πŸ’›

izithakazelo

Buthelezi Clan 😍 Umlando

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Popular people from Buthelezi last name

Sfiso Buthelezi (Finance/Politics)
Former Deputy Minister of Finance of South Africa (2017-2018). Also served as Deputy Minister of Agriculture, Forestry and Fisheries. First chairperson of PRASA (2009-2014). Economist and former uMkhonto we Sizwe member. [Source: Wikipedia] [citation:5]
Siphile Buthelezi (Legal/Finance)
Managing Director at Buthelezi Vilakazi Inc, Chairman of KwaZulu Natal Growth Fund. Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN. [Source: UKZN Alumni] [citation:8]

Royalty from Buthelezi last name

Chief Mnyamana Buthelezi (Royal Prime Minister)
Great-grandfather of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to King Cetshwayo during the Anglo-Zulu War. His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.
Chief Mathole Buthelezi (Royal Prime Minister)
Father of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to the Zulu monarchy until 1948. Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.
Prince Mangosuthu Buthelezi (1928-2023)
Longest-serving traditional Prime Minister to the Zulu nation for 69 years, serving three successive Zulu kings: King Cyprian Bhekuzulu, King Goodwill Zwelithini, and King Misuzulu kaZwelithini. Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.

Previous

Nkosi Ndlangamandla

Next

Ngobese, Mqungebe 😍 Ngobese Izithakazelo noMlando

8 Comments

  1. Ngisacela ukwazi ngendabuko yabakwa-Simelane O-Magutshwa

  2. Siphelele Buthelezi

    Ngyabonga ukwazi nje ngendabuko yakwa Shenge, futh kukhona nethakazelo ebengingingazazi. Sibonge kuleyo ndawo

  3. MaShenge amahle ngfisa lokhu kunganiphithanisi amakhanda, kahle kahle nami kunezithakazelo engiqalayo nje ngqa ukuzizwa kithi kodwa ngyakuqonda ukuthi kahlekahle emhlabeni sonke sihlobene, kuphela nje angeke sigananesodwa sisemndenini onobuhlobo obusobala, eg, uma ulalelisisa kahle even uBabamkhul ubuthelezi kwakuyigama lomuntu nazo zonke lezi zithakazelo ngokuzalana kuze kufike kuye uBaba uMangosuthu. so ngyavuma futhi ngyayibonga lencazolo esibhalelwe yona!!!!!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge! UMntwana waKwaPhindangene Inosi kakusiye uBaba nje. Kanti isiNdlunkulu sakaButhelezi sithi nxa kubizwa noma kukhulunywa nobesilisa nabo abesifazane kuduma uShenge eShengeni lelo.
      Sondiya!

  4. Lethiwe

    mina Ngyaye ngizwe kufakwa no Guda makuthakazelwa kwa Buthelezi ngabe sikhona leso or ilezi eszingena nje ngokuhlukana kwezindlu , njengoba kunabase Nhlangano,Nukwa,njll?

  5. oka shenge

    this information is incomplete. one needs to refer to the Buthelezi Family tree to get the full picture. okunye okubhalwe lapha akusho khona. ngicela ukungandi kakhulu

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge Sowalisa!
      AmaNtungwa ngawesibongo sakwaKHumalo. Nxa kuthiwa Shenge ka Ndaba, kakushiwo uNdaba wakwaZulu noma emaMbatheni. Shenge isibongo salwaNdabandaba, bangabaKWAButhelezi. Babebulawa laba beNdlu kaNdaba okwaholela ukuthi baze bazibize ngoNdabandaba. UNdaba uzimele gelekeqe. AmaNtungwa lana angawaKwaSokhumalo Shenge.
      Emsinga nje, Shenge ucosha abantu bakwaDlamini. E-Bulwer ucosha oDlamini….E-Winterton usosha oDlamini, etc. yebo baklhona oDlamini bakwaDlamini. Kodwa abanye banga bakwaButhelezi , bangabeNdlu kaBheje kaNdenge kaLudaba kaQwangubana ozalwa yiNkosi uShenge . Baphoqeleka ukulahla isibongo ngoba babebulawa.
      uButhelezi uyedwa vo. Ningaganani. Nxa ubona udadewenu uzibonela nje omunye umfana wakwenu.
      SHENGE! SOWALISA! NKONYANE KAMLAMBO!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Kungakuhle wande Shenge. Akekho okhuluma ngokugogda lapha ukwenza ulwazi lwakwethu kube yi-property yakhe.

      Shenge!

Leave a Reply to Lethiwe Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén