clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 7 September 2018 Page 2 of 5

Izithakazelo zakwa-Ngidi

Izithakazelo zakwa-Ngidi

Hlomuka,
Bophela,Busane
Fuyane, Mazinga,
Mlalazi kaNoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka laseMakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso estikini,
Wen’okandunu mabukwa yombili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu,
Jiji Mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni!

Izithakazelo zakwa Ndwandwe

Izithakazelo zakwa Ndwandwe

Zwide kaLanga,
Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Izithakazelo zakwa Ngubane?

Izithakazelo zakwa-Ngubane

Mbomvu,
Somahhashi
Nyoniyezwe
Nomafu,Myaluza,
Ngcukumane,
Zikode elimhlophe,
Matomela,
Nzombane,Ngogozabantu,
Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo,
Ndoda kaNyamazane,
KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane,
Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba,
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka,
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane,
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi,
Nomaphikwane!!! ??

Izithakazelo zakwa Ngwane

Izithakazelo zakwa-Ngwane

Sangweni,
Zikhali,
Masumpa,Ndungunde,
Masengasileke,
Hlongwane,
Ndukuzinobulongwe, Mntungwa,
Nina enibahle njengezihlabathi zolwandle,
Siyane,
Mnqobokazi,
Songobese!

Izithakazelo zakwa Nkomo

Izithakazelo zakwa Nkomo

Yengwayo,
Mageza, Lajani,
Vezi, Phaphe,
Mahlabezula,
Nkundlande!

Izithakazelo zakwa Nzimande

Nzimande Clan Names

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Izithakazelo zakwa-Sokhulu

Izithakazelo zakwa-Sokhulu

Zondo,
Mthiyane, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Izithakazelo Zakwa Nkabinde

Nkabinde Clan Names

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi
Ubusika nehlobo.

Izithakazelo Zakwa-Ngobese

Izithakazelo Zakwa-Ngobese!

Mqungebe
Donda
Mthinti
Ntinda

Izithakazelo zakwa-Qwabe

Izithakazelo zakwa-Qwabe

Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”,
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!

Page 2 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: