clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Nyambose

Izithakazelo zakwa Nhlambo

Nhlambo Clan Names
Phozisu,
Wena owa ceda imphi ka Senzagakhona,
Hlabisa,
Nyambose,
Gudukazi,
Uyecwayo,
Sgegede

Mthethwa Nyambose omuhler

Nyambose, Dingiswayo, Magaga onsibansiba,
Omthethwa abahle. Nanoma ikuphi lanihambakhona
niyakhanya 💋💋

Umlando wabakwaMthethwa

Mthethwa! Khubazi! Nyambose! Mbekane! Ndunakazi! Ndlovu! Madango! Xaba! Khayi! Jobe! Shangana. Dingiswayo. Mmbiya. Mlandela! Sitimela! Nina basezansi Nina basemaganwini Nina basemachibini.

Isizwe sakwaMthethwa esesibizwa ngoMthethwa sisukela kuKhubazi owazala uNyambose, uNyambose wazala uMthethwa/Mbekane okunguyena isizwe esagcina sibizwe ngaye. Wazala uNdlovu/Ndunakazi, uNdlovu wazala uMadango, uMadango wazala uXaba, uXaba wazala uKhayi, uKhayi wazala uJobe eNdlunkulu. UNomagaga kaKhayi! Umkhont’ omuke noNdiyane, Owahlatshwa yinkwantsha yakoKhuzwayo [isiqhwaga]. iSempu elidla ngomkhont’ oyingqamu, Amakhosikazi edla ngesiyanda. Umshoshobi ubongaxha lesilimela [isidlidli sezinkanyezi], Elibuyis’ abantwana ekuthezeni. Ugagane lwehlanze [umuthi onameva], Oluphal’ abantwan’ ezibunjini, Uthantatha ngemfunda yoswela, uNomagaga wabelungu [ngaseDelagoa Bay].

EKhohlo uJobe wazala uShangana. Waphinde wazala uMbikwana owazala uSiwangu owagcina eyinduna yaseBaqulusini. Leli gama waliqanjwa ngoba unina wayeliShangane. UJobe wazala uDingiswayo noMawewe. UNina kaShangana wakhulelwa kuqala. Lokhu kwadala inzondo, uKhayi wamkhipha inxiwa uShangana wayokwakha umuzi waseNhlambini, [owawususelwa egameni lenhlamba unina ayethukwa ngayo], empumalanga yeMfolozi eMhlophe wazala uMmbiya owakhula noShaka kwabo. Yena uMmbiya wazala uMlandela. Kwenye indlu uMadango wazala uCele yena owazala uLugogo ozala uNdosi owazala uMaganga yena ozala uNqumela owazala uLanga yena wazala uMkhokheli ozala uDibandlela. Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaMthethwa nabakwaCele buvela kanjalo ngoba bonke bedabuka esendeni likaMadango. NguDingiswayo owaduma kakhulu: uMaf’avuke njengedabane. USombangeya [wabanga nomfowabo uMawewe] kaNdaba! UMadlekezela, [ukungena ngenkani kwaMbangambi] inkomo yanganene,

Izothengana nayiphi enenekazi? Izothengana noMbangambi woVuma, eMashobeni uSombangeya kasoz’atshelwa izindaba, Uyatshelw’izindaba, ugijimel’ehawini, Impunz’evuke nomkhont’emawuna uNyawoth ‘omnyama! uNofukuthwayo! Khon’ungembon’ezula phezulu. UNgqwashi obomvu, wawoHhamuyana; Omabal’azizinge [iziyingelezi] sengath’abekiwe. Izulu likaPhiko, libaneka kanjani? LikaSombangeya kaJobe?

uQayambeya! [uQalambela] uSahlul’amakhos’ asohlangeni; Uye wavunula kwaMahlaba, Ezinkumbini [ogwini, osebeniJ zamanzi uZinto zakhe zamuka namanzi abaThembu bakhwaza [badamuka] Baya ngoJama kaMnisi; Kand’ukuba: “Jama zibayeni, ngezabathakathi” Bethabetha ngomoya waseMampondweni; Ngithe ngisadl’ezinye.

Izinkomo zabantu zinenkelenkele; [zinecala] Zikhungel’ ingobe, [umkhonto ogobile] isemashobeni. Ilanga limdondoza, likaMadladla; Elaphuma, amakhwez’ abikelana, NakwaNtombase, nakwaLanga.

Umuzi omkhulu weNkosi uJobe kwakuseBalungwini. Kukulo muzi lapho uJobe wazala khona uThana owelanywa nguDingiswayo. Kuthe lapho uDingiswayo esengumfana owelusa amathole, uJobe wakhipha omunye umuzi wakhe wakwabo Dingiswayo wawuqamba igama lokuthi kusoYengweni. Emzini wasoYengweni uJobe wayenabantwana abaningi beyizinsizwa. Unina kaDingiswayo igama lakhe kwakunguMabhamba uyise okwakunguNzimase kaDonda kaShiya wakwaMbokazi. UThana wayehlala ekhabonina ngaleso sikhathi kuphuma umuzi wasoYengweni eBalungwini. Waze wabuyela kubo uThana esethombile. Wafika sekwakhiwa oYengweni. Ukuhlala kwakhe ekhabonina nokuba akhulele khona kwakuyintando kayise uJobe kwazise wayemthanda kunabo bonke abantwana bakhe. Nokho zanda zabaningi izinsizwa oYengweni ngoba abafana abazalwa eBalungwini onina babo okungesiwo amakhosikazi babethelwa khona oYengweni.

Kwathi izinsizwa zikaJobe oYengweni sezikhulile zahlangana zakhuluma zodwa ngoyise zikhala ngokuthi wayeseguge kakhulu eseyixhegu elidla inyama egayiwe njengomcaba, seliphuza ubisi lingasakhulumi nazindaba. Izinsizwa zabuzana imibuzo yokuthi kazi uyokufa nini uJobe kubekwe enye inkosi engewona umdodovu wexhegu. Owayehamba phambili ekukhulumeni nguDingiswayo kodwa nezinye izinsizwa zivumelana naye.

Amazwi ayekhulunywa kulowo mhlangano uNodunga kaMakhanya kaNjonjonjo Mthethwa owayeyinduna oYengweni wawezwa wonke kwazise naye wayewuthamele, wayobika konke kuJobe.

Inhliziyo kaJobe yaba buhlungu kakhulu. Wapha wonke amadodana akhe asoYengweni inkabi ngayinye ngayinye. Wathumela uNodunga

ukuthi ayowazisa amadodana akhe ukuthi izinkabi azihlabe zonke kanyekanye. Wagcizelela ukuthi yena wayezofika esezobeka inkosi ezobusa isizwe esikhundleni sakhe. Kulowo mcimbi wayala ukuthi bangezi abafanyana. Nembala zahlatshwa-ke izinkabi kodwa uJobe wangafika ngelanga ezihlatshwe ngalo wathi uyofika sekudliwa izifuba zazo. Wagcina ethelekile uJobe ehamba namabutho akhe amaningi esewatshele ukuthi kufanele awagwaze wonke amadodana akhe kungasali noyedwa baqikelele ukuthi uDingiswayo owayengungqeqe phambili uyabulawa. Kwathike lapho sekungeniswa utshwala uJobe watsaka amathe okwakuyilona lisu amabutho akhe okwakuhlelwe ukuthi azobona ngalo ukuthi sekuyisikhathi sokuwagwaza amadodana akhe.

Sasuka-ke isidumo lapho ilanga seliyoshona amabutho abangenela ngemikhonto bonke abantwana bakaJobe bababulala ngaphandle kukaDingiswayo. Yena weqa uthango amabutho amciba ngemikhonto amhlaba ngenhlendla phansi kwezimbambo. Wabaleka nayo inhlendla leyo waze wayongenisa kuDlaba kaMavovo emaChubeni lapho bafike bamkhumula khona umkhonto. Wahlala emaChubeni kwaze kwaphola inxeba.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando waMakhosi Esifundazweni SakwaZulu, Umqulu 1.

Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

Mlondo ,
mthiyane ,
nodungandaba,
qubuzankomo,
mthethwa,
zondo,
mlondo ngoku londoloza izintandane nabafelokazi,
wena owagengeleza umuzi ka dingiswayo inkosi yama nyambose.

Izithakazelo zakwaMthethwa

Izithakazelo zakwa Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

Izithakazelo zakwaMasondo

Izithakazelo zakwaMasondo

Nyambose,
Mthethwa,
Dingiswayo,
Donga dilika,
Mathangana amahle afanele ukwenziwa,
Nina enalandela amasondo ezinyamazane,
Nina eniphuza amanzi emichachazweni!

Imvelaphi yabantu bakwaCele

Umlando wabantu bakwaCele

Izizwe ezincane zazihlangana nezizwe ezinkulu ukuze nazo zivikeleke ezitheni uma zihlaselwa. Lokho kwenza isizwe sakwaMthethwa sihambisane nezinye izizwe ezincane njengamaCele.

Yingaleso sizathu okwenza ukuthi abalobi bezincwadi bathi abakwaCele badabuka kwaNyambose.

Nokho abadala bakwaCele bathi bona babe ngamaNyembane, isizwe esabe sisincane sineNkosi yaso yokudabuka. Ubukhulu bamaNyambose kwagwinya igama ‘Nyambane’ kwase kwenza abakwaMthethwa baqhoqhobale ngokubusa abakwaCele.

Kuleso naleso sizwe uyavuka umoya wokuzimela nokuziphatha. Nabo abakwaCele bathi sekwanele manje ukuphathwa abakwaMthethwa sengathi bona abasona isizwe esingazimela geqe. AbakwaCele bagqabula igoda base bayehlukana nabakwaMthethwa. Bayithatha indawo ababe yakhelwe ngabakwaQwabe, kusukela ezintabeni zasoNgoye, kuye emfuleni uMhlathuze kuncike ngezwe lakwaDube. Kwenzeka konke lokhu ngaphambi kokuba izwe lihlaselwe yinkosi uShaka. Inkosi uShaka ihlasela izwe nje, sebekhona abakwaCele. Cishe kwakuseminyakeni yawo +1700 iNkosi uMkhokheleli egqabula igoda lokwahlukana nabakwaMthethwa.

UMkhokheleli wabe eyindodana kaLanga, kwaZwana, kuSodi kuNqumela. Lawa makhosi namanye akwazeki kahle isikhathi ayebusa ngaso. Kuyakholeka ukuthi lawaMakhosi abusa ngaphambi kokuba afike kwelaKwaZulu-Natali. Kusobala ukuthi ukuhlangana nabakwaMthethwa akubenzanga balahlekelwe uzalo lwabo. Emuva kweNkosi uMkhokheleli ubukhosi bathathwa uDibandlela.

Ngesikhathi kubusa uDibandlela, abakwaMthethwa babebuswa yiNkosi uDingiswayo. INkosi uDibandlela wabusa waze wamdala kakhulu. Wabona ububi benziwa ngamadodana akhe amabili. Indodana yakhe uMdinsilwa wakhothama ngaphambi kweNkosi, njengoba wabe efanele ukuthatha isikhundla sikayise. Ekhothama uMdinsilwa kwabe kukhona umfowabo wendlu encane uSotukuza.

Ubukhosi bakwaCele bathathwa nguVico. Abazukulu bakaDibandlela nabo babanga. Laba kwabe kunguMagaye noMade okwaphumelela uMagaye. Base behlukana uMagaye noMande. UMagaye washiya emzini kayise wakha owakhe umuzi eduze nomfula uMhlali kanti uMande wayokwakha eMvoti lapho okuthiwa yikwaDukuza. Ilizwe likaMande lihlanganisa namaNganga ngasemfuleni eMushane.

INkosi uShaka yabona kuyisikhathi esihle sokuba ithulise umbango wamaCele kubangwa ukuthi ngubani ofanele ubukhosi. Inkosi uShaka yathatha uMande yathi ukumsondeza kuyo kuqala. Wathumela amabutho akhe ukuba ayocela ukudla kanye nenyama yokondla amabutho ukuze akwazi ukusimama lapho ehlaselayo. UMande wakhomba inja eyabe izacile kuvele izimbambo ngaphandle, wathi, “Thathani leya nja niyonika uShaka, yikona kudla nenyama emfanele.”

Esekuzwile lokho amabutho ukuqhakala kukaMande, adlulela kuMagaye afika nakuye abeka isicelo senkosi uShaka. UMagaye ngokuhlakanipha kwakhe wazamukela izithunywa zeNkosi, wazinika lokho ezikucelayo ngomkhulu umusa. Zaphindela enkosini uShaka zayobika umusa eziwuthole kuMagaye. UMande wenqaba ukunika inkosi uShaka ukudla akucelayo, wabe eyazi inhliziyo yenkosi uShaka, nokuthi uzokwenzani ngaloko. Engqondweni kaMande kwabe kungukuthi uma uMagaye enza njengaye inkosi uShaka uzobahlasela bobabili, bona balekelelane, ukuze bayichithe impi yenkosi uShaka.

Yathi isuka inkosi uShaka yathukuthela yathelwa ngamanzi uma izwa amazwi okubhuqwa nokweyiswa nguMande. Usephaka impi yakhe ukuba imhlasele uMande. Izinhloli zasheshe zafika kuMande zamazisa ngempi kaShaka ezayo. Wathutha kanye nabantu bakhe, wangena kusinindolo samahlathi aphakathi koMdloti kanye noThongathi. Inhlawulo kwaba ukudliwa kwezinkomo zakhe ezinhle ngoba babengenakungena nazo emahlathini. Lokho kwamenza waba yinhlwa ehlala emahlathini, wawelwa yisikhundla sakhe sobukhosi.

Nokho kwabakhona abantu abamlandelayo. Impilo yaba nzima kuMande. Iminyaka emibili impilo yasehlathini yayinsonsotha kuye kanye nabantu bakhe. Inkengane yaba bhuqabhuqa abantu, baze bakhumbula emuva. Wabuyela kuMfowabo uMagaye wamnxusa ukuba ayomshwelezela enkosini uShaka. Wakwenza lokho uMagaye ngomoya wokubuyisana, waya kuShaka wayomcelela uxolo. UMagaye phela wabe esengumngane omkhulu wenkosi uShaka.

Waphuma uMande ekudingisweni kwasemahlathini ephilile futhi engabangiswa muntu. Kwambeka obala uMagaye owabe enenhliziyo emnene futhi enozwelo. UMande wabuyela emzini wakhe wakwaDukuza. Esathi uyazinza uMande emzini wakhe kwafika izigijimi zizobika ukuthi inkosi uShaka isefikile ukulanda leya nja ezacile owabe enikwe yona. Akukho okunye, kwabe kukhomba ukuthi inkosi uShaka isiyamsela njalo uMande. Waphinde wabaleka uMande wayocasha.

Kungaso lesi sikhathi lapho ILembe eleqa amanye amanye amaLembe labulawa ngabafowabo, kwase kubusa inkosi uDingane ezweni lonke lakwaZulu lihlangene nelakwa Cele.
UMande wathola izibongo ezithi: “UVico kagetanga efuleni. Ubuye nasila, wathi utageta khaya ngalubisi!”
Lezi zibongo kwakungezona ezeNkosi uVico. Lokhu kwakwenziwa enkosini ebusayo uMande, nguye owahlaselwa nguShaka engalindele yingakho kuthiwa washiya konke wabalekela ehlathini, kwakukhona ukuthi inkosi ebusayo engagagulwa ngegama.

 

Indlu kaZibula

UZibula esewelele kwelikaFaku ngoba engabutholi ubukhosi kanti naye wabe eyindodana kaMagaye wafika wachema kakhulu. Kwaba khona nabanye abantu abamlandelayo ngoba bezwe ukuthi leliya lizwe laseMaMpondweni alifelwa nkonyane.

Okunguyena obambe izintambo zombuso wakwaZibula ngesikhathi sokubhalwa kwale ncwadi (2008) nguNozibusiso ongudadewabo weNkosi ekhotheme uZwelivukile. Kusekhona izindawo ezethiwa amagama ngoZibula endaweni yakwaDweshula. Kule ndawo kukhona abazibiza ngokuthi bangoMagidigidi kanye nabaseMbuthweni. Bonke laba ngabakwaCele. Bazibiza ngokuthi bangoMagidigidi yingoba babe yindlu yozalo lobukhosi.

Indlu kaXabhashi – eMlazi

Ake sibone ukuthi indlu kaXabhashi eMlazi yakhula kanjani.

Busekhona ubukhosi bakwaCele kule ndawo, nakuba seyangenwa ubudolobha. Enye yalendawo manje ibizwa ngokuthiwa kuseNgonyameni. Abantu bakule ndawo abasasikhulumi isiCele. Nokho isekhona imithonselana.

UXabhashi wabushiya ubukhosi baseMlazi ngoba kwakungesibo obakhe. Wabushiyela uNdunge. Wathutha waya kaNhlalwane, lapho abanye bakubiza ngokuthi kuse-Mfakuceba noma eMfeni noma eMfangisale. Kule ndawo wabusa kahle ngoba abantu babemthanda ngoba bethi yena uyinzalo yeqhawe uMande yena ongazange azenze incelebane enkosini uShaka. Naye wakhothama, ubukhosi bathathwa yindodana yakhe uBhekameva.

 

Indlu kaXabhashi – eNhlalwane

Inkosi yokuqala ukufika kule ndawo kwaba iNkosi uXabhashi. Ngaleso sikhathi, isizwe sasibizwa ngesizwe saseMfakuceba. Manje sesaziwa ngokuthi kuseMfangisale.

Lesi sizwe silapha nje sehlukana namanye amakhosi nabantu bawo eSiphingo. INkosi uBhanciwe Cele walibangisa endaweni eseyaziwa namhlanje ngokuthi kuseMalangeni nakwaQoloqolo, kwaNzama. INkosi uShokweni Cele wabhekisa amabombo eDududu. INkosi uXabhashi walibangisa eNgonyameni wafika endaweni engenamuntu bancikana nabakwaMkhize (Embo). uXabhashi wafika eNgonyameni wabhekana ngeziqu zamehlo nezingonyama (amabhubesi) ewabulala.

ENgonyameni amaCele abesexoxa ukuthi afuna ukushintsha izizwe aye ngapha eMzimkhulu ngoba ezwa kuthiwa izwe lilodwa futhi linomnotho wokudla kwemfuyo nezinyamazane ezinhlobonhlobo. UXabhashi wabe eseyobikela iNkosi uDingiswayo Mthethwa eMpangeni ukuthi useyalishintsha izwe laseNgonyameni. AbakwaMthethwa bafike bamthanda uXabhashi base bemgodla bangabe besafuna ukuba abuyele emuva.

AmaCele abe esesuka eholwa uGwija Cele eNgonyameni eselibangise eMzimkhulu ngoba uXabhashi engasabuyi kwaMthethwa. Bafike bagoba amadlangala kwaGqwathaza eHighflats, babuye baqhubekela eNdwebu. Sebefika eNdwebu, bafikela enkosini uFodo Dlamini. Wababuza ukuthi bahamba nobani? Amadoda angoMcazi noMashobane bakhomba uGwija ukuthi bahamba naye. UGwija wabe esewakhumbuza amaCele ukuthi umholi wabo uXabhashi. Babe sebevumelana ngokujuba amadoda, okwaba yibo oMcazi noMashobane ukuyolanda uXabhashi. Sebefika noXabhashi eNdwebu, uFodo benoXabhashi bakhumbulana ukuthi babendawonye beviva kwelakwaZulu ngisikhathi seLembe uShaka.

