Radebe/Hadebe
Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾
Nomfundo Radebe
Gob’izembe is for Hadebes not Radebes
Mashwabada owashwabadela inkomo ney’mpondo zayo is for Radebes not Hadebes
Ndlebe zikhaya ilanga is for Hadebes
Ndlebe zinhle zombili is for Radebes
They’re not entirely different and they’re not entirely similar
Nomatamsanqa Ntiyantiya Zwakala(aka Khanyisto)
Uyabulela uRhadebe, Mthimkhulu, Bhungane, Sibangela, Ndlebentle Zombini, Mafuza fulele njenge lifu lemvula, Nasele, Mlimose, Nzipho zimnyama ngokuqhwayana
Aphelele
Ozikode ongquma mangelengele amahle!!
Sikhalo Malindi
Asibonge bo Bhungane
Sintu Mvimbi
Mahlubi mangelengele bomashwaba abashwabadela inkomo nempondo zayo mafuza afulele njengelifu lemvula Radebe mthimkhulu ndicela imvelaphi kaMvimbi kwisizwe saMahlubi
Lwazi Radebe
Manje lezithakazelo zawonke umuntu waka Radebe jikelele?
Jabulani Radebe
Radebe /Hadebe isibongo esisodwa
Izithakazelo zinye. Mthimkhulu wama Hlubi. Kunezizwe e iningi ngaphansi kwama Hlubi.
Radebe wengamele zonke izizwe zama Hlubi.
Musayy lwana
Also Wanna Know
Phumelele Radebe
Bhungane! ????
Fikile kaSloshana Kantozabantu
Bhungane makhulukhulu asibonge?
Xolie
Ngele ngele!
Sibusiso Mhlahlo
Bhungane
Bongani
As’bonge… ??????