clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: July 2018 Page 4 of 25

Izithakazelo zakwa Thembekwayo

Izithakazelo zakwa Thembekwayo 😍 Thembekwayo Clan 😍 Thembekwayo Praises

Thembekwayo!
Mhlabandlovu!
Mtimande!
Dlamane!
Masina!

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha:

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha:
INyosi :UGwebisa kaMandondo wakwaDlamini:
UMsongi wensimbi
Ayibek’ekhanda
Athi yikhona
Amagwal’ezakumbalekela
Usima ngandonga bangamhlabi
Bahlab’umbhantaka
Intak’eduke nabalandakazi
Ngoba iduke naBaqulusi
UMagwaz’ayiqhube
Ayis’ekhakonina kwaSothondose
UMngun’uyathentesa
Ufana nabasiki bebunda
Umfishan’ongubo ziyanyathela
Ingan’ezabade
Ziyalubuth’udaka
Umabatshazwa yimvubu yaseMzinyathi
Kwath’izingwenya zayikhex’imilomo
Umhlang’oshaya
Izinkomo zikaMaphitha
Usiyephuyephu siyimbube yakwaSekane
Emakhal’avuth ‘umlilo
Usinikiniki silishoba lenkunzi yezingonyama
UGwavumane waMasotsha
Umudli wezidid’ezimbili
Esinye singaphansi kweHlobane
Esinye singaphansi kweZungeni
Usibindi gidi
Usibindi simnyama
Simnyama nenyongo yaso
UMnumzan’ozihlabanelayo
Ingan’ abany’ abamnumzane
Bayasab’ukuhlatshw’emkhabeni
Uthukuthele mtakaNdaba
Walokuth’uMsebe
Wath’uyakugcwala
Nezingazi zamadoda***
Ungalo zimqingo
Ngokugwedl’ibhosho
Ngaphansi kweTshana
Ugwedlel’oMgazi noButhelezi.
IZul’elidume
Phezu koMzibomvu
Ugod’olukhwela
Amakhwent’eMzinyathi
Unkomo zinembedle
Zine mbedlelele
INkunz’ eMnyama
Yakithi kwaMandlakazi
Inzima lemnyama iyesabeka
Imnyama nezimpondo zayo
Iyesab ‘ukuthiba
Ngoba yesab’ukushelela
UNonqayiza bemthibela*
Uthitshelwa ngaMasotsha
NaMagumgedlela
Obhukudis’ abelungu kwaNolele
Bengasathand’ ukubhukuda
Usibhamu sadl’uMlungu
Sadl ‘ingwenya kwaNolele
UGqamu kwabad’ abelungu
Usihawuhawu ‘ungayinkondlo
Bayivumile
Ivunywe nguPhunga
Yavunywa nguMageba
Umudli wenguyazana
Yedwa kwaNolele
Lwalal ‘USuthu*
Lunga yidlanga
Ugxamalaza kuphum’ umbayimbayi
Ngaphansi nangaphezulu
Mjaheni Masotsha
Mjaheni Magumgedlela
OkaNdaba wayengasenakwephuka
KwaNolele
Ukuba wayephuka
Waye yokwephuk’eSANDLWANA*
Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikela abangakezwa
Nifike nibatshele ukuthi:
Lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noZibhebhu kaMaphitha**
Ubuhle bakho Ndaba
Ngiyabesaba, ngibusolile
Ngithe uma ngibuqaphelisisa
Ngabufanisa namehlw’entethe
Won ‘asemhulubulweni
Bamethwes’ isicoco
OkaNdaba samfanela
Bamgibez’ ehhashini
OkaNdaba lamfanela
Bamnik ‘isihlangu
OkaNdaba samfanela
Nani maSwazi khawulani
Ukufunga uMahlokohla
Nith ‘uMahlokohla
Ngowakini kwaNgwane::
Ngob’uMahlokohla ngowakithi
Laph’eBhanganomo
Ohlokohl’izimbub’eGujini
Zaphum’ubusabalala
Zaze zashay’umtsheke
Zathi ngqu! Washesha!
Mhla uzakuza
NeZimbidl’ezimashoba
Unkomo zashaya
Ingwaqa ngwaqa kwelasoSuthu
UMngun’oMnyama
Wakithi kwaMandlakazi
UMngun’ovimbele
Abany’abeNguni
Engibaziyo bakoFebane
Mhla abeNguni
Beza ngothul’eNgxongwane
Wabuyisel’amagwal’emuva
Ujojo luvikel’amaklele
Khona lapha eNdimhlane
UNondondo welanga
UMababal’ahlome
Akadinwa ukuhloma
UNgqongqo yemikhonto
Uyazibang’izililo
Ngob’uyazibang’izinyembezi
USiguda mnyama nonyezi
UNompangisa kuyihlomisa
USihlangu sikaShaka noJama
Wamudl’uGodide kaNdlela
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu
Wamudla uNdwandwe kaMdlaka
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu
Wamudl’uSihayo kaXhongo
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu
Wamudl’ uSekethwayo kaNhlaka
Ezikhulwini kwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’iznyoni zeZulu
Wamudla uNtshingwayo kaMahole
Emadunen’ akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’ uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu
Wamudla uDikane kaHlakanyane
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu
Wamudla uBhulangethe kaMagidi
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabinda zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu
Wamudla uVumandaba kaNqethi
Ezikhulwini zakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘ uyababa
Akanonyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu
Wamudla uHayiyana noMakhoba
Kwaba kwenu
Wamaqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathi bayababa
Abananyongo abanamhlehlo
Wabanik’ izinyoni zeZulu
Wamudla uNhlanganiso kwabakwenu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu
Usehla ngohologo
Kwelase Madletsheni
Abanye behla
Ngogongolo lwentaba
Wamudla uMsushwana kaMfusi
Kwezinkulu izindengezi zasoSuthu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamfimfitha wamkhafula
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu
Yasuka kwaNdunu
Mjulel’ abantu
Onjengo lembu
Ngob’ ujubele
UMsushwana kwabaseMdletsheni
OkaNdaba ugwaz’iduna
Kwazond’eliny’iduna
Nibabi maduna
AkwaZulu ngokuzondelana
Ube ngulamula mtakaNdaba
Ungemuthi wabeLungu
Ngob ‘ulamlele
USitheku kwabakaMpande
Wamnqumel’ezingamakhulu amathathu
Ndab’ uyalamlela
Lo munt’omemezayo
Umemeza njalo
Sengath ‘uyakhala
Ukhal ‘isililo
Uth ‘umtanakh’akendelanga lutho
Kwela kwaMandlakazi
Ngoba wendel’utho
Luka mbayi mbayi
Usal’ukutshelwa
Usal’ukunyenyezelwa
Ngonyama Nduna
Vuka bakuhlanganisile
Mbala wezinkomo nabantu
Awusabulali mtakaNdaba
Usuyasizila
Uqoth’ imbokode nesisekelo
Usimelele ngomkhonto
Phezu kweTshana
Wadondolozela ngenhlendla
KwaMthununtengayo
UMagasa emini libalele
Zonk’ izintaba zimbhekile
Izingwazi zamagwala zabola
Umkhumb’othi
Uyakhiwa wahlakazeka
Umkhont ‘oqed’amadoda
Ihhash ‘elimhlophe
Elinqand ‘amakhala
Uzungez’izintaba
ZaseMphelandaba
Kwaze kwazamazama
Izintaba zoBombo
Ithol ‘elingamqembu
Kwamany ‘amathole
Thole gqabula !
Kade lalizigqabul ‘izinsinga
Izul ‘elimnyama
LikaMaphitha
Elihlome laphindelela
NakwaNdunu
Ladl ‘amadoda
Uphehl’ itshe lingenambolo
Ngaphansi kwaGodlankomo
Laze labhoboka
Ithole elanyisa kuqala
Kwamanye amathole
Inkomo kaNdaba
Abayisengel ‘ethusini
Iye yakhab’ umbambi
Yakhab ‘umshayi
Ivondwe likaMaphitha
Eligend ‘amany ‘amavondwe
Lithe liyawagenda
Lawagendel ‘entendelezini
Impala eyasala
Kwezinye izimpala
Bezigumula bezibhoncula
Bezenz ‘amagudu
Okubhem ‘aBashokobezi
Umahlal ‘ehlomile
Ubenjengonhlanya
Ngoba nanamuhla
Usahlomile
Uhlany ‘oluze lugijima
Zalukhonkoth’ izinja zakoManqayi
Kanti ezakoNomsebedwana
Ziyalubungazela
Qatha langima
Nkomo zakwaNobandile
Kawukhawule Bhokotshiki
Ukutshikizela izinkomo
Zamadun ‘akini kwaZulu
Mhlanganiso kayibalwa
Ingani ‘eyaMamboza
Iyabalwa koDamushe

UMloyiswa kaNdaba
Okade babemloyisa
Beth ‘ akasayikufa
Akasayikumbelwa
UMagasa kaNdaba !

Izithakazelo zakwa Jeza

Izithakazelo zakwa Jeza 😍 Jeza Clan Praises

Jeza,
Mabasa
Mtumaseli
Mabele made
Wena owancelisa ingane ngaphesheya komfula,
Wena waseSiphudini.
Mvoti kambali emila emafusini!
Thabisa!

Izithakazelo zakwa Thembekwayo

Izithakazelo zakwa Thembekwayo 😍 Thembekwayo Clan 😍 Thembekwayo Praises

Thembekwayo!
Mhlabandlovu!
Mtimande!
Dlamane!
Masina!

Izithakazelo zakwa Mwandla

Izithakazelo zakwa Mwandla

mahlabathini(ondini) family

mpangazitha lo ndubane. s’yendlana sedobo siyasika siyahlumelela.

wena ohlangabeze undwandwe engasahlatshezwa.

maga!

nsele nduna!

ntubane!

jojo mshololo!

lugaxa lukhandeni lwenkabenkulu.

ntubane!

bholokoq’ umuntu ngombilini.

skeyi jikel’eshobeni.

Izithakazelo zakwa Masikane

Izithakazelo zakwa Masikane

uTiba Mkhabela Mbewumbili Nyabuse Novela Scubi Asosiwa Siyaphekwa Khona Nabangalitholang Iqhatha Beyosala Bephuza Umsobho Nina Enidabuka Emthonjen Omkhulu Wase Nyabuse

Others remember them as: Masikane, tiba, nyabuse, mphokwe, mleke, sicubu somlenze asiphekwa siyosiwa, singaphekwa koqhuma izimbiza!

Izithakazelo zakwa Thango

Izithakazelo zakwa Thango

JIYANE,

MAGOLWANE,

MBOPHA KA STHAYI,

THABEDE,

THANGO.
Uma ufisa ukwengeza kulezithakazelo zakwa Thango, sicela usazise nge-comment

Gama clan history 😍 Gama origin

Gama clan history 😍 Gama origin 😍 Abakwa Gama

Mafu was the son of Maphalala and Njelu khontaed at Nhlambeni.
There is a dip-tank which is called Njelu, between Nhlambeni and Gundvwini, but I am not sure whether it was named after Njelu.
Nsukumbili was commanded by BakaNgwane to look after the Kings’ graves.
The following Kings and senior princess were buried at Dlangeni:
l    King Ludvonga II
l    King Mbandzeni (Ngwane IV)
l    King Ngwane V (Bhunu)
l    Prince Makhosikhosi
l    Prince Sikhova (Senzangakhona)
l    Prince Logcogco
l    Prince Sozisa
l    Prince Mkhatjwa
l    Prince Mazini
l    Prince Maguga, and many         others.
Chief Zulukalingeni was the son of Nsukumbili. The following are the wives of Zulukalingeni Gama:
l    Nabophahla
l    Princess Veleleni
l    Dzeliwe Khanyile
l    LaNsoko
l    LaMkhonta
l    LaKunene
l    LaMhiya Dlamini
l    Kumakwakhe
The Gama clan is very important in the history of Swaziland. Chief Zulukalingeni accompanied King Bhunu when he fled to Eshowe after the murder of Indvuna Mbhabha Sibandze.
Chief Ndabefihlwayo Gama married HRH Princess Tfombi Simangele; her son is Chief Nsukumbili II.
The Gama clan do not eat Eland (Impofu).

Below is the genealogical line of the Gama chiefs:
l    Chief Nsukumbili
l    Chief Zulukalingeni
l    Chief Dinabantu
l    Chief Ndabefihlwayo
l    Chief Nsukumbili II

Umlando Wesibongo Sakwa Mbhele

Umlando Wesibongo SakwaMbhele 😍 Mbhele origin 😍 Mbhele Clan 😍 Mbhele history

Abantu bakwaMbhele bazalana kanye nabakwaNtuli kanye nabakwaShabangu. Banobuhlobo nabaseMaHlutshini. UMbhele wayelamana noZingili noNkosi II (wesibili) ogcine ezala abantu baseMaHlutshini. UZingili ugcine ezala isizwe samaZingili, uMbhele uzale isizwe saMaBhele.

Bobathathu bebezalwa nguDlamini II (wesibili) obebusa eSwaziland okusibeka ekutheni baphume kwaDlamini. Lababantu basemigedeni ngabasentabeni yaseLenge, ngasemfuleni iWasbank ngaseMnambithi. Ngabantu laba abebefuyile, imfuyo yabo idla eduze nemigede yabo. Ngesikhathi besemigedeni, kubhoke indlala badlana bodwa nabanye abebezidlulela ngendlela kwagcina sebaziwa ngamazimuzimu. Okunamhlanje abantu bakwaMbhele babizwa ngamazimuzimu. INkosi uSenzangakhona yabacela ukuba baphume emigedeni yabo. Ngaleso sikhathi bebebuswa nguMahlaphahlapha wakhona eMaBheleni.

Umuntu ogqame kakhulu kulababantu, nguSompisi kaGuqa Msalela kaNontshingila. USompisi ubengahambisani nokudla abantu. Usuke nabanye abebengahambisani nalowo mkhuba, behla nezwe bazokhonza KwaZulu kuSenzangakhona kaJama. Ngesikhathi beza KwaZulu, bebeqhuba izinkomo zabo sekubonakala ngezintuli ebezisuswa yizinkomo. Phakathi kwezingane zikaSompisi ayehamba nazo singabala inkosana yakhe, uGwatshaza, uNdlela, uMahawule noBhibhi indodakazi. UNdwane uzalelwe KwaZulu. Kuthe besanda ukufika KwaZulu inkosana uGwatshaza yashona.
Ekufikeni kukaSompisi KwaZulu, uzakhele igama eNkosini uSenzangakhona. Ngesikhathi ezocela indawo ezokhonza enkosini, imbuze ukuthi ungubani, zayichazela izinduna zayo inkosi ukuthi ungumholi walaba bantu ababonakele ngezintuli ngesikhathi behla ezintabeni nezinkomo zabo. Inkosi uSenzangakhona ithe “O! NingabakwaNtuli zankomo.”

Kusukela lapho ke kwabe sekuthiwa ngabakwaNtuli. Njengoba kushiwo ukuthi uSompisi uzakhele igama eNdlunkulu kwazise wayenobuciko bokupheka izinkobe nenyama. Ugcine esephekela iNkosi uSenzangakhona lapho wazithola esebizwa ngoNkobe. UBhibhi indodakazi kaSompisi, igcine igana inkosi uSenzangakhona, yazala uSigujana nendodakazi uNomqotho ogane iNkosi uMlandelwa wakwaMthethwa.

USigujana uhlale esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kweNkosi uSenzangakhona kodwa akahlalanga isikhathi eside ngoba ubulawe kwangena umnewabo uShaka. USigujana ubulawe nguNgwadi kaGendeyana waseMaMbedwini, engumfowabo weLembe ngonina uNandi. UNdlela kaSompisi ekufeni komnewabo uGwatshaza, nguyena obeyinkosana. Inkosi uSenzangakhona imbuthele ebuthweni leNtontela.

UNdlela ugqame kakhulu ngesikhathi kubusa iSilo uShaka kaSenzangakhona. Njengoba bese kushiwo ukuthi nabantu bakwaShabangu baphuma kwaMbhele, bekunendoda yakwaMbhele ebibuya iphindelela izofuna uyise ayihlomulele emfuyweni yakhe. Kuthe isibuya okwesithathu, uyise wakhuza wababaza ethi: “Kanti uyashabanga manje wena ndodana?” Wayeqonde ukuthi iyabagebenga noma iyabaqola ngoba phela ukushabanga kusho ukuqola. Kusuka lapho ke, lendoda kwaba nguShabangu, nabantwana bonke bendlu yayo babe ngabakwaShabangu.

Kukhona noNdlela kaSompisi wayebambe elikhulu iqhaza embusweni waKwaZulu ngoba nguyena osindise uMntwana uMpande ekusocongweni yiSilo uDingane. UNdlela kaSompisi ube ngomunye wezinduna zeSilo iLembe. Ngesikhathi sekubusa iNdunduma yaseMgungundlovu inkosi uDingane, ube ngundunankulu wayo nezimpi ayezikhipha zinqoba, ngaphandle kweyaseNcome neyaseMaqongqo eMagudu. Kulezo zimpi yehlulwa eyeSilo saseMgungundlovu. KwaMbhele kuphuma oShabangu, oNtuli, oKhuboni, oMdletshe noMakwasa. Kanti futhi kukhona namanye aMaBhele aseSwazini naseZimbabwe

source: ulwazi program

Umlando wakwa Mbhele

Umlando wakwa Ntuli 😍 Ntuli origin

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele. Batholakala endaweni engaphansi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo, eMnambithi. Baziwa kakhulu ngokuthi uma befunga bathi, “Ngiwafunge aMabhele eseLenge!” Amanye aMabhele atholakala ngaseNtabeni yaseNkuzi ngenhla nomfula iNdaka ngaseWashibhange.

Kuthiwa langa limbe iNkosi uShaka izipholele ngaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona. Kuthiwa kwakukhona amadoda, abantu besifazane nezingane. Kuthiwa bathi uma befika ngasemfuleni uThukela iNkosi uShaka yababuza ukuthi babalekani bathi babaleka amazimuzimu. Kuthiwa iNkosi yayalela induna yayo eyayihleli nayo uMaphitha kaSithole ukuthi akahambe ayohlala nalabobantu ngaphansi kwentaba iLenge abagade bangadliwa amazimuzimu.

Kuthiwa iNkosi uShaka yabahlalisa ngaphansi kukaZihlandlo kaGcwabe Mkhize, endaweni yaseNkandla. Bafika eNkandla babizwa ngokuthi ngabakwaNtuli ngoba kwabonakala izintuli zishunqa bebalekela amazimuzimu. Bahlalisana kahle nabantu baseMbo kwaze kwavela uNdlela indodana kaSompisi Ntuli.

UNdlela wayehlakaniphe kakhulu waze wenziwa uNdunankulu kaZulu ngesikhathi kubusa uDingane kaSenzangakhona. UNdlela kaSompisi wasindisa uMpande ngesikhathi uDingane efuna ukumbulala ukuze athathe ubukhosi, kuthiwa uDingane wapha uMpande izinkomo eziyi 100 ngoba wayazi ukuthi uzohamba ayombonga. USompisi waxwayisa uMpande ukuthi angayi kuDingane ngoba uzombulala. UNdlela wagcina ebulewe uDingane ngoba eseka uMpande. Ngemuva kokubulawa kukaNdlela aMabhele eNkandla abuswa uGodide inkosana yakhe. UGodide wazala uMangati kwathi enye indodana kaNdlela uMavumengwana yena wazakhela ugazi ezikhulwini zezwe ngoba wayekhuthele kakhulu.

UMavumengwana wayeyibutho futhi engumngani omkhulu weSilo uCetshwayo. Ngenxa yobuqotho bakhe izikhulu zamsikele izwe ukusuka eNtumeni, eShowe kwaze kwagcina oThukela. Ufike khona wakha umuzi wawubiza ngokuthi kukwaNhliziyonde. UGodide, uMavumengwana kanye noZinti bakaNdlela Ntuli balwe izimpi zikaCetshwayo. UMavumengwana uzale uMfungelwa ozale uGqokinsimbi ozale uMzungezi ozale uS’thembiso obusayo njengamanje oYaya naseMbongolwane, eShowe. Obunye ubukhosi bakwaNtuli bukwaMkhonto, KwaNgoni endaweni yaKwaMaphumulo.

Amanye aMabhele atholakala ogwini oluseNingizimu neKwaZulu Natal. Abantu bakwaKhuboni bayingxenye yaMabhele. Bakhona nabanye abasesifundazweni saseMpumalanga KwaGuqa eWitbank ngoba uGuqa kwakungesinye sezibonda zakwaNtuli. Abantu bawela umfula uMzimvubu bakhelene nezizwe zamaXesibe eMpumalanga Kapa.

Izithakazelo zakwaNtuli

Mphemba!
Nin’ eniphemba ngamabele
Abafokazana bephemba ngezibi!
Sompisi!
Bhel’ elikhulu!
Khuboni!
Godide!

Page 4 of 25

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: