clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: dlamini sibalukhulu history

Dlamini Sibalukhulu history

Dlamini Sibalukhulu history

Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele ngomlando wakwaDlamini. Okuningi kwalahleka, kodwa kukhona okwagcineka okuncani esikwaziyo ngabakwaDlamini.

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa. AbakwaDlamini bayatholakala kulolonke leli laseNingizimu ye-Afrika.

Ababhali abaningi bayaphikisa ngalomlando ngoba emuva le akusacaci kahle ukuthi umlando wabakwaDlamini uhamba kanjani…

Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Bakhona ke nabanye ababhali abawulanda ku MuMbo. Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. OoDlamini abehlukananga, bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene: amaSwazi, amaZizi, amaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge…

Omunye wababhali balomlando wakwaDlamini, u Siyabonga Jama Mviko ubhala kanje:

“Sengiyibhekisise kahle indaba yakwaDlamini, cha! Abantu bakwaDlamini bonke bazalwa ndawonye. Bakhona esingabatholi kahle umlando wabo kodwa bonke ekugcineni basuka esendeni elilodwa.

Behlukaniswa ipolitiki yomndeni nokuhlakazeka ngokwanda kwabo kanye nezigameko ezithile. Abanye kubonakala ukuba abazange balandwe oyise ababazalayo basala ezizweni kanti abanye bazalwa amadoda akhishwa ekhayeni ngebanga lemikhuba thizeni!

Abantu bakwaDlamini ngokwezizwe zabo:

AmaZizi
EmaLangeni
abakwaSibalukhulu
UDlamini-Latha
AbeNtungwa

 

source: zuluculture dot co dot za

Izithakazelo zakwa-Dlamini [Zulu]

Izithakazelo zakwa-Dlamini [Zulu]

Sibalukhulu,
Mdlovu, Magaduzela,
Magaga kaNsele,
Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,
Mgoqo ovimb’esangweni nansi impi,
Izwe lafa ngathini na?
Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,
Ngonyama!

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: