clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: July 2018 Page 3 of 25

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha:

INyosi :UGwebisa kaMandondo wakwaDlamini:

UMsongi wensimbi
Ayibek’ekhanda
Athi yikhona
Amagwal’ezakumbalekela

Usima ngandonga bangamhlabi
Bahlab’umbhantaka
Intak’eduke nabalandakazi
Ngoba iduke naBaqulusi

UMagwaz’ayiqhube
Ayis’ekhakonina kwaSothondose
UMngun’uyathentesa
Ufana nabasiki bebunda

Umfishan’ongubo ziyanyathela
Ingan’ezabade
Ziyalubuth’udaka
Umabatshazwa yimvubu yaseMzinyathi
Kwath’izingwenya zayikhex’imilomo

Umhlang’oshaya
Izinkomo zikaMaphitha
Usiyephuyephu siyimbube yakwaSekane
Emakhal’avuth ‘umlilo
Usinikiniki silishoba lenkunzi yezingonyama

UGwavumane waMasotsha
Umudli wezidid’ezimbili
Esinye singaphansi kweHlobane
Esinye singaphansi kweZungeni

Usibindi gidi
Usibindi simnyama
Simnyama nenyongo yaso
UMnumzan’ozihlabanelayo
Ingan’ abany’ abamnumzane
Bayasab’ukuhlatshw’emkhabeni

Uthukuthele mtakaNdaba
Walokuth’uMsebe
Wath’uyakugcwala
Nezingazi zamadoda***

Ungalo zimqingo
Ngokugwedl’ibhosho
Ngaphansi kweTshana
Ugwedlel’oMgazi noButhelezi.

IZul’elidume
Phezu koMzibomvu
Ugod’olukhwela
Amakhwent’eMzinyathi

Unkomo zinembedle
Zine mbedlelele
INkunz’ eMnyama
Yakithi kwaMandlakazi

Inzima lemnyama iyesabeka
Imnyama nezimpondo zayo
Iyesab ‘ukuthiba
Ngoba yesab’ukushelela

UNonqayiza bemthibela*
Uthitshelwa ngaMasotsha
NaMagumgedlela

Obhukudis’ abelungu kwaNolele
Bengasathand’ ukubhukuda
Usibhamu sadl’uMlungu
Sadl ‘ingwenya kwaNolele

UGqamu kwabad’ abelungu
Usihawuhawu ‘ungayinkondlo
Bayivumile
Ivunywe nguPhunga
Yavunywa nguMageba

Umudli wenguyazana
Yedwa kwaNolele
Lwalal ‘USuthu*
Lunga yidlanga

Ugxamalaza kuphum’ umbayimbayi
Ngaphansi nangaphezulu
Mjaheni Masotsha
Mjaheni Magumgedlela

OkaNdaba wayengasenakwephuka
KwaNolele
Ukuba wayephuka
Waye yokwephuk’eSANDLWANA*

Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikela abangakezwa
Nifike nibatshele ukuthi:
Lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noZibhebhu kaMaphitha**

Ubuhle bakho Ndaba
Ngiyabesaba, ngibusolile
Ngithe uma ngibuqaphelisisa
Ngabufanisa namehlw’entethe
Won ‘asemhulubulweni

Bamethwes’ isicoco
OkaNdaba samfanela
Bamgibez’ ehhashini
OkaNdaba lamfanela
Bamnik ‘isihlangu
OkaNdaba samfanela

Nani maSwazi khawulani
Ukufunga uMahlokohla
Nith ‘uMahlokohla
Ngowakini kwaNgwane::

Ngob’uMahlokohla ngowakithi
Laph’eBhanganomo
Ohlokohl’izimbub’eGujini
Zaphum’ubusabalala

Zaze zashay’umtsheke
Zathi ngqu! Washesha!
Mhla uzakuza
NeZimbidl’ezimashoba

Unkomo zashaya
Ingwaqa ngwaqa kwelasoSuthu
UMngun’oMnyama
Wakithi kwaMandlakazi
UMngun’ovimbele
Abany’abeNguni
Engibaziyo bakoFebane

Mhla abeNguni
Beza ngothul’eNgxongwane
Wabuyisel’amagwal’emuva

Ujojo luvikel’amaklele
Khona lapha eNdimhlane
UNondondo welanga

UMababal’ahlome
Akadinwa ukuhloma
UNgqongqo yemikhonto
Uyazibang’izililo
Ngob’uyazibang’izinyembezi

USiguda mnyama nonyezi
UNompangisa kuyihlomisa
USihlangu sikaShaka noJama

Wamudl’uGodide kaNdlela
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu

Wamudla uNdwandwe kaMdlaka
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu

Wamudl’uSihayo kaXhongo
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu

Wamudl’ uSekethwayo kaNhlaka
Ezikhulwini kwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’iznyoni zeZulu

Wamudla uNtshingwayo kaMahole
Emadunen’ akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’ uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uDikane kaHlakanyane
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uBhulangethe kaMagidi
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabinda zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uVumandaba kaNqethi
Ezikhulwini zakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘ uyababa
Akanonyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu

Wamudla uHayiyana noMakhoba
Kwaba kwenu
Wamaqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathi bayababa
Abananyongo abanamhlehlo
Wabanik’ izinyoni zeZulu

Wamudla uNhlanganiso kwabakwenu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Usehla ngohologo
Kwelase Madletsheni
Abanye behla
Ngogongolo lwentaba

Wamudla uMsushwana kaMfusi
Kwezinkulu izindengezi zasoSuthu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamfimfitha wamkhafula
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu
Yasuka kwaNdunu

Mjulel’ abantu
Onjengo lembu
Ngob’ ujubele
UMsushwana kwabaseMdletsheni

OkaNdaba ugwaz’iduna
Kwazond’eliny’iduna
Nibabi maduna
AkwaZulu ngokuzondelana

Ube ngulamula mtakaNdaba
Ungemuthi wabeLungu
Ngob ‘ulamlele
USitheku kwabakaMpande
Wamnqumel’ezingamakhulu amathathu

Ndab’ uyalamlela
Lo munt’omemezayo
Umemeza njalo
Sengath ‘uyakhala
Ukhal ‘isililo

Uth ‘umtanakh’akendelanga lutho
Kwela kwaMandlakazi
Ngoba wendel’utho
Luka mbayi mbayi

Usal’ukutshelwa
Usal’ukunyenyezelwa
Ngonyama Nduna
Vuka bakuhlanganisile

Mbala wezinkomo nabantu
Awusabulali mtakaNdaba
Usuyasizila
Uqoth’ imbokode nesisekelo

Usimelele ngomkhonto
Phezu kweTshana
Wadondolozela ngenhlendla
KwaMthununtengayo
UMagasa emini libalele
Zonk’ izintaba zimbhekile
Izingwazi zamagwala zabola

Umkhumb’othi
Uyakhiwa wahlakazeka
Umkhont ‘oqed’amadoda
Ihhash ‘elimhlophe
Elinqand ‘amakhala

Uzungez’izintaba
ZaseMphelandaba
Kwaze kwazamazama
Izintaba zoBombo

Ithol ‘elingamqembu
Kwamany ‘amathole
Thole gqabula !
Kade lalizigqabul ‘izinsinga

Izul ‘elimnyama
LikaMaphitha
Elihlome laphindelela
NakwaNdunu
Ladl ‘amadoda

Uphehl’ itshe lingenambolo
Ngaphansi kwaGodlankomo
Laze labhoboka

Ithole elanyisa kuqala
Kwamanye amathole
Inkomo kaNdaba
Abayisengel ‘ethusini
Iye yakhab’ umbambi
Yakhab ‘umshayi

Ivondwe likaMaphitha
Eligend ‘amany ‘amavondwe
Lithe liyawagenda
Lawagendel ‘entendelezini

Impala eyasala
Kwezinye izimpala
Bezigumula bezibhoncula
Bezenz ‘amagudu
Okubhem ‘aBashokobezi

Umahlal ‘ehlomile
Ubenjengonhlanya
Ngoba nanamuhla
Usahlomile

Uhlany ‘oluze lugijima
Zalukhonkoth’ izinja zakoManqayi

Kanti ezakoNomsebedwana
Ziyalubungazela
Qatha langima
Nkomo zakwaNobandile

Kawukhawule Bhokotshiki
Ukutshikizela izinkomo
Zamadun ‘akini kwaZulu

Mhlanganiso kayibalwa
Ingani ‘eyaMamboza
Iyabalwa koDamushe

UMloyiswa kaNdaba
Okade babemloyisa
Beth ‘ akasayikufa
Akasayikumbelwa
UMagasa kaNdaba !

Izithakazelo zakwa Mhlongo

Izithakazelo zakwa Mhlongo

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni!
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl’ende!
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu,
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga,
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka!
Yatholakal’onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni!
Owavel’elangeni!

Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163

Lobengula kaMzilikazi

This is a very rare picture of king Lobengula kaMzilikazi, the son of Mzilikazi who was Shaka Zulu’s right-hand man.

Lobengula took the reigns of the now Zimbabwen Ndebele people. His father ran away from the Zulu Kingdom all the way to the land now called Zimbabwe.
This piece of history alone, makes us realise that, we Africans are one people.

This is a picture of Lobengula’s youngest daughter

UMLANDO OMFISHANE WENKOSI uSHAKA ZULU

UMLANDO OMFISHANE WENKOSI uSHAKA ZULU

Related image
According to our sources, this is the only portrayal of king Shaka Zulu that survived history, however we could not get sufficient information to confirm its degree of his real life resemblance.

INkosi uShaka kaSenzangakhona kwakuyiNkosi yesizwe saMazulu yodumo ngokuthi uShaka Zulu.

  • INkosi uShaka yazalwa ngonyaka ka 1787 ngase Melmoth enyakatho yesifundazwe saKwazulu-Natal yakhothamangonyaka ka (1828) Kwadukuza eNingizimu yenyakatho,esingakusho kugcwale umlomo ukuthi uShaka uzalelwe esifundazweni saKwazulu-Natal.
  • uShaka waziwa kakhulu ngokuhlanganisa izizwe zamanguni zasenyakatho ikakhulukazi lezo zakwaMthethwa nezakwaNdwandwe wazifaka ngaphansi kombuholi nombuso waKwazulu,lokho kwakuwukuqala kwesizwe esinamandla nenqwaba yomthelela eNingizimu Afrika
  • Umlando umbiza ngokukhalipha kakhulu uShaka ngenxa yobuhlakani bakhe ekuthuthukiseni indlela amabutho aKwazulu ayelwa ngayo kodwa ke abuye futhi emgxeke kakhulu ngenxa yodlame nonya lombuso wakhe.
  • Ezinsukwini zobusha bakhe empini wayengaphansi kobuholi uDingiswayo kanye nesizwe sakwaMthethwa ,nokuyisizwe ngalesosikhathi isizwe saMazulu esisikhothama kuso.
  • Inkosi uShaka wayeyilunga lebutho lakwaMthethwa iminyaka eyishumi, kuthe kusenjalo wakhetha ukuzihlukanisa eningini ngokukhombisa isibindi empini,ikakhulukazi uma kuliwa ezixukwini lapho amabutho esondelene khona,ikhono lakhe labonwa umholi wesizwe sakwaMthethwa uDingiswayo.umholi uDingiswayo wamthanda kakhulu uShaka emuveni kokuthola ukuthi uzalwa ebukhosini, wamunika isikhundla sokuhola amabutho akhe ,uDingiswayo wayedingisiwe ngemuva kokuzama ukuketula umbuso kayise,ngesikhathi inkosi uSenzangakhona uyise kaShaka ekhothama,uSigujana umfowabo kaShaka omncane wagcotshwa njengeNkosi yesizwe saMazulu.
  • UBukhosi buka Sigujana abufikanga ndawo,umlando uthi iNkosi uShaka ngosizo lukaDingiswayo nomfowabo uNgwidi babopha uzungu lokubulala uSigujana,kwaba ukuqala kombuso wenkosi uShaka,nakuba eyinkosi waqhubeka nokuyamela kumholi wesizwe sakwaMthethwa uDingiswayo.
  • UShaka wavumela ondlebe zikhanya ilanga ukuthi bangene Kwazulu Natal okwadala omkhulu umsindo nezingxushungxushu.
  • Ngemuva kokukhothama kukaDingiswayo ebulewe nguZwide wesizwe samaNdwandwe ,inkosi uShaka yafuna ukuziphindiselela kuZwide.
  • Ngesikhathi iNkosi uShaka ikhothama ubukhosi bathathwa uDingane,umfowabo uDingane wathatha isihlalo sobukhosi waqala uhambo lokuqotha bonke ababeyizithenjwa zenkosi ushaka nokuwuhambo olwathatha iminyaka.

UKUGUJWA KWE HERITAGE DAY

  • Ukugujwa usuku lukaShaka oselwaziwa nge Heritage day,izinsizwa nezintombi zisuke zibhikla ingoma lize liyozilahla kunina njengoba kuzobe kwenzeka osukwini lwakusasa kwaDukuza.
  • Lolusuku Kwazulu Natal yilo okukhunjulwa ngalo amagalelo ka shaka ekuhlanganiseni isizwe samazulu.
  • Umhlaka 24 September wawungekho ohlwini lwamaholidi ayeshicilelwe ngaphansi komthetho ipublic holiday bill,nokwavusa imvunge kwiqembu Inkatha Freedom Party nelalinamalunga amaningi angaMazulu,ngalesosikhathi leliqembu lalishaya phansi ngonyawo lithi lolusuku kufanele lihlonishwe.
  • Ukubungazwa kwalolusuku kwagcina sekukapakatele nakwezinye izifundazwe,nalapho khona abantu bekhuthazwa ukuthi beqhakambise amasiko abo.
  • Cishe siyazi sonke ukuthi Amazulu yibona bantu abadume iafrika yonkana ngenxa yamabutho alwa impi agcine esatshwa isikhathi eside.
  • Sonke kusasa zingane zakwethu asiphumeni ngobuningi bethu siyogubha lolusuku Kwadukuza isilo samabandla uGoodwill Zwelithini uGangezwelakhe imbube isibizile sizohlanganyela ndawonye,Bayede Bayede Bayede wena wendlovu inkosi ayiqedwa abazi kangcono bathi okungapheli kuyahlola,ume njalo zulu.

Umlando wesizwe sakwa Zwane

Umlando wesizwe sakwaZwane

MNGWENI, Lindamkhonto, Nsele, Ntshosho, Mafu, Mangethe, Cengesi, Thinta, Dumisa, Nkanyezi, Mhlanganyelwa.

Esizweni sakwaZwane iNkosi yaso eyaduma kakhulu uMangethe. Wayakhe umuzi wakhe ngokuyela ngaseHlobane. Namuhla kunomgwaqo osuka ngasoBivane wedlule eduze kwetshe elikhulu ngasesandleni sokudla. Lelo litshe yiTshe LikaMangethe.

Wayehlala phezu kwalo abuke yonke indawo yesizwe sakwaZwane. Lelo litshe namuhia liheha izihambeli ezisuka kulo lonke elakwaMthaniya namaphethelo. Eduze kwetshe kunethuna lakhe uMangethe ngaphansi kwayo intaba. Ithuna lisendaweni ezenza samgede.

Kuthe ngemuva kokubusa kukaMangethe sekufike noMntwana uMkabayi endaweni, kwagcina indawo isisikelwe nabakwaMthethwa bakaMnyayiza kaMthakathi, abakwaSibiya nabanye.

Izwe bese liqolwe ngabelungu bezenzela umathanda kusukela ngowe-1887 amaBhunu esungula into ayibiza ngeNew Rebublic ezweni lakwaZulu ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu. Ngakhoke kusukela eMakhosini oCengesi kuya phansi eNkosini uMhlanganyelwa Zwane isizwe sakwaZwane besesihlakazekile. Iningi bese lingaseNewcastle abanye bengaseMnambithi.

Isizwe samaZulu sinomlando omude osuka eNubia okwakuyi-Ethiopia yasendulo, lapho namuhia sekulizwe laseSudan okukhona nenhlokodolobha okuthiwa yiJuba. Kulapho futhi zonke izizwe zabamnyama e-Afrika zadabuka khona ngowezi-3300 Singakafiki Isikhathi SikaKhrestu.

Kulapho amaZulu ngaphansi kweNgonyama uNtu ozala uMnguni ohlangeni nabo bonke abomdabu ababelapho eNubia asungula khona impucuzeko yokuqala ngqa emhlabeni ebandakanya ulwazi lokubhala iMedu Netcher [Mdw Ntr], ulwazi lwesayensi imathemethiksi, ifiziksi, ubunjiniyela, ulwazi lwemithi, ezolimo, ezenkolo (uMvelinqangi), ikhalenda yokuqala emhlabeni nokunye okuningi ngesikhathi zonke izizwe zomhlaba ngokukaSolwazi uCheik Anta Diop waseSenegal zisahlala emigedeni nasemaweni, zisesebumnyameni obesabekayo.

Ukufudukela eningizimu kwamaZulu nokusakazeka kwezinye izizwe zama-Afrika ne-Afrika yonkana kwabangelwa ukuhlaselwa kwezwekazi lase-Afrika okwakuvela e-Asia okwaqala ngesikhathi kuhlasela amaHyksos ngowe-1600 BCE, abelungu bona bahlasela okokuqala ngqa ngaphansi kweGriki u-Alexander the Great ngowe-332 BCE kwagcina kuhlasele amaPersia ase-Iran nama-Asyria ase-Iraq.

Ngakhoke izizwe zama-Afrika zasakazeka nezwekazi lonke ngokukaDiop othi kodwa kusukela ngowe-14 ekhulwini Singakafiki Isikhathi SikaKhrestu lonke izwekazi i-Afrika lalihlala abaThwa babesakazeke nalo lonke kuze kuyofika lapho sekuseCape Town namuhla. Laba kuthiwa ngamaKhoisan. Ngakhoke bangama-Afrika ngokugcwele kwazise ulimi lwesiZulu o-X, C, Q, (ongwaqabathwa) lwabathatha kubo ngoba kwakuhlalwa ndawonye kwaganiselwana iningi lamaKhoisani lagcina lishabalele. Ngakho-ke alikaze izwekazi kuthiwe lalingahlali muntu ezindaweni ezithile.
Abahlaseli bama-Arab asebazinza e-Egypt, eTunisia, eLibya, eMorocco baqole lezo zindawo ngenkathi ama-Arab ehlasela kusukela ngowama-640 ADE echela inkolo yomphrofethi wawo uMohammed esuka eMiddle East.

Abelungu amaDutch ahlasele ezwenikazini ngowe-1652 amaNgisi ahlasela ngowe-1795 okokuqala abuya okwesibili ngowe-1806 esezoqola amazwe amaningi ase-Afrika.

Izizwe sakwaZulu zasizimele futhi saba ngesokugcina ngesikhathi seNgonyama uCetshwayo ukunqotshwa ngamaNgisi ekuhlaseleni kwawo mhla zingama-22 kuMasingana ngowe-1879.

Kuleyo mpi eSandlwana ngalelo langa amasotsha angama-580 amaNgisi abulawa agwazwa ngemikhonto yimpi yeNgonyama uCetshwayo, amanye abulawa futhi ngalo lelo langa eNyezane naseGingindlovu. AmaNgisi azama ukucoboshisa uZulu empini yakwaCezwa mhla zi-2 kuNhlangulana ngowe-1888 kodwa amabutho eSilo uDinuzulu adla umhlanganiso. Ngawo lowo nyaka abulala anqoba izimaku zamaNgisi ngaphansi kukaZibhebhu kaMaphitha kwaNduna eduze kwakwaNongoma mhla zingama-22 kuNhlangulana ngowe-1888 okwalandelwa ukuboshwa nokudingiselwa eSt. Helena kweNgonyama uDinuzulu sabuyiswa amaNgisi esethi silingana nawo wonke aMakhosi kodwa uZulu wakwenqaba lokho.

Kwaba ngokokuqala ngqa ukuthi iNgonyama yamaZulu iholelwe ngamaNgisi iholo lopondo abangamakhulu ayisihlanu.

Ngaphambi kwalokho zonke iziNgonyama zamaZulu zazinakekelwa ngamaZulu uqobo kwethulwa izinkomo zibulala inyoka kuze kufike eNgonyameni uCetshwayo lapho izinkomo iNyonikayiphumuli zazibulala inyoka zaqolwa ngabahlaseli bamaNgisi.

  • Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando waMakhosi Esifundazweni SakwaZulu, Umqulu 1.

Umlando wabakwaMthethwa

Mthethwa! Khubazi! Nyambose! Mbekane! Ndunakazi! Ndlovu! Madango! Xaba! Khayi! Jobe! Shangana. Dingiswayo. Mmbiya. Mlandela! Sitimela! Nina basezansi Nina basemaganwini Nina basemachibini.

Isizwe sakwaMthethwa esesibizwa ngoMthethwa sisukela kuKhubazi owazala uNyambose, uNyambose wazala uMthethwa/Mbekane okunguyena isizwe esagcina sibizwe ngaye. Wazala uNdlovu/Ndunakazi, uNdlovu wazala uMadango, uMadango wazala uXaba, uXaba wazala uKhayi, uKhayi wazala uJobe eNdlunkulu. UNomagaga kaKhayi! Umkhont’ omuke noNdiyane, Owahlatshwa yinkwantsha yakoKhuzwayo [isiqhwaga]. iSempu elidla ngomkhont’ oyingqamu, Amakhosikazi edla ngesiyanda. Umshoshobi ubongaxha lesilimela [isidlidli sezinkanyezi], Elibuyis’ abantwana ekuthezeni. Ugagane lwehlanze [umuthi onameva], Oluphal’ abantwan’ ezibunjini, Uthantatha ngemfunda yoswela, uNomagaga wabelungu [ngaseDelagoa Bay].

EKhohlo uJobe wazala uShangana. Waphinde wazala uMbikwana owazala uSiwangu owagcina eyinduna yaseBaqulusini. Leli gama waliqanjwa ngoba unina wayeliShangane. UJobe wazala uDingiswayo noMawewe. UNina kaShangana wakhulelwa kuqala. Lokhu kwadala inzondo, uKhayi wamkhipha inxiwa uShangana wayokwakha umuzi waseNhlambini, [owawususelwa egameni lenhlamba unina ayethukwa ngayo], empumalanga yeMfolozi eMhlophe wazala uMmbiya owakhula noShaka kwabo. Yena uMmbiya wazala uMlandela. Kwenye indlu uMadango wazala uCele yena owazala uLugogo ozala uNdosi owazala uMaganga yena ozala uNqumela owazala uLanga yena wazala uMkhokheli ozala uDibandlela. Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaMthethwa nabakwaCele buvela kanjalo ngoba bonke bedabuka esendeni likaMadango. NguDingiswayo owaduma kakhulu: uMaf’avuke njengedabane. USombangeya [wabanga nomfowabo uMawewe] kaNdaba! UMadlekezela, [ukungena ngenkani kwaMbangambi] inkomo yanganene,

Izothengana nayiphi enenekazi? Izothengana noMbangambi woVuma, eMashobeni uSombangeya kasoz’atshelwa izindaba, Uyatshelw’izindaba, ugijimel’ehawini, Impunz’evuke nomkhont’emawuna uNyawoth ‘omnyama! uNofukuthwayo! Khon’ungembon’ezula phezulu. UNgqwashi obomvu, wawoHhamuyana; Omabal’azizinge [iziyingelezi] sengath’abekiwe. Izulu likaPhiko, libaneka kanjani? LikaSombangeya kaJobe?

uQayambeya! [uQalambela] uSahlul’amakhos’ asohlangeni; Uye wavunula kwaMahlaba, Ezinkumbini [ogwini, osebeniJ zamanzi uZinto zakhe zamuka namanzi abaThembu bakhwaza [badamuka] Baya ngoJama kaMnisi; Kand’ukuba: “Jama zibayeni, ngezabathakathi” Bethabetha ngomoya waseMampondweni; Ngithe ngisadl’ezinye.

Izinkomo zabantu zinenkelenkele; [zinecala] Zikhungel’ ingobe, [umkhonto ogobile] isemashobeni. Ilanga limdondoza, likaMadladla; Elaphuma, amakhwez’ abikelana, NakwaNtombase, nakwaLanga.

Umuzi omkhulu weNkosi uJobe kwakuseBalungwini. Kukulo muzi lapho uJobe wazala khona uThana owelanywa nguDingiswayo. Kuthe lapho uDingiswayo esengumfana owelusa amathole, uJobe wakhipha omunye umuzi wakhe wakwabo Dingiswayo wawuqamba igama lokuthi kusoYengweni. Emzini wasoYengweni uJobe wayenabantwana abaningi beyizinsizwa. Unina kaDingiswayo igama lakhe kwakunguMabhamba uyise okwakunguNzimase kaDonda kaShiya wakwaMbokazi. UThana wayehlala ekhabonina ngaleso sikhathi kuphuma umuzi wasoYengweni eBalungwini. Waze wabuyela kubo uThana esethombile. Wafika sekwakhiwa oYengweni. Ukuhlala kwakhe ekhabonina nokuba akhulele khona kwakuyintando kayise uJobe kwazise wayemthanda kunabo bonke abantwana bakhe. Nokho zanda zabaningi izinsizwa oYengweni ngoba abafana abazalwa eBalungwini onina babo okungesiwo amakhosikazi babethelwa khona oYengweni.

Kwathi izinsizwa zikaJobe oYengweni sezikhulile zahlangana zakhuluma zodwa ngoyise zikhala ngokuthi wayeseguge kakhulu eseyixhegu elidla inyama egayiwe njengomcaba, seliphuza ubisi lingasakhulumi nazindaba. Izinsizwa zabuzana imibuzo yokuthi kazi uyokufa nini uJobe kubekwe enye inkosi engewona umdodovu wexhegu. Owayehamba phambili ekukhulumeni nguDingiswayo kodwa nezinye izinsizwa zivumelana naye.

Amazwi ayekhulunywa kulowo mhlangano uNodunga kaMakhanya kaNjonjonjo Mthethwa owayeyinduna oYengweni wawezwa wonke kwazise naye wayewuthamele, wayobika konke kuJobe.

Inhliziyo kaJobe yaba buhlungu kakhulu. Wapha wonke amadodana akhe asoYengweni inkabi ngayinye ngayinye. Wathumela uNodunga

ukuthi ayowazisa amadodana akhe ukuthi izinkabi azihlabe zonke kanyekanye. Wagcizelela ukuthi yena wayezofika esezobeka inkosi ezobusa isizwe esikhundleni sakhe. Kulowo mcimbi wayala ukuthi bangezi abafanyana. Nembala zahlatshwa-ke izinkabi kodwa uJobe wangafika ngelanga ezihlatshwe ngalo wathi uyofika sekudliwa izifuba zazo. Wagcina ethelekile uJobe ehamba namabutho akhe amaningi esewatshele ukuthi kufanele awagwaze wonke amadodana akhe kungasali noyedwa baqikelele ukuthi uDingiswayo owayengungqeqe phambili uyabulawa. Kwathike lapho sekungeniswa utshwala uJobe watsaka amathe okwakuyilona lisu amabutho akhe okwakuhlelwe ukuthi azobona ngalo ukuthi sekuyisikhathi sokuwagwaza amadodana akhe.

Sasuka-ke isidumo lapho ilanga seliyoshona amabutho abangenela ngemikhonto bonke abantwana bakaJobe bababulala ngaphandle kukaDingiswayo. Yena weqa uthango amabutho amciba ngemikhonto amhlaba ngenhlendla phansi kwezimbambo. Wabaleka nayo inhlendla leyo waze wayongenisa kuDlaba kaMavovo emaChubeni lapho bafike bamkhumula khona umkhonto. Wahlala emaChubeni kwaze kwaphola inxeba.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando waMakhosi Esifundazweni SakwaZulu, Umqulu 1.

Impi yaseSandlwana

Related image

Uma sikhuluma ngempi yaseSandlwana kudingeka sazi ukuthi inhlosonqangi yabahlaseli kwakungukuqeda uMbuso woBukhosi bukaZulu owawusasele eNyakatho yoThukela noMzinyathi, ngaphansi kweNgonyama uCetshwayo eyaqala ukubusa kusukela ngowe-1872 kuya kowe-1879.

Ukuhlasela uMbuso wamaNgisi wakwenza ngokusebenzisa amasu kangqondongqondo wezempi eChina, uSun Tzu, oncwadi yakhe yashicilelwa ngowama-400 singakaFiki isiKhathi sikaKrestu [BCE]. Le ncwadi ethi: The Art of War yase ihunyushiwe yashicilelwa e-Europe ngowe-1772 sesiFikile isiKhathi sikaKrestu [ADE]. Kuyo uSun Tzu uthi: “one cannot have advantage of topography without the use of local guides.” okuwukuthi ‘ngeke uyinqobe impi ungazange usebenzise abantu obahlaselayo bendawo abazi nabazokuchushisa kuzo zonke izindawo eziyingozi ngenkathi uhlasela’. Ngakho-ke izinhloli zamaNgisi kwakungezamaZulu ezazi yonke imihosha, amawa, imigede namahlathi endawo. uSun Tzu uphinde athi: “those who reach and occupy the battleground early will have time to rest and wait for the enemy.” okuhumusheka ngokuthi ‘abafika kuqala lapho kuzolwelwa khona baba nethuba lokuphumula belinde isitha ukuze badumelane naso benomfutho’.

Lokhu kwenzeka eNcome, eNdondakusuka nakhona eSandlwana lapho impi kaZulu yafika ntambama mhla zingama-21 kuMasingana 1879, kuzoliwa ngakusasa ekuseni. Uyagcizelela uSun Tzu ukuthi ukuze kunqotshwe isitha umhlaseli kudingeka abe nolwazi olugcwele ngesimo sezempi sesitha asihlaselayo kodwa ululeka ngokuthi: “the fore knowledge cannot be elicited from spirits nor from the gods nor by inductive thinking; nor by deductive calculations. It can only be obtained from men who have knowledge on the enemy’s situation.” ulwazi lwesimo sezempi sesitha lungavela kuphela ngezinhloli zabantu bendawo abasaziyo isimo sendawo yabo.

Le mpi yaseSandlwana kudingeka siphinde sazi ukuthi yayilandela eyaseNdondakusuka yamhla zizi-2 kuZibandlela 1856, eyayihlelwe yiyo iNgilandi ngokuzama ukubeka uMntwana uMbuyazwe ukuba yiNgonyama nxa iSilo uMpande sesikhotheme kubangelwa ngukungamethembi uMntwana uCetshwayo owayefuna izinto zihanjiswe njengesikhathi kusabusa iNgonyama uShaka.

Ngakho-ke iNgilandi yayikwazi konke lokhu ngezinhloli zayo. Yanquma ukuthi kwesekwe uMbuyazwe. Lokhu kuzimbandakanya kweNgilandi ukubhuqa uMbuso kaZulu eNdondakusuka kuyavela nasezibongweni zayo iNgonyama uCetshwayo nxa kuthiwa: “uHlamvana bhul’ umlilo eNdulinde, ubaswe ngabamhlophe abelungui ubaswe nguMantshonga uJ. Walmsely benoGgelebana u-E.F. Rathbone.

Ingonyama uCetshwayo isibusa, njengaye uyise uMpande yabusa kuphela ingxenye yoMbuso kaZulu esuka eningizimu yeMaputo, kwaMabhudu, eseNyakatho yemifula uThukela noMzinyathi kusukela ngonyaka w- 1840 kuya kowe-1879. Ingxenye yoMbuso kaZulu eseningizimu yoThukela eyayize iyovinjwa nguMfula uMzimvubu kusabusa iziNgonyama oShaka noDingane yaqolwa ngamaBhunu ayengaphansi kuka-Andries Pretorius ngokwenza umfelandawonye noMntwana uMpande owaqembuka eNgonyameni uDingane ngonyaka we-1839, ngemuva kancane kwempi yaseNcome yamhla zili-16 kuZibandlela 1838 ngokunxenxwa yibo abelungu, hhayi ukuhlaselwa yimpi kaZulu lokho kuyimbudane, imfundisoze nokungahlaziyisisi umlando wethu.

Ngakho-ke amaBhunu aqhuba impi yoMntwana uMpande phambi kweyawo eMaqonqo ngoMasingana 1840, wona eza ngemuva ehlome ngezibhamu kodwa agcina engazisebenzisanga. Impi yonke nxa idumelana kwaba sengathi amaZulu aqedana wodwa kanti ongqondongqondo bamaBhunu bebevele behlose khona lokho, bagcina beqole yonke ingxenye yoMbuso kaZulu eningizimu yoThukela noMzinyathi bayiqamba kabusha bathi iyiRepublic of Natalia (1840-1843) okuligama elasungulwa ngabelungu ngesu lokucisha ikwaZulu bekhumbula ukudlula ogwini komPhutukezi uVasco da Gama mhla zingama-25 kuZibandlela 1497.

Nempela impi yaseMaqonqo yaliwa ngoNozishada kaMaqhoboza Nzuza woDlambedlu owagqama kakhulu kweyeNgonyama uDingane kuvikelwa uMbuso kaZulu noNongalaza Mnyandu owayehola eyoMntwana uMpande nabahlaseli bamaBhunu eyadla umhlanganiso isekelwe yizibhamu. UMntwana uMpande waklonyeliswa ngengxenye esenyakatho yoThukela ngamaBhunu ka-Andries Pretorius aphinde athi ayamgcoba njengeNgonyama. Ngakho-ke kwagcina iziNgonyama oShaka noDingane ukubusa eMbusweni kaZulu obumbene, ohlanganisa iningizimu nenyakatho yoThukela. Lokhu yiyona ngqikithi yokushiwo ngukuGqabuka kweGoda, ngokuqembuka koMntwana uMpande okwakungokokuqala ngqa selokhu sasuka eNkabazwe ngaphansi kweNgonyama uMnguni kaNtu.

iKoloni yamaNgisi aseNatali ngemuva kweminyaka emibili, 1841-1842, uMbuso wamaNgisi wawanqoba amaBhunu ayeqole ingxenye yoMbuso kaZulu eningizimu yoThukela ngowe-1843 kubangwa indawo kaZulu nokubusa phezu kwakhe, indawo ayibhabhadisa ngokuthi iyiKoloni yamaNgisi aseNatali. Zonke izizwe zamaZulu ezazikade zibuswa yiziNgonyama oShaka noDingane eningizimu yoThukela, uSir Theophilus Shepstone, uSomtsewu, uNobhala WeziNdaba ZaBantu, wancoma ukuthi zakhiswe imizi yazo emeveni, ezintabeni nasemigubaneni. Zakhiswa ezindaweni ezazingakulungele neze ukulinywa nemfuyo. Wonke amaZulu enqaba ukuya emeveni adliwa yinhlamvu kwathiwa aduve ngokungemthetho. Odwaladwala bamapulazi avundile nalungele imfuyo ayengamamogeni ayizi-3000 ipulazi lomlungu emunye anikezwa amaNgisi namaBhunu nengxenye yomhlaba kaZulu eyaqolwa yabizwa ngokuthi yindawo kaHulumeni.

Zonke izizwe zaMakhosi eningizimu yoThukela noMzinyathi zaphoqwa ukukhanda ojantshi bezitimela, ukutshala amahlathi, nokukhanda imigwaqo ngaphansi kohlelo lwempoqo olwalwaziwa ngokuthi yiSibhalo. Bonke ababebhalisa abantu ohlelweni IweSibhalo banikezwa ilungelo lokubiza ilobolo lezinkomo ezili-15 nxa amadodakazi abo egana.

Impi yaseSandlwana, zingama-22 kuMasingana ngowe-1879
Impi yaseSandlwana eyalwa mhla zingama 22 kuMasingana ngonyaka we-1879 kudingeka sibe nalesi sithombe ezingqondweni zamaZulu nxa siyixoxa. Yalwa iziwombe ezine ezibalulekile: eSandlwana, eShiyane, kwaKhambula naseHlobane, eGingindlovu nasoNdini (mhla zizi-4 kuNtulikazi 1879). Yaqopha umlando, hhayi nje kuphela eNingizimu Afrika, kodwa emhlabeni jikelele kwazise iNgilandi ngenkathi ihlasela yasebenzisa amasotsha amazwe amaningi ayengamaKoloni ayo ukuzolekelela ukunqoba uMbuso kaZulu. Kwakunamasotsha avela eCanada, eNew Zealand, e-India. Kodwa ingxenye enkulu yamasotsha amaNgisi kwaba ngamabutho kaZulu ezizwe zamaZulu ezazakhe eKoloni yaseNatali eningizimu yoThukela aphoqwa kungekho ayengakwenza ukwenqaba ukuba alwe nabafowawo engasohlangathini lwamaNgisi ngenxa yokuthi ayefana nezigqila zawo amaNgisi aseningizimu yoThukela.

La maZulu ezizwe zaMakhosi aseningizimu yoThukela ayembandakanya amakholwa amaZulu aseDriefontein ngaseMnambithi, e-Edendale, eNdaleni, Rookdale nesizwe sonke sabaTlokwa, esasizinze kwaNobamba okungabeSuthu ababeholwa yiNkosi uHlubi abanikezwa elaseNquthu njengomklomelo ngemuva kwempi yaseSandlwana. Babengabazukulu bakaMantantise owazala uSigonyela bekade bezinze ngaseNtabazwe bazozinziswa kwaNobamba ukuze kuhlaselwe ngabo onke lawo makhosi nezizwe zawo ayesolwa ngamaNgisi ngokuthi awethembekile eMbusweni wawo. Ngakho-ke uMbuso wamaNgisi weKoloni yaseNatali wabalandela ukuzogadla ngabo ngokubahlomisa ngezibhamu ukuhlasela wonke amakhosi amaZulu, ayethathwa njengezephulamthetho, njengesizwe sakwaHadebe esasiholwa yiNkosi uLangalibalele ngowe-1873.

INgilandi yemukela nengxenye yamaBhunu uMengameli wawo uPaul Kruger owaqala ngokunikeza izeluleko zokuthi kusetshenziswe inqaba yezinqola njengoba wona enza mhla zili-16 kuZibandlela 1838 eNcome ehlasela impi kaZulu yeSilo uDingane. Ukusebenzisa inqaba yezinqola njengaseNcome iNgilandi yakuchitha ngephuzu lokuthi yona yayizosebenzisa izikhali ezaziyisimanje manje njengerapid firing needle guns ezazingefani neMartini Henrys eyayisetshenziswa ngamaBhunu eNcome. Iphuzu lesibili lokwenqaba iseluleko labangelwa ngubuningi bempi yawo amaNgisi eyayimbandakanya amabutho kaZulu eNyakatho yoThukela noMzinyathi kanye namaZulu ayezibiza ngamakholwa. Ngakho-ke empeleni nguZulu owayebhekene noZulu kanye naBatlokwa. Leli phuzu osomlando babelungu bayaligodla ukuze kudideke umlando wethu. Empeleni iNgilandi yayazi ngezinhloli zayo ukuthi amaZulu noma amanye awo ayezosebenzisa izibhamu kodwa iningi lamabutho awo lalithembele ezihlangwini, amawisa nemikhonto.

Ngakho-ke abaphathi bezempi yamaNgisi bathi bona bafuna indawo evulekile efanana nayo yaseSandlwana ukuze bazolalisa uyaca emabuthweni kaZulu nxa uZulu esedumelana yedwa amaNgisi ebukela. Kuyasicacela-ke ukuthi iNgilandi yayinamabutho angaphezulu kude kwaweNgonyama uCetshwayo eyayethembele kuphela kuZulu osenyakatho yoThukela noMzinyathi nowayengambandakanyi izizwe zaseManyiseni, kwaNyawo, kwaMtembe nakwaMngomezulu zonke ezingazange zilwe eSandlwana ngoba impi yabahlaseli yaqhamuka njengesinyenyela kwazise kwakukade kunoMkhosi woKweshwama waminyaka yonke eqala ngasekupheleni kukaZibandlela uze uphethwe ngasekupheleni kukaMasingana. Phela iNgilandi yase izocoboshisa okwase kukuphela koMbuso wabaMnyama eNingizimu Afrika owawuzimele gelekeqe ubuswa ngokuphelele ngabantu abamnyama kuyo yonke imikhakha yempilo ngonyaka we-1879. Ngakho-ke amabutho oMbuso kaZulu alwa njengabantu abase bephakathi kwembokodo nesisekelo ukuvikela izwe labo okwase kukuphela kwalo elalisasele.

Amalungiselelo okubhekana nabahlaseli
Ingakadumelani impi kaZulu nabahlaseli bamaNgisi, kwenziwa amalungiselo amaningi uZulu ayewenza nxa kuphuma impi. Njengoba kusukela endulo uMbuso kaZulu wawunezinhloli ezikhaliphe isimangaliso esingabala kuzo uNongila Mabaso, iNgonyama uCetshwayo yase yazi konke ngabahlaseli ngenkathi iNgilandi iphaka amabutho ayo ngemikhakha emithathu: ingxenye eyayizogudla ulwandle iyodlula eGingindlovu ize iyofika oNdini, ingxenye yamasotsha yayizoba phakathi nendawo iyodlula eSandlwana kanye neyesithathu eyayizoqhamuka ngaseHlobane wonke amasotsha agcine ehlangane koMkhulu IweNgonyama uCetshwayo oNdini.

Mayelana namalungiselelo oMbuso kaZulu, okokuqala kwakhishwa isimemezelo ngemuva kokuba iSilo uCetshwayo nesigungu saso sesinaso sonke isiqiniseko sokuthi abahlaseli babecionde oNdini bezohlasela izwe. Isimemezelo senziwa yizinceku ezaziholwa nguBhejane kaNomageje Khoza, abazukulu bakhe nampaya esizweni sakwaKhoza eNseleni. Isimemezelo sasithi: “iNgonyama ithi mayihlome!” Okwesibili, amabutho esefikile oNdini, iNgonyama yafisa ukwazi inani labantu ababenezibhamu. Isibonile ukuthi isibalo sasisincane, yancoma ukuthi kukhishwe izinkomo ukuze uJohn Dunn azothengela amabutho kaZulu izibhamu zokulwa. Yena wayezithenga kumaPhutukezi eMozambique. Lokho akwenzekanga ngoba uJohn Dunn noma iSilo uCetshwayo sasikade simnikeze amanxiwa eMangethe kwaMathaba, eMoyeni kwaNzuza nakwaQhwayinduku eMazimeleni kwathi nxa kuhlaselwa uZulu waqembukela kwabanye abelungu wabanika yonke imininingwane yoMbuso kaZulu ayeyazi.

Okwesithathu, kwaba ngamalungiselelo okuqinisa impi ngezintelezi okwakumbandakanya ukubamba inkunzi emnyama ibulawe ngezandla, ukuqiniswa ngentelezi kwamabutho, ukuphothula emfuleni, ukushunqiselwa kanye nokuchelwa ngazo. Okwesine ukuya eMakhosini nokuhlaba izinkomo zomzimu ezaziqondana namathongo eziNgonyama ezilele eMakhosini nokubongela amakhosi, ukuwazisa ngokuhlaselwa kwezwe lawo. Ebusuku amabutho ayehuba amahubo amadala azo zonke izingonyama zakwaZulu kusuke usinga.

Izinduna nezikhulu ezazibongela eMakhosini ngoMnyamana Buthelezi owayenguNdunankulu weSilo uCetshwayo, Mahlathini kaSojaba Nkwanyana, Ntshingwayo kaMahole Khoza owadidiyela yonke impi eSandlwana. Nguye uMahole owayeluse izinkomo noMntwana uSenzangakhona mhla ehlangana noNandi emadlangaleni kanti sekuzozalwa iLembe, uMbopha kaWolizibi Hlabisa, naziya izizukulwane zakhe kwaHlabisa, uMfusi kaManyala Mdletshe, ukhokho weNkosi uBonga Mdletshe kwaHlabisa, uHhemulana kaMbhangazeli Sibiya, owaphinde wahola eyakwaNdunu sekubusa uDinuzulu, uMvubu kaNgqengelele Buthelezi, uSekethwayo kaNhlaka Mdlalose, ukhokho kaDkt uFrank Mdlalose, uNtuzwa kaNhlaka Mdlalose, uSitshaluza kaMamba Ntshangase, (umfowabo kaMasiphula kaMamba owayenguNdunankulu kaMpande), uSihayo kaXhongo Ngobese, uMpandamana kaNdlela Ntuli, uPhalane kaMdinwa Mkhwanazi, uSigcwelegcwele kaMhlekehleke Ngema, uSomopho kaSikhala Mthembu nabanye.

Ukuxoxa impi
Okwesihlanu kwaba ukuxoxa impi lapho amabutho ayeklolodelana khona ngayezokwenza uma esebhekene nesitha isinyathela awabantwana. INgonyama uCetshwayo yaqala yathi makuxoxe uKhandampemvu neNgobamakhosi. Induna enkulu yeNgobamakhosi kwakunguSigcwelegcwele Mngadi okunguyena owaqala wagiya bamhasha ngezihasho zakhe bethi: “uJi! uJi!” efunga ukuthi iNgobamakhosi iyofika kuqala esitheni uKhandampemvu okunduna yalo kwakunguMkhosana kaMvundlana kaMenziwa Biyela lungakafiki. Naziya izizukulwane zakhe oBuka ngaphansi kweNkosi uChakide. Nezinye izinsizwa zoKhandampemvu zazifunga ngodadewabo ukuthi ziyofinyelela kuqala esitheni. Emaqhaweni nezingwazi ezindala kwakwenzeka zingakaphumeli obala iNgonyama ikhiphe isandla izixhawule ngokuzethemba ukuthi ziyoncamela ukusala enkundleni kunokudedela isitha sithathe izwe IakwaZulu. Nxa kuxoxwa impi ngisho umuntu owone kangakanani wayengabulawa ngoba lokho kwakungeke kuzwakale kahle emathongeni aMakhosi eMakhosini. Ukuxoxa impi kwakungumthandazo ngokwako.

Amahubo ayehutshwa ayenza ngisho igwala lifise ukuthi ngabe isitha sesifikile. Uma amabutho eseshunqiselwe achelwa nangezintelezi ayengavunyelwa ukuphindela emakhaya. Ngaso leso sikhathi abafazi emakhaya babephendulela izidwaba, baphebeze emoyeni ngemishanyelo ngenkolelo yokuthi lokho kwakuzokwenza amabutho abuye engavelelwanga mashwa empini, kusho ukuzila. Sekubikiwe emathongeni ezingonyama eMakhosini impi kaZulu yaphikelela eSandlwana iholwa nguNtshingwayo Khoza okwakunguyena owayezoyiphaka engumdidiyeli wayo omkhulu. Kwakuhutshwa amahubo amaningi empi kuphikelelwe eSandlwana mhla zingama-21 kuMasingana 1879. Elinye lalithi: Oqalayo: ‘Wosuka sihambe! s’hambe! Unosuka s’ hambe! Sihambe![uyaphindaphinda] Abavumayo: Hhe! Hhe! Kush’ uMngwempisi! Hhe! Hhe!Kush’ uMngwempisi!’ [kuyaphindaphindwa] Elinye ihubo layo iNgonyama uCetshwayo elaliqanjwe ngempi yaseNdondakusuka nalo lahutshwa kuyiwa eSandlwana, lalithi: Oqalayo: ‘Wo! Sinik’ abafo!’ [uyaphindaphinda] Abavumayo: ‘Im’khonto, Wena weNdlov’enamandla’ Oqalayo: ‘Ngonyama sinik’ impi! Im’khonto, wena weNdlov’ enamandla’.

Elinye ihubo lempi lalihutshwa ngesikhathi seSilo uDingane, nalo lahutshwa kuphikelelwe eSandlwana. Lalithi: Oqalayo: ‘Woza langa lashona!’ Abavumayo: ‘Lashona!’ Oqalayo: ‘Woza langa lashona!’ Abavumayo: ‘Lashona kuleziya ntaba!’ [kuyaphindwa phindwa]. Wonke amabutho ayeholwa yizinduna zawo namasekela azo. Izinhloli zazihamba phambili zingamakhilomitha alinganiselwa kwali-18. Zaziqeqeshiwe futhi zihlome ziphelele zazi ukuthi nxa kuqhamuka isitha kwakudingeke zikhwele zidilike ezinye ziyobikela impi enkulu emuva. Empini enkulu kwakukhona nezindibi ezazithwalele amaqhawe iziphuku zawo ukhotha nokunye. Zona zazima kude zibukele nxa impi isitholene phezulu kuthi nxa ezimthwalele esala enkundleni, zishiye yonke imithwalo yakhe lapho zazihleli khona. Nxa sekuphindelwa emakhaya kwakubonakala ngokufika kwazo zingasaphethe zimpahla ukuthi abezibathwalele basale empini, bese kwenziwa amalungiselelo okulandwa kwabo. Ngakho-ke amatshe amaningi abekwe phezu kwamathambo eSandlwana ngawabaTlokwa namaZulu ayephoqiwe ukuchema neNgilandi.

Ngakusasa mhla zingama-22 kuMasingana 1879, kwathi nxa amabutho esewabona amatende amasotsha amaNgisi aphikelela khona ekhuza: “uSuthu! uSuthu!” okuyisaga esasiqanjwe eNdondakusuka ngababesekela uMntwana uCetshwayo kodwa esase siyisaga soMbuso kaZulu eseyingonyama. Amasotsha amaNgisi ayevive ngemuva kwabaTlokwa namabutho amaZulu aseningizimu yoThukela noMzinyathi njengoba abelungu babekade benze njalo eMaqonqo naseNdondakusuka ukuze azobhekana noZulu kuqala abantu abamnyama baqedane bodwa. Nempela kwathi nxa impi yeNgonyama uCetshwayo ibona amambuka yawagwaza ngamaklwa agcwala iziganga izindimbane zawo zasala enkundleni kumbandakanya uGabangaye Mchunu namambuka amaningi ayesuka eKoloni yaseNatali amaNgisi ayengazange azihluphe ngisho ukubhala uhla lwamabutho awo emqulwini wamasotsha ayelwa lapho. Kwakuthi nxa insizwa igwaza ibulala isitha ikhumule izingubo zayo izibeke phezu kwesidumbu sesitha yona igqoke ezesitha. Lokhu kwenzeka nasezitheni zamasotsha abelungu ngoba kwabe kuyinkolelo kaZulu evimba ukuthi ogwaziwe angayilandeli.

Amanye amambuka aklonyeliswa nguMbuso wamaNgisi uNjengabantu Ngubane kaSobhuza Ngubane wasemaBomvini wasiza amasotsha amaNgisi amaningi wagcina enikezwe imendlela wanikezwa isikhundla sokuba nguSayitsheni eGreytown, amakholwa maningi oStephen Mini [Edendale] u-Elijah Khambule, uSimeon Khambule nawo aklonyeliswa ngezimendlela ngokudubula abantu bakubo.

Ngemuva kwesikhathi eside isiphelile impi yaseSandlwana kwaba nombango wesikhundla sobukhosi emaChunwini okwakudingeke sithathwe nguZimema kodwa uMbuso weKoloni yamaNgisi wathi makube yindlalifa kaGabanganye ukuze akhunjulwe ngokulwela kwakhe amaNgisi eSandlwana, uZimema wajukujelwa eMzimkhulu nedlanzana labalandeli.

Ngakho-ke uMbuso wamaNgisi awuzange uzihluphe ngisho ukugcina kahle uhla lwabamnyama ababesuka eKoloni yaseNatali ukuze kwaziwe kamhlophe ukuthi bangaki abasala enkundleni nanokuthi nje babengobani ngoba wawungagqizeqakala ngokuthi bayasinda noma bayafa na. Kwathatha isikhathi eside kakhulu nokuthi amathambo amambuka ayesakazeke sonke isiganga saseSandlwana ahlonishwe ngokubeka amatshe phezu kwawo, kwawona agcina ependwe nje ngopende omhlophe ngaphandle kokucacisela izizukulwane esezithatha ngokuthi ngamabutho eNgonyama uCetshwayo.

lngxenye yabaTlokwa eyasala kwababesele enkundleni eSandlwana baklonyeliswa ngendawo kaSihayo Ngobese noSekethwayo Mdlalose eNquthu ababesaphila kwazise babulawa oNdini ngesu lokubhuqa amaqhawe ayesale eSandlwana neSilo uCetshwayo esasisandukubuya ekudingisweni eKapa, mhla zingama-21 kuNtulikazi 1883. Inhloso yokubabeka lapho abaTlokwa kwakungukuqapha ukuthi oSihayo noSekethwayo bangafaki umoya wokuketula amaNgisi enyakatho yoThukela noMzinyathi.

Ngasohlangothini lwempi yeNgonyama uCetshwayo izinkubela eziningi izihlobo zazo zazilanda eSandlwana okungabalwa phakathi kwazo uMagudulwana Mthembu waseMahlabathini woKhandampemvu. Wagwaza abelungu abathathu ekuKhandampemvu isotsha lesithathu walijuqa naye esedubulekile emlenzeni, isidumbu sesotsha sawela phezu kwakhe. lzihlobo sezifika zizobheka izinkubela nezidumbu zezihlobo zazo watholakala esaphila uMagudulwana zamthwala wasiwa ekhaya wanikezwa imihlatshelo waphila.

Kubhekwana nabahlaseli bamasotsha amaNgisi ematendeni esegudluziwe abulawa amambuka, amabutho kaZulu aphikelela ematendeni lapho kwafinyelela khona kuqala uMbonambi ondukuzibomv’igazi, induna yawo enkulu okwakunguNtuzwa Mdlalose noMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe owagcina enguNdunankulu weNgonyama uDinuzulu wayeyingxenye yeMbonambi. Amasotsha amaNgisi avulela ngemvula yezinhlamvu eziqondise kulo ibutho leMbonambi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, kuthiwa ‘uyadela wen’usulapho’ bebodwa abasho izibongo zeNgonyama uCetshwayo lagcina lifike qatha ematendeni.

Ngemuva kwalokho kwaphakwa uKhandampemvu olwaluholwa yinduna yalo uMkhosana Biyela, owagijima njengohlanya ephakamise isihlangu sakhe eqonde kubahlaseli. Amasotsha amaNgisi amthela phansi ngenhlamvu wasala enkundleni. Omunye owangena kuKhandampemvu ngoba esejahe ukufika qatha esitheni samaNgisi nguQethuka Magwaza owayeyinduna enkulu yohlangothi loThulwana kwazise isibaya esikhulu soThulwana sasingaphansi kukaMnyamana. Ngakho-ke wakhuzwa uQethuka kaManqondo ngoba kwakungakabi yithuba loThulwana kodwa wangena kuKhandampemvu ukuze abe lapho kwakushisa khona kushunqa intuthu kusetshenziswa izibhamu zohlobo oluphambili. Wagwaza amasotsha amaNgsi amaningi wabuya engenamyocu. Indodakazi yakhe okaQethuka yagcina ibe yiNkosikazi yeSilo uCetshwayo yazala uMntwana uManzolwandle ngemuva kancane kokudliswa ushevu kweSILO uCetshwayo ngamaNgisi ziyisi-8 kuNhlolanja 1884.

Ngemuva koKhandampemvu kwamemeza uSikhizane kaNomageje Buthelezi eqondise kuNgobamakhosi ethi: “Nilalelani phansi? Nathini kuKhandampemvu mhla kuxoxwa impi? Nalo uKhandampemvu luphikelele ematendeni?” iNgobamakhosi yase isibonile ukuthi nxa isibhamu silungiselelwa ukudubula kudingeka ilale phansi iphinde ivuke iphikelele phambili nxa nje siqeda ukudubula kwazise kwabe kunotshani obude eSandlwana.

Ngakho-ke amasotsha amaNgisi ematendeni agcina egwazwe abulawa ucaca kwathathwa nezibhamu zawo. Ngenxa yokuthi lwalukhona uhla Iwamasotsha abelungu, ngemuva nje kwempi yaseSandlwana iNgilandi yakhela amasotsha ayo ayesale enkundleni izakhiwo eziningi zezikhumbuzo zawo okubalwa nawo wonke ayeqhamuka eKoloni yaseNatali kwazise uZulu


washaya ikhuhle emasotsheni amaNgisi eSandlwana. Okubi kakhulu ngukuthi amaZulu noma esesemandleni ombusazwe awuqikeleli ukuthi amaqhawe awo abekwe ngendlela ehloniphekile, njengokwakha isikhumbuzo esikhulu khona laphaya eSandlwana esithe qekelele sibhalwa phezulu uMkhosana Biyela nawo wonke amaqhawe asala enkundleni kuvikelwa izwe. AmaZulu angabazukulu bamaqhawe aseSandlwana asuke acabange ukuthi isitha singawasiza ukuhlonipha amaqhawe aso okuyinto engakaze yenzeke emhlabeni jikelele. Iningi lalawo masotsha amaNgisi azama ukubaleka aphikelele eShiyane avinjwa agwazwa ngamabutho oVe noNokhenke. USikhobobo Sibiya wayeyingxenye kaNokhenke. Idlanzana elafinyelela eShiyane lasizwa ngukwakha inqaba efana nezinqola zamaBhunu eziseNcome. Leyo nqaba ayakha ngamasaka kwathi nxa uZulu ezama ukucaca adubula amasotsha amaNgisi ecashe ngemuva kwayo. Yanqandwa kanjalo ekaZulu eShiyane.

Ukuhlasela kwamaNgisi kwaKhambula naseHlobane kwaqondana nabaQulusi. Yonke indawo esuka eMahlabathini ize iyofinyelela eSimdlangentsha yayikade inikezwe uNgqengelele yiNgonyama uShaka. Ngakho-ke indlalifa yakhe uMnyamana wayenemizi eNgoje naseMahlabathini. Kwakuyinjwayelo kwaZulu ukuthi impi nxa ilwela endaweni yesikhulu seNgonyama kube yiso esiphaka impi lapho kwazise amabutho amaningi ayengaphansi koholo lwaso. Ngakho-ke impi kwaKhambula, ngaseNqabeni kaHawana, yaphakwa nguMnyamana kaNgqengelele. Ngaleso sikhathi amasotsha amaNgisi ayesevutha uphondo ngemuva kokwehlulwa kwawo eSandlwana. Ayesebulala abalimele eshisa imizi yabantu abafazi basale dengwane. Impi kaZulu yalwa ngokuzinikela okukhulu kwaKhambula naseHlobane kodwa izibhamu zadla umhlanganiso emahawini nasemikhontweni. Ngenyanga kaNdasa 1879, uMntwana uHhamu kaMpande wembukela emaNgisini nengxenye kaZulu eyayingabalandeli bakhe. Lokhu kwacaca ukuthi amaNgisi ayenomshoshaphansi wokunxenxela amaqhawe kaZulu ukuba azimbandakanye nawo.

Impi eyayiqhamuka eGingindlovu neyagcina ilwele eMfuleni iNyezane yatholana phezulu nekaZulu eyayiholwa nguPhalane Mkhwanazi, uSomopho kaSikhala Mthembu, uMavumengwana Ntuli noMajiya Nzuza. Yadumelana ngamawala eNyezane kwafa amasotsha amaNgisi amaningi. Kulapho futhi abaphathi bamasotsha amaNgisi bakhipha isinqumo sokuthi kudutshulwe kubulawe nabalimele okuyinto isivumelwano saseGeneva esiphambene nayo. Yehlulwa kanjalo ekaZulu.

Amasotsha amaNgisi agcina ekwazile ukuphikelela oNdini ukuze abambe iNgonyama uCetshwayo. Amabutho amaningi kaZulu azama ukuvimba amasotsha amaNgisi kodwa mhla zizi-4 kuNtulikazi 1879 agcine efinyelele oNdini afike alushisa ngomlilo. Ingonyama yayingasekho isibhaciswe eNgome emzini kaShoyisa Mbuyisa esizweni sakwaButhelezi. Nokho yagcina itholakele mhla zingama-31 kuNcwaba 1879 yaqhutshwa ngamabutho amaNgisi igqokiswe indwangu yetafula. Kwahanjwa kusukwa oNdini indlela yedlula lapho sekuyiNyuvesi yasoNgoye yedlula ngenhla kwedolobha laseSikhawini kwathi lapho okuthiwa kuseSikhawini Beach khona yathathwa ngumkhumbi wezempi yayiswa ekudingisweni e-Oude Moulen eKapa.

Isiphetho
Impi yaseSandlwana ibhalwe ngemfundisoze nangokubuka umlando ngeso laseNtshonalanga ngosomlando babelungu, yaphendukezelwa. Labo somlando bayakufihla ukuthi amabutho kaZulu avela eNatali nabaTlokwa yiwona ayengaphezulu kude kwaweSilo uCetshwayo enyakatho yoThukela noMzinyathi. Bayakufihla futhi ukuthi ukuba amabutho abaTlokwa namaZulu aseNatali ayenqobile, umbuso wamaNgisi wawungeke uzihluphe ngisho nangokudubula njengoba naseMaqonqo ngowe-1840 amabutho amaBhunu ayeholwa ngu-Andries Pretorius engazange adubule kodwa abukela amaZulu ebulalana wodwa wona eme le kude. NaseNdondakusuka ngowe-1856 amabutho amaNgisi ayeholwa nguJohn Dunn aze azimbandakanya nempi ngoba sekusobala ukuthi ekaMntwana uCetshwayo idla umhlanganiso. Ngakho-ke umlando wamaZulu kudingeka ubhalwe yiwo amaZulu ewubhalela amaZulu ngolimi lwesiZulu njengoba izizwe zenza emhlabeni jikelele.

Dabulamanzi KaMpande

Dabulamanzi KaMpande

ЀаÐÂčл:Dabulamanzi KaMpande with warriors.jpg

Prince Dabulamanzi KaMpande, Cetshwayo’s half-brother who was the commander at Rorke’s Drift and Gingindlovu. His troops have a wide variety of firearms.

Izithakazelo zakwa Jeza 😍 Jeza Clan Praises

Izithakazelo zakwa Jeza 😍 Jeza Clan Praises

Jeza,
Mabasa
Mtumaseli
Mabele made
Wena owancelisa ingane ngaphesheya komfula,
Wena waseSiphudini.
Mvoti kambali emila emafusini!
Thabisa!

uma kukhona ezinye ozaziyo, sicela uzifake kwi-commect section

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha

Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha:

INyosi :UGwebisa kaMandondo wakwaDlamini:

UMsongi wensimbi
Ayibek’ekhanda
Athi yikhona
Amagwal’ezakumbalekela

Usima ngandonga bangamhlabi
Bahlab’umbhantaka
Intak’eduke nabalandakazi
Ngoba iduke naBaqulusi

UMagwaz’ayiqhube
Ayis’ekhakonina kwaSothondose
UMngun’uyathentesa
Ufana nabasiki bebunda

Umfishan’ongubo ziyanyathela
Ingan’ezabade
Ziyalubuth’udaka
Umabatshazwa yimvubu yaseMzinyathi
Kwath’izingwenya zayikhex’imilomo

Umhlang’oshaya
Izinkomo zikaMaphitha
Usiyephuyephu siyimbube yakwaSekane
Emakhal’avuth ‘umlilo
Usinikiniki silishoba lenkunzi yezingonyama

UGwavumane waMasotsha
Umudli wezidid’ezimbili
Esinye singaphansi kweHlobane
Esinye singaphansi kweZungeni

Usibindi gidi
Usibindi simnyama
Simnyama nenyongo yaso
UMnumzan’ozihlabanelayo
Ingan’ abany’ abamnumzane
Bayasab’ukuhlatshw’emkhabeni

Uthukuthele mtakaNdaba
Walokuth’uMsebe
Wath’uyakugcwala
Nezingazi zamadoda***

Ungalo zimqingo
Ngokugwedl’ibhosho
Ngaphansi kweTshana
Ugwedlel’oMgazi noButhelezi.

IZul’elidume
Phezu koMzibomvu
Ugod’olukhwela
Amakhwent’eMzinyathi

Unkomo zinembedle
Zine mbedlelele
INkunz’ eMnyama
Yakithi kwaMandlakazi

Inzima lemnyama iyesabeka
Imnyama nezimpondo zayo
Iyesab ‘ukuthiba
Ngoba yesab’ukushelela

UNonqayiza bemthibela*
Uthitshelwa ngaMasotsha
NaMagumgedlela

Obhukudis’ abelungu kwaNolele
Bengasathand’ ukubhukuda
Usibhamu sadl’uMlungu
Sadl ‘ingwenya kwaNolele

UGqamu kwabad’ abelungu
Usihawuhawu ‘ungayinkondlo
Bayivumile
Ivunywe nguPhunga
Yavunywa nguMageba

Umudli wenguyazana
Yedwa kwaNolele
Lwalal ‘USuthu*
Lunga yidlanga

Ugxamalaza kuphum’ umbayimbayi
Ngaphansi nangaphezulu
Mjaheni Masotsha
Mjaheni Magumgedlela

OkaNdaba wayengasenakwephuka
KwaNolele
Ukuba wayephuka
Waye yokwephuk’eSANDLWANA*

Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikela abangakezwa
Nifike nibatshele ukuthi:
Lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noZibhebhu kaMaphitha**

Ubuhle bakho Ndaba
Ngiyabesaba, ngibusolile
Ngithe uma ngibuqaphelisisa
Ngabufanisa namehlw’entethe
Won ‘asemhulubulweni

Bamethwes’ isicoco
OkaNdaba samfanela
Bamgibez’ ehhashini
OkaNdaba lamfanela
Bamnik ‘isihlangu
OkaNdaba samfanela

Nani maSwazi khawulani
Ukufunga uMahlokohla
Nith ‘uMahlokohla
Ngowakini kwaNgwane::

Ngob’uMahlokohla ngowakithi
Laph’eBhanganomo
Ohlokohl’izimbub’eGujini
Zaphum’ubusabalala

Zaze zashay’umtsheke
Zathi ngqu! Washesha!
Mhla uzakuza
NeZimbidl’ezimashoba

Unkomo zashaya
Ingwaqa ngwaqa kwelasoSuthu
UMngun’oMnyama
Wakithi kwaMandlakazi
UMngun’ovimbele
Abany’abeNguni
Engibaziyo bakoFebane

Mhla abeNguni
Beza ngothul’eNgxongwane
Wabuyisel’amagwal’emuva

Ujojo luvikel’amaklele
Khona lapha eNdimhlane
UNondondo welanga

UMababal’ahlome
Akadinwa ukuhloma
UNgqongqo yemikhonto
Uyazibang’izililo
Ngob’uyazibang’izinyembezi

USiguda mnyama nonyezi
UNompangisa kuyihlomisa
USihlangu sikaShaka noJama

Wamudl’uGodide kaNdlela
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu

Wamudla uNdwandwe kaMdlaka
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’izinyoni zeZulu

Wamudl’uSihayo kaXhongo
Emadunen’akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu

Wamudl’ uSekethwayo kaNhlaka
Ezikhulwini kwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’iznyoni zeZulu

Wamudla uNtshingwayo kaMahole
Emadunen’ akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath’ uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uDikane kaHlakanyane
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uBhulangethe kaMagidi
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabinda zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Wamudla uVumandaba kaNqethi
Ezikhulwini zakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘ uyababa
Akanonyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu

Wamudla uHayiyana noMakhoba
Kwaba kwenu
Wamaqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathi bayababa
Abananyongo abanamhlehlo
Wabanik’ izinyoni zeZulu

Wamudla uNhlanganiso kwabakwenu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath ‘uyababa
Akananyongo akamhlehlo
Wamnik ‘izinyoni zeZulu

Usehla ngohologo
Kwelase Madletsheni
Abanye behla
Ngogongolo lwentaba

Wamudla uMsushwana kaMfusi
Kwezinkulu izindengezi zasoSuthu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamfimfitha wamkhafula
Wath ‘uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik’ izinyoni zeZulu
Yasuka kwaNdunu

Mjulel’ abantu
Onjengo lembu
Ngob’ ujubele
UMsushwana kwabaseMdletsheni

OkaNdaba ugwaz’iduna
Kwazond’eliny’iduna
Nibabi maduna
AkwaZulu ngokuzondelana

Ube ngulamula mtakaNdaba
Ungemuthi wabeLungu
Ngob ‘ulamlele
USitheku kwabakaMpande
Wamnqumel’ezingamakhulu amathathu

Ndab’ uyalamlela
Lo munt’omemezayo
Umemeza njalo
Sengath ‘uyakhala
Ukhal ‘isililo

Uth ‘umtanakh’akendelanga lutho
Kwela kwaMandlakazi
Ngoba wendel’utho
Luka mbayi mbayi

Usal’ukutshelwa
Usal’ukunyenyezelwa
Ngonyama Nduna
Vuka bakuhlanganisile

Mbala wezinkomo nabantu
Awusabulali mtakaNdaba
Usuyasizila
Uqoth’ imbokode nesisekelo

Usimelele ngomkhonto
Phezu kweTshana
Wadondolozela ngenhlendla
KwaMthununtengayo
UMagasa emini libalele
Zonk’ izintaba zimbhekile
Izingwazi zamagwala zabola

Umkhumb’othi
Uyakhiwa wahlakazeka
Umkhont ‘oqed’amadoda
Ihhash ‘elimhlophe
Elinqand ‘amakhala

Uzungez’izintaba
ZaseMphelandaba
Kwaze kwazamazama
Izintaba zoBombo

Ithol ‘elingamqembu
Kwamany ‘amathole
Thole gqabula !
Kade lalizigqabul ‘izinsinga

Izul ‘elimnyama
LikaMaphitha
Elihlome laphindelela
NakwaNdunu
Ladl ‘amadoda

Uphehl’ itshe lingenambolo
Ngaphansi kwaGodlankomo
Laze labhoboka

Ithole elanyisa kuqala
Kwamanye amathole
Inkomo kaNdaba
Abayisengel ‘ethusini
Iye yakhab’ umbambi
Yakhab ‘umshayi

Ivondwe likaMaphitha
Eligend ‘amany ‘amavondwe
Lithe liyawagenda
Lawagendel ‘entendelezini

Impala eyasala
Kwezinye izimpala
Bezigumula bezibhoncula
Bezenz ‘amagudu
Okubhem ‘aBashokobezi

Umahlal ‘ehlomile
Ubenjengonhlanya
Ngoba nanamuhla
Usahlomile

Uhlany ‘oluze lugijima
Zalukhonkoth’ izinja zakoManqayi

Kanti ezakoNomsebedwana
Ziyalubungazela
Qatha langima
Nkomo zakwaNobandile

Kawukhawule Bhokotshiki
Ukutshikizela izinkomo
Zamadun ‘akini kwaZulu

Mhlanganiso kayibalwa
Ingani ‘eyaMamboza
Iyabalwa koDamushe

UMloyiswa kaNdaba
Okade babemloyisa
Beth ‘ akasayikufa
Akasayikumbelwa
UMagasa kaNdaba !

Page 3 of 25

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: