πŸ’›

izithakazelo

Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.

Izithakazeli zakwa Nzama:

Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni.

The context that made it possible for the Nzama people to come under the leadership of the Ngubane can be linked to the different relations that King Shaka shared with various chieftaincies on the western boundary during the 1820s.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando

6 Comments

  1. Aw yithi labo ozukula ncameni wosiyane

    • SITHABILE

      HAWU NKOC YAMI YITH LABO OMASHIZA

      • Sanele Nzama

        Ngithanda ukwazi Ngo Gcugcwa, lomlando nginesifiso ukwazi ngaye. Ngingajabula mangase ngazi ngomlando wakhe ukhokho phela lowo

  2. Aw yithi labo owosiyane ozukula mmm

    • Nonkululeko Miya

      Bukhona ubukhosi kaNzama?

  3. manqoba

    sbonga kakhulu ngomlando we2 mashiza makhosi ondabezitha baka nzama inkosi yakhona itholakala endwedwe kawosiyane egweni komkhulu bamawosiyane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026