Jama zibayeni, ngezabathakathi” Bethabetha ngomoya waseMampondweni; Ngithe ngisadl’ezinye.

Izinkomo zabantu zinenkelenkele; [zinecala] Zikhungel’ ingobe, [umkhonto ogobile] isemashobeni. Ilanga limdondoza, likaMadladla; Elaphuma, amakhwez’ abikelana, NakwaNtombase, nakwaLanga.

Umuzi omkhulu weNkosi uJobe kwakuseBalungwini. Kukulo muzi lapho uJobe wazala khona uThana owelanywa nguDingiswayo. Kuthe lapho uDingiswayo esengumfana owelusa amathole, uJobe wakhipha omunye umuzi wakhe wakwabo Dingiswayo wawuqamba igama lokuthi kusoYengweni. Emzini wasoYengweni uJobe wayenabantwana abaningi beyizinsizwa. Unina kaDingiswayo igama lakhe kwakunguMabhamba uyise okwakunguNzimase kaDonda kaShiya wakwaMbokazi. UThana wayehlala ekhabonina ngaleso sikhathi kuphuma umuzi wasoYengweni eBalungwini. Waze wabuyela kubo uThana esethombile. Wafika sekwakhiwa oYengweni. Ukuhlala kwakhe ekhabonina nokuba akhulele khona kwakuyintando kayise uJobe kwazise wayemthanda kunabo bonke abantwana bakhe. Nokho zanda zabaningi izinsizwa oYengweni ngoba abafana abazalwa eBalungwini onina babo okungesiwo amakhosikazi babethelwa khona oYengweni.

Kwathi izinsizwa zikaJobe oYengweni sezikhulile zahlangana zakhuluma zodwa ngoyise zikhala ngokuthi wayeseguge kakhulu eseyixhegu elidla inyama egayiwe njengomcaba, seliphuza ubisi lingasakhulumi nazindaba. Izinsizwa zabuzana imibuzo yokuthi kazi uyokufa nini uJobe kubekwe enye inkosi engewona umdodovu wexhegu. Owayehamba phambili ekukhulumeni nguDingiswayo kodwa nezinye izinsizwa zivumelana naye.

Amazwi ayekhulunywa kulowo mhlangano uNodunga kaMakhanya kaNjonjonjo Mthethwa owayeyinduna oYengweni wawezwa wonke kwazise naye wayewuthamele, wayobika konke kuJobe.

Inhliziyo kaJobe yaba buhlungu kakhulu. Wapha wonke amadodana akhe asoYengweni inkabi ngayinye ngayinye. Wathumela uNodunga

ukuthi ayowazisa amadodana akhe ukuthi izinkabi azihlabe zonke kanyekanye. Wagcizelela ukuthi yena wayezofika esezobeka inkosi ezobusa isizwe esikhundleni sakhe. Kulowo mcimbi wayala ukuthi bangezi abafanyana. Nembala zahlatshwa-ke izinkabi kodwa uJobe wangafika ngelanga ezihlatshwe ngalo wathi uyofika sekudliwa izifuba zazo. Wagcina ethelekile uJobe ehamba namabutho akhe amaningi esewatshele ukuthi kufanele awagwaze wonke amadodana akhe kungasali noyedwa baqikelele ukuthi uDingiswayo owayengungqeqe phambili uyabulawa. Kwathike lapho sekungeniswa utshwala uJobe watsaka amathe okwakuyilona lisu amabutho akhe okwakuhlelwe ukuthi azobona ngalo ukuthi sekuyisikhathi sokuwagwaza amadodana akhe.

Sasuka-ke isidumo lapho ilanga seliyoshona amabutho abangenela ngemikhonto bonke abantwana bakaJobe bababulala ngaphandle kukaDingiswayo. Yena weqa uthango amabutho amciba ngemikhonto amhlaba ngenhlendla phansi kwezimbambo. Wabaleka nayo inhlendla leyo waze wayongenisa kuDlaba kaMavovo emaChubeni lapho bafike bamkhumula khona umkhonto. Wahlala emaChubeni kwaze kwaphola inxeba.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando waMakhosi Esifundazweni SakwaZulu, Umqulu 1.

Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

Mlondo ,
mthiyane ,
nodungandaba,
qubuzankomo,
mthethwa,
zondo,
mlondo ngoku londoloza izintandane nabafelokazi,
wena owagengeleza umuzi ka dingiswayo inkosi yama nyambose.

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMthethwa

Izithakazelo zakwa Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

Izithakazelo zakwaMasondo

Izithakazelo zakwaMasondo

Nyambose,
Mthethwa,
Dingiswayo,
Donga dilika,
Mathangana amahle afanele ukwenziwa,
Nina enalandela amasondo ezinyamazane,
Nina eniphuza amanzi emichachazweni!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: