clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Gwala Page 1 of 2

Themba Harry Gwala

Themba Harry Gwala born on 30 July 1920 & passed-on on 20 June 1995 was a revolutionary leader in the African National Congress (ANC) and South African Communist Party (SACP) in South Africa.

Harry Gwala trained as a teacher at Adams College and taught at Slangspruit where his students included Moses Mabhida. In 1942, Gwala joined the Communist Party of South Africa, and in 1944 joined the ANC, and moved into trade union organisation in the chemical, construction, and rubber industries. He was among the organisers of a national stay-away in 1950, and was subsequently banned under the Suppression of Communism Act.

Gwala Clan Names Gwala Surname

Gwala, Mphephethwa, Nzimande, Khilane, Khondlwane, Majiya ka-Mshika, Khamanga, Mdlovu, Mantshinga, Ntimbane, Ngwede, Ngwevu (Mgwevu), Jili, Ngwavuma, Sihlase, Vilakazi, Gcuma !!!

Izithakazelo zakwa Gwala

Izithakazelo zakwa Gwala 😍 Gwala Clan Praise

  • Mphephethwa,
  • Nzimande,
  • Khondlwane,
  • Majiya,
  • Khamanga,
  • Mdlovu,
  • Mantshinga,
  • Ntimbane,
  • Ngwede,
  • Ngwevu,
  • Jili,
  • Ngwavuma,
  • Sihlase,
  • Vilakazi,
  • Gcuma,
  • Ngwekazi,
  • Mancama ngesinkw’esikhulu,
  • Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
  • Manda kulandulwa,
  • Vilakazi,
  • Xam’odla ngomsingizane,
  • Mhlandla!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Hlengwa Whatsapp / call: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa Gwala
Izithakazelo zakwa Gwala

Prices:t-shirt: R200Hoodies: R400

Izibongo zakwa Nzimande

Izithakazelo zakwa Vilakazi

Izithakazelo:

Vilakazi,

Nzimande,

Mdluli,

Gwala,

Mphephethe,

Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle

Myeka khamangwa

Majiya Ngwekazi Nkondlwana

Mdlovu omatubutubu

Umhlwehlwe odume njengoZulu

Mancama ngenhlunu

Lugwashu

Matshinga waseMaphephetheni

Sihlase Binda

Abanye bathakazela kanjena:

Binda!

Mphephethwa

Wena kaGama

Mantshinga waseMaphephetheni

Owagwaz’ aze ame ngeklwa

UNgwevu noNgwavuma

Nina baseNgwede neNgwavuma

Sihlase!

Owadl’ umkadadewabo

Wathi akananyongo

Wathi akanamehlo

Umhlehlo sibhanhakazane

Malinga khilu hohlo

Bamchatha ngohlanga bethi akafe

Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!

Gwala Clan

AbakwaGwala

  • Abantu bakwaGwala baqhamuka enhla nezwekazi njengabo bonke abeNguni. Babeyingxenye yesizwe sakwaDlalmini ngesikhathi kufikwa eHlathini likaDlamini ePhakwe kuqhanyukwa ngaseSwazini kade kufdukwe uZulu wonke esuka eNkabazwe yeZwekazi iAfri lapho sekuyiSudan khona. Kwathi -ke sekwehlukaniselwana izindawo abkwaGwala banikezwa indawo eseduze kwentaba yasoPhisweni enhla kwesizwe saseMakhabeleni buqamamana nesizwe sakwaDlamini.
  • Laba bantu bakwaGwala badatshulwa nguMphephethe okwathi ngenzalo yesende lakhe kwadaleka isizwe saseMaphephetheni.
  • UMphephethe wazala indlalifa yakhe uGwala owazala abakwaGwala. UMphephethe kwezinye izindlu wazala oVilakazi noNzimande. NguGwala owaba inhloko yawo wonke aMaphephethe.
  • UGwala wazala uNombanjwa owazala uMkhondo owazala uDliwa owazala uKhondlwane owazala uMshika owayephinde aziwe ngelikaMaphinda.UMaphinda wazal uMajiya owazala uMyeka owazala uKamangwe.Lolu hlu lungolwendlunkulu yakwaGwala eMaphephetheni. Bayizihlobo ezinkulu nabakwaVilakazi, Nzimande, Binda nezinye izibongo.
  • Ngesikhathi seLembe eleqa amanye kwaGwala kwakubusa uMshika kaKhondlwane. Ngaleso sikhathi kwakuthi uma inkosi ikhotheme isidumbu sayo sishiswe.Kwakuthi -isishonile inkosi mhla iphuma ekhaya isiyotshalwa kufike amabutho esizwe ehlome ephelele, evunule ngayo yonke imvunulo yempi. Sekufikwe lapho inkosi yayizotshalwa khona kwakuqala ngokuhlaba inkabi inkosi eyayenza ngawo umkhosi wesizwe sayo ukuze nayo iphelekezele inkosi. Yayifakwa-ke emlilweni wezinkuni inkosi kanye nenkabi, kodwa okubalulekile ukuthi yayingashiswa yodwa, nezinceku zayo nazo zazibanjwa zishiswe kanye nayo. Ngakho-ke kwakufa inqwaba yabantu. INgonyama uShaka -ke eyawuqeda lowo mkhuba wabantu baseMaphephetheni ngoba kwakufa abantu abaningi, bengone lutho. Kuthiwa yakhipha ibutho layo loMbelebele (uMbelebele wawumbandakanya amabutho amaningi afana noFasimba, amaWombe nabanye.Lawo mabutho ayeqaphe umuzi waseMbelebeleni ingakho nawo ayebuye aziwe ngokuthi uMbelebele). Abantu bakwaGwala babethembele kakhulu enqabeni yabo yasoPhisweni.Lenqaba yintaba enxazine ende kakhulu kanti kunzima ukufika ethafeni layo kwazise kunamadwala ashelelayo emaceleni. Phezulu kukithafa elikhulu. Kwakuthi-ke nxa kuqhamuka izitha zizohkasela isizwe sakwaGwala siqoqe zimpahla okwakumbandakanya ukudla sikhuphuke ngeleli siyohlala phezulu ethafeni lasOPhisweni isitha sihlekwe usulu.
  • Kwathi -ke uma impi yeLembe ifika izobahlasela bakhuphukela phezulu njengokwejwayelekile. Kuthiwa okaNdaba wayekhiphe umyalelo othi uMbelebele oyobabhidliza abaseMaphephetheni kumnyama kubomvu. Ngempela uMbelebele wacaca intaba ngezandla waze wayofinyelela phezulu,isizwe sakwaGwala sanqotshwa. Nenkosi uMshika kaKhondlwane nayo yasala enkundleni kodwa abantu bayo bagcina bezimbandakanya noZulu.
  • Umuntu owawugqamisa kakhulu umlando wabantu bakwaGwala uMathambo Gwala owabe eyimbongi yeSilo uNyangayeziwe. Kuthiwa wayecikoza umfoka Gwala. Umculo owaziwa ngokuthi iRAP Music wasunguleka ngaye uMathambo. Ngeminyaka yama 70 uKevin Donovan(uDJ Afrika Bambatha) waseMelika wavakashela elakwaZulu, wafike wahlatshwa umxhwele indlela inyosi uMathambo eyabe ihaya ngayo iSilo. Ngenkathi esephindele kwelakubo eMelika waqoqa ezinye izinsizwa kwasungulwa umculo weRap ( Rhythm And Poetry) obuye waziwe ngokuthi iHip Pop Music. Ngakho-ke abantu bakwaGwala noZulu jikelele bayathinteka emlandwini womculo weHip Pop

Izithakazelo zakwa Nkonyane

  • Nkonyane,
  • Vilakazi,
  • Gwala,
  • Jili,
  • Ndzimandze,
  • Mphephetse,
  • Binda abasengwede nengwavuma bathi udadewabo akananyongo akanamhlehle, abagqalingana balingisa insimi isiyalile.

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Nzimande

Nzimande Clan Names

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon


INkunzi elukhanda lubanzi
YakokaMathathela
Evimbel’uNgenetsheni
Yavalel’uButhelezi
Kwathiwa ivimbeleni bafana
Ingangen’ekhaya
Ngoba iyoth’ingangen’ekhaya
Ifik’zone izithole

INsingisi kaNdaba
Ebanga izul’ukuphendula
UMnguni wakithi

Itshe elehle phezulu
Kubo eNengeni

Libonwe ngoNdwandwe
Kanye nabaThembu
ONdwadwe bakithi eGudu
Balinomomozelela
AbaThembu bakithi eSandleni
Balinkwezela
Ngoba babeshaywa yisazelo
Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi

ISilo limaphandu
Yebo simaphumlela
Simpondo zingemva nangaphambili
Esifana nemvubu
Ngeyakithi oThukela

Ebuk’izinkomo yanyukubala
Yabuk’amadoda yamomotheka
UNondina kabuso
Ubuso badin’abakwabo
Uncwadi zafika kuqala
KuBhengu eMgungundlovu

UNdaba ofela ngezibomvu
Njengegama lomuzi
Wakub’eMgungundlovu

Isife sikaNdaba
Esobhabh’amadoda
Nanamuhla lokhu
Sisawabhabhile

Unomfaz’omuhle ngemilenze
Isigawuli semith’emkhulu
Emincane yayisal’iziwela
Isinambath’abasibonde
Basishiy’iphini
Siye saphakwa nguGilibethe
Obezalwa nguNgcongcwana
Kwathi uMdlangayedwa
Wasinda ngokuzibalekela

Ngoba edl’uNtabankulu
Ezalwa nguGwazil
KwabakwaMagwaza
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMasenjana
Ezalwa nguMkhanyile
KwabaseGazini
Wamqumba phansi
Koludumayo
Kwaze kwahuda
Nezimvana zakhe
Akwab’indaba zalutho

Wadl’uZindawule
Ezalwa nguMabheqemana
KwabaseMancwangeni
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Molweni
Kwabamhloph’abelungu
Embangweni eThokazi
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Ashion
Kwabamhloph’abelungu
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Barthalom
EziMantshini kwaNongoma
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Inkunz’eyedlule ngodumo
Kubo eMsizini
Yaze yasengwa nguShester
Phezulu eChesterville
URobertson wakhala
Kwabamhlophe abelungu

Unkomo zal’ukwanda
Kwelakithi kwaZulu
Ngoba zaliwe ngoMashu
Zaliwe ngoRobertson
Zaliwe ngomfo kaKhambule

Isililo abasikhal’endlini
Kubo kwaZiphethe
Kwakungakhalelwa lutho boNdaba
Kwakuyikukhumbula nje
Kwasendlini kwabo kokaNtuzwa

UBhusha obukhali
UBhush’obhush’amadoda
Uncwadi zaphum’emqulwini
Kunina okaMathathela

UMngoma owethwasela*
Emthonjeni weMbile
Abany’abangoma
Bethwasela
Phezu kweNgoqongo

Ubuxhakazwa ngobemikhonto
Bebuxhakazwa ngamadoda
Ngawas’eNhlophenkulu
Kubuz’uSayitsheni
Engowas’Empangeni
Wathi madoda kwenzanjani?
Bathi sibangel’iNkunzi
Yakithi kokaMathathela

INkosana abayikhiphe nyova
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
Bayibhekisa iMpumalanga
Bathi ayisoze yalibusa
Leli iawoSenzangakhona
Kanti okaNdaba uzakulibusa
Aze ayonethezeka
Iphume maqede
Inyathi kaNdaba
Ithi iphakathi
KukaNdunu noNongoma

Yawajik’amabombo
Yabuk’uMaduna
Ezalwa nguNhlanganiso
Izinkomo zikaMaduna
Zawafaka phansi amakhanda
Zabuk’abafowabo kwaMshanelo

Zikubuke zakwesaba
Ezakini kwaMinyamanzi
Ezazidi’amabala
Zidla kolukhulu ukhalo
LukaManqwashu

UMashoshozela obenjengenyosi
Iyezulwini
Usibasa lukhalweni kwabemukayo
Ubase phakathi kukaNdunu
NoNongoma

Izulu eladuma
Ekhaya kubo oSuthu
Eladuma lathath’iSiyoni
ISiyoni safa kabi
Ngoba safa sizilandel’izindaba
Kith’eMahlabathini

Umbango wasuka ngezibomvu
Ekhaya kub’oSuthu
UGagane lukaNdaba
Lubiy’umuzi wakubo
Lapha kwaDlamahlahla

UChakide obepheth’igula
Ethi angaz’alivule
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla

IBululu likaNdaba
Elalingulumi muntu
Elaliluma umuntu
Ngoba elinyathele

UNyazi lukaNdaba
Olushay’amadoda
Nebinezwana layo
Laphelela esiswini

UFezela oneshon’ekhalweni
Ugijime ngokhalo olude
NgoloPhiyane
Yakhethelwa zingane
NgezaseKhatholika
EmaLomeni

IMamba eshaya izinhlu
Phansi kwezintaba ngezikaNunu
Unkomo zabhek’eBombolo
KwakungezawoMsenteli

Kwagijima uMpehlempehle
Ezalwa nguNdabokanye
Wathi inkosi siyiphangile
Kith’oSuthu
Yemukelwa nguThuthuza
Wathi ngiyayithanda
Ngeyesithole sakithi kwaSibiya
UFudu lukaNdaba
Olwazalela ngaphezu
Kwezindlu zamadoda
Zabola zonke
Nanamuhla kalokhu zisabolile

Umthukululi wefindo*
Elaliboshwe ngamadod’amabili
Ayethi silifinde sifindile
Akakho ongabuye alithukulule
Hlanga lomhlabathi
Silo saMakhosi!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: