clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: July 2021 Page 3 of 4

Izithakazelo zakwa Mabele Ntshingila

Ngicela imvelaphi yaka Mabele Ntshingila

Mawela Clan Names Izithakazelo zakwaMawela

  • Mawela,
  • Mwelase,
  • Donda kaSotshikazi,
  • Nxele,
  • Sontuli,
  • Lwandle kaluwelwa, luwelwa zinkonjane zabelungu,
  • Zona eziphaphela phezul’emafini,
  • Somkhele,
  • Khondlo,
  • Wena owangena neskhuni emanzini waphuma naso sivutha,
  • S’gawuli semithi emide nemifushane,
  • Nkonjane ebika izulu liphenduka
  • Nzima!

Izithakazelo zakwa Mbingo

Mbingo Msuthu , wena olandela ilanga maliyoshona eMancubeni, mzilankatha . Nkatha ayingeni ekhaya ngokubolisa inkaba kubatwana, Msuthu wasenhla, Mbingo

Izithakazelo zakwa Jolinkomo

Mphankomo
Jolinkomo
Qengeba
Mthwakazi
Sabe
Ndlebe
Ndlovu
Mziwelanga
Somarhwarhwa
Ngwanya
Somadolo
Zwelibanzi
Mathilda
Nomakhala
Njuza
Sthukuthezi
Sithandwa mhla kukubi
Hoshode
Hahaha
Mfazi obele linye omabele made oncancisa naphesheya komlambo
Yeyesa
Chirhwa
Lembhethe
Ngena mfazi obele lide
Gcuma
Ndzabela
Thole lekwakha

Izithakazelo zakwa Ntlangeni

Ntlangeni Clan Names
Ntlangeni. Nkomo. Mafinya ngolimi. Rhaberhu. Magajana. Marhewula ntaba. Nzipho zimnyama kuqwayana. Golela. Malinga. Wena owalinga ukpheka inkomo ngebhodo likanopotyi. Sqwabana. Nkumbuzo. Masikana. Mkhonto ozilolayo. Yengwayo. Mntungwa

Izithakazelo zoo-Dlamini- Mkhonjwa

Dlamini, Ncokathi, Salakulandelwa, Sjekula, Solanga i-Ngcungcu engaseliyo emadwaleni kuba isesaba ukungqindeka

Izibongo zaBathembu

Ndcela ukubuza ukubaba OoNozulo bazalani njani naBathembu, Qudeni, Mvelase, Mpafana ,Ngoza

Thusi clan names Izithalazelo Thusi

Thusi
Mlotshwa
Mkhwamubi
Nsukwini
Manganyela
Mgqwabagqwaba
Ndlandla
Sbumbu setshwele eligulayo
Dlebelenkomo

Izithakazelo zakwa Mathabela

Mathabela Ntongande wena wazikane wena wandombesilwane wena wa maka nyanga wena wamngwaze zadleni wena wa ntongeyide eshaya mathonga Ntongande Mathabela! mpande zimithi hodlo uwazayi uwazayi….

Mbuthu Clan Names

  • Mbuthu
  • Mzizi
  • Ntungwa lasenhle
  • Ngwane
  • Wena owehla ngesilulu

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: