clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Category: Izibongo Page 5 of 31

Izithakazelo zakwa Khuluse Clan Names

Izithakazelo zakwa-Khuluse

Hlongwa,
Gabhise,
Mtumaseni, Khawula,
Mdindela!

Izithakazelo zakwa Khawula Clan Names

Izithakazelo zakwa-Khawula

Hlongwa,
Gabhise, Ntombela,
Gidela, Mtumaseli,
Ntanzi!

Izithakazelo zakwa Kheswa Clan Names

Izithakazelo zakwa-Kheswa

Mnguni,
Nozulu liyasa liyasibekela,
Mngun’omuhle wakwaMchumane,
Mpofane,
Mchumane ,ngelengele,
Liyasa liyasibekela,
Nozulu, Mpangazitha,
Maqhaqhambi wezulu eliphezulu,
Izimpofana zawela uThukela nomlazane onameva,
Neza Nimachochombela njengekwindla,
USuthu Oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya

Izithakazelo zakwa Khambule Clan Names

Izithakazelo zakwa-Khambule

Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi,Shezi,
Malangatsha!

Izithakazelo zakwa Khoza Clan Names

Izithakazelo zakwa-Khoza

Mlotshwa,
Msuthu,
Mkhathini,
S’phan’abantwana,
Ndlel’ehamb’ekhaya,
Eyanqamula kwaMlandakazi,
Mancencence,
Hlabisa odlulayo,
Ngoba olele akahlatshiswa,uyidla aze ayiqede,
Wena wakaMpahl’emhlophe,
Ingaba bomvu isiyonake,
Ntshingwayo,
Mangena, Mlilo,
Skotana,Mabona,
Nomageja, Sokhabase,
Ntshamase,
Ndlandla!

Izithakazelo zakwa Khuzwayo Clan Names

Izithakazelo zakwa-Khuzwayo

Gumede,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
Bethi, “Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!”
Kanti bahlinz’imbuzi,
Malandela, ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Phakathwayo!

Izithakazelo zakwa Khanyile Clan Names

Izithakazelo zakwa-Khanyile

Sothole,
S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Izithakazelo zakwa Hlubi Clan Names

Izithakazelo zakwa-Hlubi

Dlamini,
Nkosi, Ludonga,
Mavuso!

Izithakazelo zakwa Jele Clan Names

Izithakazelo zakwa-Jele

Nonyanda,
Luvuno, Nguboyengwe,
Gasa, Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Nhlapo, Khabela, Sokhulu,
Skhangane esakhang’amadoda
Nkala, Vumisa,
Mpandane!

Izithakazelo zakwa Gaxa Clan Names

Izithakazelo zakwa-Gaxa

Gubevu,
Nokhala, Msuthu,
Giyana, Maduna,
Diba!

Page 5 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: