clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mgabadeli

Mnembe Clan Names

Mnembe:
Vezi,
Nonyanda,
Mgabadeli !!!

Izithakazelo zakwa Dladla ziphelele zonke

Dladla Clan Praises :

Mgabadeli, owagabadela izinkundla zakwabulawayo, gadlela, dwala, mpembe, mhlophe, vezi, dladla, nyazitha, magalel’agiqe njengeshongololo,Β  nhliziyo zimhlophe, mapha azay’ncishe yena, ngalonde, masok’amahle, limi luyashelela ezintombini,mangaphikiswa, bunono bekati, makhos’ezwe, mhlambi wezinkomo kawubaleki, maqaphel’ebheke phansi ngokungathand’ukukhuluma, findo kaliqaleki sofa silahlane, mpilonde, malal’evulile ngokungesabi lutho, mkhanyelw’ebumyame, mthond’omuhle, ngokuzal’abafana namantombazane, nzalwenhle engaciki, mahambela phezulu ngokuzazi, dladla !!!

Izithakazelo zakwa Mathe

Mathe Clan Names 😍 Mathe Surname:

Ncanana, Mzilankatha, mathangamahle afanele ukwenziwa, Thenjwayo kaMfeyane, Gubevu olumehlabomvu, wen owashanel’zibi wabeka emnyango wabiza umkhwenyana ezobutha, mgabadeli, buhlalobuhle busemanzini, mpindela

Mathenjwa Clan Praises ? Izithakazelo zakwa Mathenjwa

Mathenjwa Clan Praises , Izithakazelo zakwa Mathenjwa:
Mathenjwa
Mgabadeli
Wena owagabadela inkundla kabulawayo

Dladla
Sishi
Gamula
Mageba
Ndabezitha

Wena ongayidli imbuzi ngoba usaba umsila obheke phezulu

Wena owakha umhlanga ekhaya abanye bewukha entabeni
Wena waseManyiseni !!

Abanye bazihaya kanje:

Mathenjwa – Ndabezitha – Mgabadeli – Mageba – naboNgwane – naboMacalane – wena owagabadela inkudla yakwaBulawayo – wena ongayidl’imbuzi wesaba umsila ukubheka phezulu,
β€œbathi bebone wena Ndabezitha besho bebone ubuyaya besilulu, lapho ijozi lidla ophansi lidla ophezulu!!!”

Izithakazelo zakwa Ncube

Ncube

Mzilankatha

Gabadeli

Nhlansi

Khambule

Inkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola izinkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo zilal’uwaca,

Ezamadojeyana zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungangcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina bakaDambuza Mthabathe,

Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,

Kwakhuz’abantu benifihla,

naphenduk’ abakaKhambule,

Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakho,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nin’enakhelana noMbunda,

Nina bakaMaweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha!

Izithakazelo zakwa Dladla

Izithakazelo zakwa Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo!

Izithakazelo zakwaMathenjwa

Izithakazelo zakwaMathenjwa

Mgabadeli,
Wena owagabadela inkundla kwaBulawayo,
Dumakude, Mageba,
Ndabezitha!

Izithakazelo zakwaMathe

Izithakazelo zakwaMathe

Ncanana,
Thenjwayo,
Mfeyane,
Dlakude,
Mgabadeli!
Mzilankatha!!!

Izithakazelo zakwa-Dladla

Izithakazelo zakwa-Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo!

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. Komsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.

Izibongo zama Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo

Dladla
Mgabadeli, Mphembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…

Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: