Radebe/Hadebe
Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!
Lwazi Radebe
Manje lezithakazelo zawonke umuntu waka Radebe jikelele?
Phumelele Radebe
Bhungane! ????
Fikile kaSloshana Kantozabantu
Bhungane makhulukhulu asibonge?
Sibusiso Mhlahlo
Bhungane
Bongani
As’bonge… ??????