clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: May 2016 Page 1 of 3

Imilolozelo: Umzanyana Uthi

Imilolozelo: Umzanyana Uthi

We Nokuthela:
Wu, wu, wu!
Igula lomntwana:
Wu, wu, wu!
Zaqheqhe zengane:
Wu, wu, wu!
We Nomsutho:
Wu, wu, wu!
Woz’ uthule;
Nca, nca, nca bo!

Eminye imilolozelo: 

Imilolozelo We Nomathemba

We Nomathemba:

We Nomathemba 

Ushaywe ngubani ?

Yiyo lendonda.Ibiz’ ize lapha;

O, Hhayi Ngiyesaba!

Gibela nant’ ihhashi:O, 

Hhayi ngiyenqena.

Ehl’ amathamb’Ebhek’ enzansi,

Enyuk’ amathamb’Ebheke phezulu!

Ebheke phezulu!

Ebheke phezulu!


Eminye imilolozelo: 

Imilolozelo: Thula Mntwana

Imilolozelo: Thula Mntwana



Thula Mntwana
Thula thu,
Thula mntwana,
Thula sana,
Mam’ akekho,
Uzobuya ekuseni,
Owa mntwana!

Owa mntwana!


Eminye imilolozelo: 

Umzanyana uthi  

Shabangu Clan name

Shabangu Clan name

Shabangu!
Gama!
Mbhele!
Dlangamandla kwaboSothole
Mbhele oluhlaza njengenxoshana
Mdluli ngokudilizizindlovu.

Eswatini version:

Shabangu mbhele loluhlata njengengcoshane, msuthu, mswati, mtungwa, mahle emabhele, Akakhetsani nakaya ebandla , ingani bafati bemabhele abayisikisi incoboza, basaba kusika bantfwa babo,, kutsiwa ungahlala nemabhele uyalibala, Mahhalahhalabe waNgwane, Tjodvo, Dlatile, Ndlangamandla,, waSithole, Wena lowabulala inDuna kwangabi indzaba yalutho, Godide, Mpemba, ndlela, kaSompisi, wena lowatsela inkosi ngelitfuli

-Posted on this blog by Prince Shabangu (see comments)

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Makhanya,
Mnguni,
Yeyeye,
Gumede,
Qwabe,
Phakathwayo,
Khuzwayo,
Maphithini,
Mpangazitha,
Duze kaMnengwa Gcwabaza,
Thusi, Lingela,
Zukezela, Makhutha,
Mfene,
Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Mkhonto,

Zikhali,

Khanyile,
Magwaza,
Ndabezitha,

Mbulazi,
Ngwane elihle,
Wena owakhiwe elangabini elingadiliza izintaba,

Wena owadalelwa ukunqoba izitha,

nina benduku ebukhali engageji,
Nina enibahle njengezihlabathi zolwandle,

Hlongwane,

Wena owabuka bemhlasela ebsuku wagadla konke kwangasali nenkonyane yakhona,
Wena owabukana novalo esitikini lishona waphuma wedwa lisa.
Manqoba,

Mnikazi wempi
Mkhonto Omuhle!
Mkhonto uhlaba magwala,
Magwaza kaZulu!

tags: Mkhonto clan names, izithakazelo zwakwa Mkhonto, Mkhonto clan praises

Ndlela Clan name 😍 Izithakazelo

Ndlela Clan name praise:

Madide kaNdlela
Zikode kaNqaba
Sikhotha sawomoyakazi
Mawandla phikela mhlophe
Sihlangu gudlulaka
Nina bakaMaziyaziyana!

Nyoni kayidliwa muntu
Idliwa nguVezi
Ngoeyinkosi yamaNtshali
Phangela Jozini
Impangiso ingakagwazi
UNondela mzimba
AwunikuMandlakazi!

Mzimbunameva njengesihlahla
Phikela mhlophe
Sikhotha sawodonda
Nhlendle emathatha kaMpangela
Mgwazi kaqhaqhi
Uqhaqhelwa ezintuthwane
Lulwandle lugubelene!

Athamagwala sibonamabutho
Kantabonamagagasi
Humbu kanye nezintanga
Dilika kanye nezixhobo
Chakidomadevabomvu
Phikela mhlophe!

Izithakazelo zakwa-Sokhela

Izithakazelo zakwaSokhela

Sokhela!
Nzuza
Mahlobo
Mshazi
Nozishada kaMaqhoboza
Owaqhobozela izinkomo zamadoda
Wena owapheka amadumbe avuthwa ngoLwesihlanu .
Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama

Umuntu owanothisa umlando wabantu bakwaNzuza futhi owaduma ngokulwa izimpi ezabe ziliwa kuleyo minyaka kwaba nguNozishada indodana kaMaqhoboza .Iqhawe lakwaNzuza

Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza:

Umziqomela ,njengesilwane
Unqamul’abant’amaqambi
UGebhuz’izulu
Ungongo zabantu nezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant’uyazalela
Usehla ngendawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungendlu yakwabo,kwamaSicazana
Umanqe bathi ‘Adlani ngalapha kwaleziya zintaba?’
Adl’abantu bakaNozishada kaMaqoboza

UChakid’ozikhohlokhohlwana
UNtak’oduke namhlambi
Ngob’uduke nezakwaMzilikazi
UNomphanda mthombo wezinsele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile

Ubehlangabez’uZulu eMaqongqo
Kwaze kwabuz’uNdlela kaSompisi
Wathi: Uzawuhamba yiphi na?
Mfana kaMqhoboza na?
Wathi -ke ‘Nansi eyami,
Engizawuhamba kuyo’
Wayesethi-ke yena:’Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isiletha abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa

Ibinda !

Izithakazelo Zakwa Phungula

Izithakazelo Zakwa Phungula,

Phungula!
Mdlovu!
Mbangmude,
Mbandlwa,
Qhweza,
Hashaza ehlangeni,
Mnandi ongemondi,
Nomasikisiki
Nyoni esindwa isisila sayo,
Nkomo edla yodwa!
Uma idla nezinye ziyayiphangela

Myeza Clan name praise

Myeza Clan name praise

Myeza!
Mzukwase!
Mndimdwanodlumkantsha
Ninenawla ngomzungulu
Umzungulu wasala wabola
Umzaca okhombamaNgwane
Ndengezi!

Page 1 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: