clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mwelase Page 1 of 5

Izithakazelo zakwa Shoba Clan Names & Umlando

Shoba Surname

Mjakada, (Abanye bathi Jakada)

Mbamba, Ndlovu,

Nowanqa,

Makati okupheka,

Magwababa whuu,

Mpikela,

Nontshonondo,

Mngcibe,

Mwelase,

Mbanzeni,

Nina benzalo ka Khotha,

Nina benzalo kaSend,

Nina bakwa Mgwaqo ongahambi isif*be,

Nina bakwa Zeneke Mtanami khona siyodla imigezo !!

Izithakazelo zakwa Thabede Clan Names

Thabede Surname

Thabede, Jiyane, Vezi, Gambu, Mwelase ngawelingazibuko welangempambosi zomfula, Dlaba kaNohlengela, umkhonto wadlula wadla inyama bakwandlebekazizwakati ziyezwa ninanehlangesilulu entabenizobombo abanye behla ngezinyawozabo maswti amhlophe !!

Mabi Clan Names | Mabi Surname

Mabi, Nguta, Mwelase, Mphakula, Ngelengele, Mbanjwa, Dlamini, sitsha esingadleli, sidlelwa zinkonjane zona ezibaba phezulu, wena uwela ufala ucwele, Zizi, Hlubi elihle

IZIDUKO ZAKWA NDZABA CLAN NAMES

NDZABA,
MSUTHU,
BHILI,
MANCOBA,
MWELASE,
GASA,
TEKELATULE,
OMALALA NENTOMBI IVUKE ICELE UMNTWANA,
INTO EZEHLA ENTABENI ZIHUBELE NGENQATHE LE HASHI !!!

Mavundla Clan πŸ’› Amavundla Clan History

Amavundla clan names & origin:

Amavundla bathi abadala ayisizukulwane sika Mbopha kaSithayi insila yenkosi uShaka eyabaleka kwelakwaZulu ibalekela ulaka lukaDingane emuva kokuba kade eyingxenye yabasocongi beSilo ehlohlwe uMkabayi noDingane.

Umbopha utholwe izinhloli zika Shaka ehlathini, eqhabuka elusuthu kuBafokeng ebaleka umfowabo omncane owayebanga naye uBukhosi. Uyise wabeka umfana omncane kuneNkosana isizwe sahlukana phakathi salwa, ekaMbopha yaxoshwa wabaleka esaba ukubulawa.

Uma uShaka esemtholile wamphenya wamqonda nokuthi wazi imithi yabesuthu, wamenza insila yakhe ephatha ukudla nemithi nesigodlo. Kwazulu uxoshisiwe ngezinkomo waganiselwa nezintombi eziningi.

Ubalekile wayocasha kaMthethwa uDingane wamlandela, wadlula waya eSimdlangentsha, wadlula ko Hlabisa, waya Mahlabathini, kwaBiyela eMkhumbane eXobho, eSouth Coast kepha akuqondakali ukuthi ithuna lakhe llikuphi.

Ekubalekeni kwakhe uzishintshe isibongo wathi ungu Mvundla ovundle izintaba nemifudlana ebeleka ulaka lukaDingane. Ningabe nisangibiza uMbopha anothi Mvundla uMbopha uvundle alapha. Inzalo yakhe ibihamba isakazeka yonke indawo.

Umbopha wayebizwa ngethole lomsuthu ewazi amakhambi. Isizwe sakwaMavundla sinobukhosi obubili kwaZulu nobunye e Herstel. Indlu ka Nonduku nendlu kaGamalakhe e Port Shepstone. Lesibongo sise Port Shepstone, Greytown, Mahlabathini-Ceza, Maphumulo, Bergville, Empangeni, Thekwini, Ndwedwe, Eastern Cape, njll.

Omvundla amakhosi okuqala oselwa eZingolweni nase Nsimbini emuva kwenzalo ka Henry Fynn owayekhonzwe u Shaka lapho bekhona. balwe izimpi eziningi ngesikhathi sikaShaka, balwe nama Chunu, abaThembu ekoloni.

By: Zwe Mavundla

Izithakazelo zakwa Mavundla

Mavundla

Mwelase

Mbova

Wena ka Snakanaka kaNtendeni

Hwayiza ka Nonduku

Mthimude kaMawewe

Zikalala

Shebi

Mwelase owagedl’umhlanga wawushiyelela,

Nzima

Mawela

Nhlanganiso

Mthimude

Wena wakwaGezamhlanga

Nina baka Nkomoningi

Nina bakwaJwana

Mwelase πŸ™ŒπŸ™ŒπŸ™Œ

OMavundla bakwaXhosa bona bathakazela ngokuthi

Bhayi

Khetshe

Gobhozi

Nxilashe

Msuthu ! πŸ™ŒπŸ™Œ

Mathonsi clan names

  • Mathonsi,
  • Dunga,
  • Mwelase,
  • Madondo,
  • Mazibuku,
  • Nontandokwela,
  • Wena owela ngezimpambosi zemifula abanye bewela ngezibuko,
  • Mquhe!

Izithakazelo zakwa Madondo Clan Names

Izithakazelo zakwa Madondo 😍 Madondo Clan Names

– Mnquhe,
– Wena waseQhudeni,
Zikode kaNgaba,
Mwelase,
– Mpukane kaMgedeza,
– Wena ongawudli umbele odliwa abalandakazi,
– Wena ongaweli ngezimpambosi, owela ngezibuko!

Izithakazelo zakwa Mathonsi Clan Names Umlando

Dunga,
Mwelase,
Owela ngempambosi abafokazana bewela ngezibuko lomfula,
Shekembuya,
Mgandeni,
Tshana,
Dung’omhlophe onjengezihlabathi zolwandle,
Nkubel’ezihlengayo,
Wena welala !

Izithakazelo zakwa Mlambo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Mlambo 😍 Mlambo Clan Names
Mbinga,
Khakhaza,
Lusiba,
Mwelase,
Mazibuko,
Mlambo aluwelwa luwelwa zinkonjane zodwa,
Oncwabane,
Lusiba,
Mazibuko !

Izithakazelo zakwa Mpulo Clan Names

Mpulo,
Sgidi,
Nomanzi,
Mwelase !

Page 1 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: