Year: 2018 Page 2 of 112
Abakwa Ngongoma 😍 Izibongo zakwa Ngongoma
AbakwaNgongoma ngenye yezindlu zakwaNgcobo. Abantu bakwaNgcobo badatshulwa nguVumezitha, uyise kaNgcobo noMkheshane.
Laba bantu bakwaNgongoma bayatholakala laphaya eMsunduze eNdwedwe.
Ukwelamana kwabo!!
UVumezitha wazala uNgcobo.
UNgcobo wazala uDingile
UDingile wazala uNyuswa….uZonga… UGasela….uXhoko kanye noNgothoma.
AbakwaNgongoma baphuma kuGasela owazala uNombika.
UNombika wazala uNdaba.
UNdaba wazala uMashiza owazala uMavela.
UMavela wazala uBhofungane owazala uMafongosi..
UMadfongosi wazala uSiphandla.
USiphandla wazala uMbozane
Izithakazelo zakwa Ngongoma
Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane,
Ngongoma,
Maqadi amakhulu,
Mbili!
Izithakazelo zakwa-Chagwe
Mshengu,
Nzima, Mayane,
Gugushe!
Izithakazelo zakwa-Gatsheni
Ndlovu,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
Izithakazelo zakwa-Gobhozi
Nyuswa,
Ngcobo,
Fuze!
Izithakazelo zakwa-Gumede
- Mnguni kaYeyeye,
- Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
- Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
- Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
- Sidika lolodaba,
- Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
- Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!