clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mgabadeli Page 1 of 2

Izithakazelo zakwa Mkhasibe Clan Names & Umlando

Mgabadeli,
Msuthu,
Sgubudu,
Dlebenkomo,
Sgubudu esingafakwa mkhala sifakwa siyadabula !

Mnembe Clan Names

Mnembe:
Vezi,
Nonyanda,
Mgabadeli !!!

Izithakazelo zakwa Dladla ziphelele zonke

Dladla Clan Praises :

Mgabadeli, owagabadela izinkundla zakwabulawayo, gadlela, dwala, mpembe, mhlophe, vezi, dladla, nyazitha, magalel’agiqe njengeshongololo,Β  nhliziyo zimhlophe, mapha azay’ncishe yena, ngalonde, masok’amahle, limi luyashelela ezintombini,mangaphikiswa, bunono bekati, makhos’ezwe, mhlambi wezinkomo kawubaleki, maqaphel’ebheke phansi ngokungathand’ukukhuluma, findo kaliqaleki sofa silahlane, mpilonde, malal’evulile ngokungesabi lutho, mkhanyelw’ebumyame, mthond’omuhle, ngokuzal’abafana namantombazane, nzalwenhle engaciki, mahambela phezulu ngokuzazi, dladla !!!

Izithakazelo zakwa Mathe Clan Names Umlando

Mathe Clan Names 😍 Mathe Surname:

Ncanana, Mzilankatha, mathangamahle afanele ukwenziwa, Thenjwayo kaMfeyane, Gubevu olumehlabomvu, wen owashanel’zibi wabeka emnyango wabiza umkhwenyana ezobutha, mgabadeli, buhlalobuhle busemanzini, mpindela

Izithakazelo zakwa Mathenjwa Clan Names Umlando

Mathenjwa Clan Praises , Izithakazelo zakwa Mathenjwa:
Mathenjwa
Mgabadeli
Wena owagabadela inkundla kabulawayo

Dladla
Sishi
Gamula
Mageba
Ndabezitha

Wena ongayidli imbuzi ngoba usaba umsila obheke phezulu

Wena owakha umhlanga ekhaya abanye bewukha entabeni
Wena waseManyiseni !!

Abanye bazihaya kanje:

Mathenjwa – Ndabezitha – Mgabadeli – Mageba – naboNgwane – naboMacalane – wena owagabadela inkudla yakwaBulawayo – wena ongayidl’imbuzi wesaba umsila ukubheka phezulu,
β€œbathi bebone wena Ndabezitha besho bebone ubuyaya besilulu, lapho ijozi lidla ophansi lidla ophezulu!!!”

Izithakazelo zakwa Ncube Clan Names Umlando

Ncube

Mzilankatha

Gabadeli

Nhlansi

Khambule

Inkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola izinkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo zilal’uwaca,

Ezamadojeyana zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungangcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina bakaDambuza Mthabathe,

Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,

Kwakhuz’abantu benifihla,

naphenduk’ abakaKhambule,

Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakho,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nin’enakhelana noMbunda,

Nina bakaMaweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha!

Izithakazelo zakwa Dladla Clan Names

Izithakazelo zakwa Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo!

Izithakazelo zakwa Dladla Clan Names

Izithakazelo zakwa Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo,
Songololo siyakwesaba,
Ngoba wena inezinyawo eziningi,
Ongathinta wena,
Angafa nokufa, fi,
Wena zikhali kazikho zisemsamu koGobone,
wena sandla esembethe imbokodo.
Mgabadeli!

Izithakazelo zakwaMathenjwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMathenjwa

Mgabadeli,
Wena owagabadela inkundla kwaBulawayo,
Dumakude, Mageba,
Ndabezitha!

Izithakazelo zakwaMathe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMathe

Ncanana,
Thenjwayo,
Mfeyane,
Dlakude,
Mgabadeli!
Mzilankatha!!!

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: