clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: December 2016 Page 1 of 7

Imibala yezinkomo

Imibala yezinkomo

Ebafazi bewela: Inkomo emnyama wonke umzimba bese ibamhlophe ngemilenze nemikhono. Ukhozi

Emakhwi
: Inkomo emnyama enamabala amhlophe esiswini yachafachafaza futhi esiphongweni.

Khwifikhwifi: Inkomo enamabala amnyama namhlophe ngokulinganayo.

Ehhemu: Inkomo emnyama ngenhla imhlophe nganhlanye lombala omhlophe unokuba sezinhlangothini zombili.

Ihunqu: Inkomo ebomvu ngokunsundu yachaphaza ngamabala amnyama athi fahlafahla.

Ephuzingwebu: Inkomo emnyama emzimbeni imhlophe ngomlomo.

Ihwanqa: Inkomo ebomvu yafahlaza ngombala omhlophe wonke umzimba ngisho nezindlebe zinamabala.

Amagama ezinyoni

Izinyoni

β€ŽInqe
Inyoni lena eyisilwi esikhulu futhi esinolaka.Amashoshozela empi enza amadlokolo ngezimpaphe zayo ukuze ale ukukhasha empini.

β€ŽIngqungqulu
Kuthiwa ngesiNgisi i’Eagle ‘noma i’King of birds’. Ingolunye uhlobo lokhozi. Umbala wayo uluthuli. Uma indiza indizela phezulu kakhulu kangongokuthi kuye kube nzima nokuthi ibonakale. Izinyawo zayo zibomvu okwegazi.

Uma kuthe kwafa isilwane endle ezinye izinyoni azisidli leso silwane esisuke sifile. Ziyayilinda ingqungqulu ize ifike izokhipha amehlo aleso silwane esifile. Ngisho namanqe imbala awasidli. Lokho kwenzeka nxa lezo zinyoni zazi kahle ukuthi kuleyo ndawo ikhona ingqungqulu. Ososayinsi bathi kweleNgabade zingaphansi kuka 5 izingqungqulu ezisele.

Igama lengqingqulu libuye lisetshenziswe uma kukhulunywa ngokuthi ohlonishwayo entweni ayenzayo. Ziyahluka izinkozi, ezinye zimnyama bese ziba namakhanda amhlophe. Lezo -ke zikhonze kakhulu inyama yenhlanzi. INgqungqula yona ikhonze amehlo esilwane.

Indwa
Lena inyoni yezulu. Uphaphe lwayo lwalufakwa inkosi uShaka zwi!

Isakabuli
Lena inyoni encane cishe ngangendlanzi, yase yanda.ngesisila nezimpaphe ezinde ngangoba ayikwazi nokundizela phezulu. Imnyama ngombala.

Imibala yezinkomo nezincazelo zazo

Imibala yezinkomo nezincazelo zazo

UMbhungu

Inkabi emhlophe qhwa ngisho nezimpondo kanye nezinselo zayo
Igama elithi u’mbhungu’ libuye lisho ingane engakazalwa engakabi nalo ithambo. Lapha enganeni leli gama elithi umbhungu’β€Ž lithathelwe egameni elithi isibungu ngoba izinto ezifana neminyovu (wasp), izinyosi, imuvu nokunye okutinyelayo ziqala zibe izibungu (izimpethu) ngaphambi kokuba izibe ilezo zinto. Ngisho nempukane imbala ize ingatinyeli kodwa iba impethu kuqala ngaphambi kokuguqukela ekubeni impukane.
Umbhungu wenkomazi kuthiwa u’mbhungukazi’

Inco / Incokazi

Inkomo yensikazi ebomvu enamabala amhlophe
Amaqandakwayiba
Lena inkomo ensundu enamabala amamhlophe acisha aqaqele umzimba wonke

Amatshehlathi

Lena inkomo exube imibala ngokulinganayo, kungab ngomnyama noma omhlophe, kokunye kuba omdaka nomhlophe

Inyonikayiphumuli

Lena inkomo emhlophe qwa engenalo nelilodwa ibala. Kubuye kuthiwe ilanda nokuyigama elithathelwe enyonini emhlophe qwa ebizwa ngegamaβ€Ž elifanayo.

Intenjane

Lena inkomo emdaka noma empofu. Kwesinye isikhathi kuthiwa imdubu noma imthuku. Uma kungeyensikazi kuthiwa intenjanekazi. Leli bizo lisuselwa egameni lenyoni ebizwa ngokuthi intenjane enamabala ampofu njengayo le nkomo ebizwa ngentenjane bese ikhwifiza ngamabala amnyama umzimba wonke.

Umzondo

Lena inkomo emnyama noma ebomvu eshaya ngamabala amnyama umzimba wonke. Ukuxuba kwayo imibala kuyenza ibe mpunga okwesinambuzane esibizwa ngokuthi umzondo

Inzima

Lena inkomo emnyama bhuqe enganalo ibala. Uma kungeyensikazi kuthiwa inzimakazi. Kunesisho sesiZulu esithi i’nzimakazi izala ilungakazi ‘ esichaza ukuthi umuntu akazizali. Ilungakazi inkomo emnyama nayo kodwa yona inawo amabala amhlophe ambadlwana nje

Impevu

Inkomo emnyama noma ebomvu enabala elikhulu ebusweni. Uma kungeyensikazi kuthiwa impevukazi, inkabi kuthi uBhulesi nokuyigama elathathwa olimini lwesibhunu.

Inkone

Ibomvu inamabala amhlophe athe caba caba umzimba noma engawuqedile. Kufuneka kodwa ukuthi lamabala amhlophe ehlise umhlonzo,esukela ebusweni. Kwesinye isikhathi inkone iba nombala omhlophe emhlane nangaphansi. Amabala amhlophe esikhumbeni senkomo enkone ahambisa nehlanzeko kanye nokubusa
‘ inkomo ethe isankone kwaphuka isihlalo
UGwembeshe ongamanzi wokuhlalela ‘
UNomashikizela ashiye impi yakhe ‘

IWaba

Olunye uhlobo lwenkone kodwa yona iba mnyama, bese iba namabala athe caba caba umzimba.
Miningi impela imibala yezinkomo. Kukhona Abafazibewela, iMvubamabele, iZikhala zemithi, Amqanda kacilo, Ensiphozambele,iNhlamvu, iNtusi, neminye

Abantu bakwa-Mzimela

Mzimela

Abantu bakwaMzimela bakanye nabantu bakwaMsane .Bakanye futhi nabantu bakwaMfeka nabakwaVundla .Bakanye futhi nabantu bakwaMakhunga kanye nabakwaDidiza .Indlalifa kaDidiza kwakunguMaphuthwana .UDidiza yena uzalwa nguMakhunga kaNxaba kaMbekane kaVundla . Umuntu owagqama kakhulu kulaba bantu balezi zibongo engizithuntile nguNxaba kaMbekane wakwaVundla engisazobuye ngixoxe ngaye uma sengilandisa ngomlando wabantu bakwaVundla . Elinye iqhawe labo kwabe  kunguMgobhozi ovela entabeni wakwaMsane .

Zihlobene kakhulu kakhulu lezi zibongo futhi zisabazisa kakhulu ubuhlobobazo . Ingakho nje namanje abakwaMzimela uthola bekanye nabantu bakwaVundla bakhelene nabo lpaho abaseMaZimeleni sekhona njengamanje eMthunzini kwaGolela .Ngaphambi kokuba bafike kule ndawo asebekuyo njengamanje eyabe ingeyabakwaQwabe,babekade balephaya eNyakatho nomfula iMfolozi.

Lapho-ke babakhelane nesizwe saMaThonga.Bona-ke abakwaMzimela babeholwa nguKhonjwayo kaNtamo kaNjazi ,abakwaMthethwa bona bebuswa inkosi uDingiswayo kaJobe kuthi abakwaNdwandwe bebuswa yinkosi uZwide kaLanga.UKhinjwayo wayakhe laphaya eZinkuhlwini bede buduze neNcebeni uma udlula intaba iNkweyana ubheke ngasolwandle eningizimu neMpumalanga yelokishi lakwaMsane eMtubatuba .Phela uKhonjwayo kaNtamo wake wahlaselwa nguDlabela wakwaMthiyane [Sokhulu]nabaseMagengeni[Mlondo] ngoba babakhelene namaThonga.UKhonjwayo wazala uMgidla nokunguyena owabahloa emva kokukhothama kukaYise.

UMgidla simthola ebahola eyobahlanganisa nabahlobi babi abantu  bakwaMfeka,bona ababeholwa nguNxaba kaMbekane kaVundla. Abanye baseMaZimeleni bazihlanganisa  noZwangendaba wakwaJele ngesikhathi belibhekisa enhla nezwe babebalekela inkosi uShaka owayebusa kwaZulu ngaleyo nkathi kodwa uSihubele kaGabadele kaNjingili wazinikela embusweni wenkosi uShaka .UNjili wayesakhe laphaya ngasemfuleni iVuna kwaNongoma. UNjingili yena wabe esezala inkosi uZimema owazala inkosi uNtshidi.Kungathi basukile laphaya eVuna bayozinza laphaya eMthunzini .Basekhona njengamanje abantu bakwaMzimela  eMthunzini kwenabela koBanjeni nasoNgoye .

INkosi uNtshidi wabe eyiqhawe futhi eyingwazi futhi walwa impi yaseSandlwana.Nokwathi emva kwayo neyasoCwecweni sekubanjwe iSilo sasOndini sasiwa e-Oden Moullen eKapa bonke abamnumzane ababethembekile eSilweni sasOndini baphoqeka ukuba babe ngaphansi kolawulo lamaNgisi .Naye-ke uNtshidi waba ngomunye walawo makhosi abe eselawulwa ngumthetho wabamhlophe . Ngiyakwazi bakwethu ukuthi abantu abaingi abathandi kukhulunywe kanjalo ngoba kungehli kahle kuba sengathi bambuka.Nawo la makhosi ayesezitshela ukuthi iSilo ngeke sisabuya siyokhothamela ekuhlambeni.Futhi ngaleyi nkathi kwasekubusa wona amangisi nemithethi yawo .

Abantu bakwaMzimela bakhulu kanjalo nomlando wabo mkhulu esizweni samaZulu . Futhi-ke abakwaMzimela babalulekile endlunkulu yakwaZulu,babebheke uMntwana weSilo sakwaNodwengu uMntwana uMgidlana njengoba nethuna lomntwana uMgidlana lisendaweni yabo abaseMaZimeleni. Nomuzi woMntwana uMgidlana[waseNtshiweni]ukhiona kwaMzimela.

Kanjalo noGqwashaza kaMaphuthwana wakwaVundla wayebheke uMntwana uMgidlana .UNdlunkulu uNomvimbi okaMsweli wayezalwa khona kwaMzimela[wayezalwa intombi yakwaMzimela] .UYise kaNovimbi wayengeyona inkosi kwaMsweli kodwa wayengumzane owayeyiqhawe futhi evelele.UNdlunkulu okaMsweli wabe esezala iSilo sasOsuthu uDinuzulu kaCetshwayo[uMahelana]. UNdlunkulu okaMsweli wayegane iSilo sasOndini inkosi uCetshwayo kaMpande.Yena-ke uYise uMsweli wasala empini yaseNdodakusuka ngowe-1856 kulwa abaNtwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande.

Kwathi uma selunqobile uSuthu lathumba izinkomo nezintombi lapho.ISilo saOndini sasinomuzi laphaya  eDlalangubo okwakuthiwa kusOndini olubumvana nolapho umntwana waso uDinuzulu wazalwa khona. Elinye igama likaDinuzulu kwabe kunguMahelana aliqanjwa iSilo ngoba sasithi sibahela ngehlendla yaso esasihlala siyiphethe.

ISilo uCetshwayo samsusa undlunkulu okaMsweli ONdini olobomvana sayombeka esigodlweni sakwaGqikazi .Ngesikhathi eyiswa khona laphaya lulesiya sigodlo undlunkulu okaMsweli wayehamba noMholo wakhona kwaMzimela[iqhawe leSilo saOndini] uNobiyana laphaya esigodlweni sakwaGqikazi uMholo wayenoTwayiba kaKhwani kaMlaba  wakwaNdwandwe kanye noMphambana kaMadwala waseBathenjini [uzalo lukaMadwala lulaphaya eMangomhlophe khona kwaNongoma ].

UMphambana lona wayezala undlunkulu weSilo saOndini okaMadwala  ongayitholanga inzalo.
AMaZimela laphaya akhelene nabantu bakwaMkhwanazi kwaDlangezwa,abakwaBiyela kwaMpukane,abakwaZungu kwaMadlebe,abakwaZulu indlu yoMntwna Magwendu oGwagwini oBanjeni nabakwaNzuza

Ezinye izibongo ezikanye nesakwaMzimela :

-Mnguni
-Ntaka[Mtaka] -Mzungwanya
-Donda
-Mfeka nezinye

UKWELAMANA KWABO

-UNjazi wazala uNjingili noNtamo
-UNtambo wazala uKhonjwayo
-UKhonjwayo wazala uMgidla

Indlu yakwaGolela

-UNjingili wazala uGabadele

-UGabedele wazala uSihubele

-USuhubele wazala uSigodo

-USigodo wazala uZimema

-UZimema wazala uNtshidi

-UNtshidi wazala uLindelihle

-ULindelinhle wazala inkosi uMpiyezintombi[osekhotheme]

source: inkezokazulu.co.za

Izithakazelo zakwaMzimela

Izithakazelo zakwaMzimela

Mbizeni
Ntaka
Mnguni
Sheleza
Mzungwanya
Dimbani
Donda kaMlimandlela
Mfuyi wamatshe
Lwandle kaluwelwa luwela zinkonjane
Ngoba zindizela phezulu
Mfeka
Lwazi
Maconi
AbaZimela abazimela ngentonga yethusi
Abafokazana bezimela ngomhlaba

Imibala ngesiZulu

Imibala ngesiZulu

Red = Okubomvu
Purple = Okubukhwebezane
Maroon = Okububende
Black = Okumnyama/Okumpisholo
Brown = Okunsundu
Yellow = Okuphuzi
Green =  Okuluhlaza
Blue = Okuluhlaz’okwesibhakabhaka
Cummerflush = Okubhidi
Silver = Okucwebezelayo
White = Okumhlophe

Ukucela empunzini

Ukucela empunzini∼Ukubaleka

Lesisimo sokukhuluma sichaza ukuthi umuntu usuke ebaleka, mayethi Ngacela empunzini kusho ukuthi wabaleka.

Sisuselwa esenzweni seMpunzi(Inyamazane), Phela impunzi makuqhamuka izinja, izingwe, amabhubesi noma isiphi isilwane esidla izinyamazane iyabaleka.

Mangabe umuntu ecela empunzini usuke elingisa yona ngokubaleka. Abantu mabengafikanga eshumini noma kuliphi inani siyaye sithi bebecela eshumini noma bebecela enanini elithize.

Phela lokho kuchazwa ukuthi bebelinganiselwa, nomuntu usuke elinganiselwa esenzweni seMpunzi edla phansi!!!

Ukuncelisa umbele ofile

Ukuncelisa umbele ofile∼Ukukhohlisa.

Ukunyathela ngabantwana

Ukunyathela ngabantwana∼Ukuba nezitho ezinhle.

Ukumisa amanhlakomuzi

Ukumisa amanhlakomuzi∼Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.

Page 1 of 7

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: