πŸ’›

izithakazelo

Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.

Popular people from Dlamini last name

Lindiwe Dlamini (Finance/Legal)
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]

Royalty from Dlamini last name

Dlamini I (Matalatala) (Royal Ancestor)
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
King Mbandzeni (Dlamini IV) (1858-1889)
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
House of Dlamini (Reigning Royal Family)
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
Inkosi Melizwe Dlamini (c.1950-2021)
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Prince Nqalabutho kaMelizwe Dlamini (Contemporary Royalty)
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.

Previous

Makhathini, Malinga, Zungu

Next

Abakwa Mthethwa

13 Comments

  1. sifiso nondabula

    Ngicela ningicacisele Ngo nondabula bakwa dlamini. Izithakazelo zabo.

    • Philani Latha

      Mina ngiwuDlamini Latha Pmb

  2. lindeka

    Molweni ekhaya ndicela khe nindicacisele ngoDlamini ,ooTshetshengwana ooNtuli ooDlilanga Ovumani ooNcinjana ukuba bavela phi ibuhlungu into yokuba ungawazi umnombo wakho

  3. sbonelo ngwane dlamini

    akulona iqiniso umbono nandisa inxukubevane nibala izindlu zamakhosi

    • Umlando vele ulandeleka kalula ngamakhosi. Lelikhasi elokuthi sifundisane umlando, nawe uma kukhona okwaziyo lungisa ungagxeki ube ungezi nesisombululo nawe fana esivivaneni Dlamini.

  4. Bafana

    Hi people, i need help abt my surname plz help if u cn. NguBafana Themba isibongo. I dnt undrstand tht ubaba wami uzwalwa nguDlamini bt azange ahlawulwa so i am currently using Themba as my surname. So i want to knw whethr i belng to Dlaminis or Thembas nd if Dlaminis plz tl me whch cultr am i hv to do as a young boy(18). Plz help.

    • Ngokwe Sintu uma ungazange uhlawulwe noma umama engalotsholwanga wena ungowako malume. Kodwa lokho akusho ukuthi awusiye owakwa Dlamini. Abantu abaphethe impilo yakho yibo oThemba khabo mame.

    • nyanya

      ma lil broe first themba is nt a surname its a name ,secondly u hve to use ur moms surname cz ur dad didnt pay 4 damages dat al i knw knw bhuti

    • siza

      hy guys i am living in durban may you please tell me if there is Dlamini’s ceremony or gathering around Durben i want to khow more about our surnames email me sizasilvia@gmail.com any time bt i dnt use social networks

  5. sbonelo ngwane dlamini

    ngizwa ubuhlungu uma ngabe lesibongo engiziqhenya ngaso sehliswa isithunzi kanje la kuma website cha mina ingphatha kabi lendaba yodlamini abahlukeni ngoba lokho kuyasiphoxa ngoba kusho ukth thina bodlamini asiyona into eyodwa kodwa simanhlalunhlalu bafwe2 ngyacela asivezen iqiniso ngesbongo sethu singadukisani udlamini uyiswati ngyaphela lapho

    • Sbonelo

      Ngizocela ufundisise kahle okubhaliwe ngapha ngenhla. Akukho lapho sithi o Dlamini bohlukene kodwa sibeka iqiniso lokuthi bagcwele lonke izwe futhi bakhuluma izilimu ezehlukene which is a fact.
      Fundisisa kahle uzobona ukuthi isikhalo sakho is baseless.
      Siyabonga ngokufaka umbono wakho ungaqhubeka futhi usho lapho ungagculiseki khona.

      Mbathastan

      • Sambulo

        Mf2 yebo uqinsile kulokho ekukholelweni kwabaningi oDLAMINI abayidli iMVU bt laba abanye bayayidla oDLAMINI ngamaSWAZI…ODLAMINI SIBALUKHULU,MLANGENI oMALAMBULE ukhokho khulu owafika la emzansi ezofutha amaphela benoMAGUTSHWA bazibonela abesimame abahle la koMZANSI basho ngaleyonto bathola abantwana baya eSWAZINI sebeyobika usuku lokub begcagcelwe la emzansi till baze bazinza la n abacabile ebusweni notMALANDELA.

    • zamazumane

      nop broe asibona amaswati sonke ,kukhona amazulu their orign ise Dlebe place n osjama amaxhosa so ungasihlanganisi bt ke at de end we r al Dlamini

Leave a Reply to Sambulo Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026