UFodo wabe esenika uXabhashi kanye namaCele indawo yokugoba amadlangala besafuna indawo okungeyabo ngoba engeke akha phakathi kwabantu baseNhlangwini ayebafice sebekhona. Isizwe nabantu bakaXabhashi babe sebethola indawo engapha kokhalo olusuka eMhlabashana luye luyofika e-St. Faiths naseNdlovuzulu engenamuntu futhi eyingozi ngoba yayinezingonyama. UXabhashi wathi uzoya kokwakha kuyo le ndawo nakuyilapho afike wasebenzisa amasu akhe awasebenzisa naseNgonyameni ukunqoba amabhubesi.

UXabhashi waba nenxiwa lokuqala eGumatana entabeni ebizwa ngokuthi iMpukuluthu. Babethi bangawabulala amabhubesi nezingwe nezinyamazane bese kushukwa izikhumba ngokuhlanganyela nabakaFodo zidluliselwe kwelakwaZulu. Wabuye wakha esigodini uPhongolo wabe esedlulela kaNhlalwane nakuyilapho akhothamela khona.

Kwaba nempi phakathi kwamaCele neNhlangwini ngesikhathi sokubusa kwayo iNkosi uXabhashi noFodo. Le mpi yadalwa ukuhlala noma ukwakha ndawonye kwabantu bakwaCele nabaseNhlangwini. Yehlulwa eyaseNhlangwini inqotshwa eyakwaCele, yaye yayiwelisa umfula uMhlabashana kwase kuba iwona umfula owaba umgcele uhlukanisa amaCele neNhlangwini. Kwase kubuya kudwetshwa omunye umngcele ngezinsimbi ezegxunyekwa ezintabeni nezisekhona namanje. Sekwabuye kwaba umgwaqo umngcele ohlukanisile, nawo lowomgwaqo wadla umhlaba omkhulu ngakwaCele njenganazo izinsimbi zadla omkhulu umhlaba wamaCele. Lo mngcele wezinsimbi wadwetshwa uHulumeni wangaleso sikhathi. Le ndawo eyayibangwa yayisesigodini sasoPhongolo naseMfomfo.

Amanye amaCele aphindela emuva eNgonyameni eseholwa uMgijimi Cele ngoba eyithandile le ndawo yaseNgonyameni. UXabhashi waqamba iMphukuluthu, uMshayindlanzi, iNsizwa, iThaleni, iNdimakude, iMpola, iNdumane, uNguza, iThongwane, iMabedlane, iNtabankulu neNdilinde.

Waphinde waqamba izigodi zesizwe uXabhashi okwaba uNguza, iGumatana, iNdlovuzulu, uPhongolo, uNhlalwane, iMfomfo. Sekubusa iNkosi uBhekameva kwaba nempi esigodini sakwaNguza silwa sodwa nokwabonakala ukuthi inkinga idalwa ukuba bukhulu kakhulu kwezigodi abantu abazakhile baze bangazi ukuthi bangabesigodi sinye. Zabe sezihlukaniswa izigodi, uNguza wanqamuka phakathi kwavela uFumbatha. iGumatana yakhipha uManyonga, uNhlalwane wakhipha izigodi ezintathu, uMfilakazi, eSihlabathini, nesiGubho. Kunesikole esaqanjwa ngokuthi iBhekameva, kususelwa egameni lenkosi yakwaCele. Lesi sikole sisendaweni yasoPhepheni ngaphansi kwesigodi saseMfomfo.

Emva kweNkosi uBhekameva kwabe sekulandela iNkosi uKufakwakhe. Ingakahlali esihlalweni sobukhosi iNkosi uKufakwakhe yabanjelwa uSizibane Cele, wehluleka ukwenza umsebenzi wesizwe, wakhishwa kwabamba iNdunenkulu uMwakeni Ngcobo. INkosi uKufakwakhe ngesikhathi isibusa yehlelwa ingozi yokulimala ilinyazwa ihhashi kwabe sekubamba uMhlanganyelwa Cele. Ngenxa yokweqiwa uphuzo, uMhlanganyelwa kwabe sekulungiselelwa ukuba kuthathe inkosi elandelayo kwabekwa iNkosi uPhumokwakhe.
INkosi uKufakwakhe ilimala nje kunomkhulu umbango, ibangiswa umfowabo uXubamakhosi. INkosi uPhumokwakhe wabekwa esihlalweni sobukhosi ngonyaka we-1951 ku-October, wakhothama ngo-April 2003. Ngonyaka we-1993 iNkosi uPhumokwakhe wamemezela esizweni ukuthi useyasishiya isihlalo sobukhosi, usishiya kuNdlunkulu uMaMadlala ukuba abambele omunye wezingane zakhe. Ngonyaka we-2000, impilo yenkosi yaqala ukungabi yinhle yadunguzela kwaze kwaba iyakhothama ngonyaka we-2003. Onyakeni we-1992 kwafufusa umbango wesihlalo sobukhosi nenkosi uPhumokwakhe ibangiswa indodana yayo uGuzu ozalwa inkosikazi yokuqala yenkosi. Lo mbango waqala inkosi ibusa kwaze kwayilapho isihlalo sesibanjwe undlunkulu uMaMadlala, ushe njalo ngisho nalapho undlunkulu esedlulile emhlabeni ngenyanga kaMay 2002. NgoDecember 2004 kwabe sekubekwa iNkosi uBathebuya Cele.

 

AbakwaCele eMawuleni

Lokhu abantu abayi nganxanye bengemanzi, kwaba khona abanye abangamnamelanga uXabhashi uma ethatha ubukhosi. Abanye behlela eMawuleni ngoba nakhu bebona uMagidigidi ewela umfula uMzimkhulu nabanye abantu bakhe. UCabangwayo naye oyinzalo kaMande wabekwa waba yiNkosi. Akabusanga isikhathi kwase kuthatha indodana yakhe uManzolwandle. Nanamuhla le ndawo kuthiwa yikwaManzolwandle.

INkosi uManzolwandle ababeyihasha ngokuthi:
UNkonka wefusi omancisholo
Okhala ngazo zozimbili
Isithole esilunga
Esizibule ngozalifa kwaKhwela
Sasengwa ngabathakathi
Kwabubula amadoda
Unqaba kayitshelwa
Inkonjane ephuza amanzi
ngomlomo
UNompunyumpunywane
Inkunzi engenaMpondo
Luyagubha ulwandle
Luthela abafo nabafokazana

Esekhotheme uManzolwandle, ubukhosi bakwaCele bathathwa yindodana yakhe uJunowa.

 

AbakwaCele kwaShonkweni

Ubukhosi bakwaShonkweni, bavezwa ukusuka kwabantu bakwaCele eMlazi, bathuthela eMphambanyoni kude buduze naseMkhomazi. Laba bayinzalo kaMagaye umfowabo kaMande.

Ekuhlaleni kwabo kule ndawo eyayithatha yonke indawo yaseMahlongwa, eMandawe kuze kuyoshona eDududu, kwakuyizwe lakwaCele, nakuba namuhla seyadephunwa ngabamhlophe bayenza amapulazi abo.

Ubukhosi bakwaShonkweni bumi kanje. UVico wayenamadodana amathathu, oMtungwana, uMagaye kanye noMande. Ekwahlukaneni kuka Magaye noMande uMtungwana wabe engowendlu encane. Wabe esemncane ngalesi sikhathi. Yena walandela uMande. Wawa evuka kanye nabendlu kaMande engesiyona iNkosi. Labo ababesuka eMlazi beya eMphambanyoni, babengenayo inkosi. Ngenxa yokuthi uMtungwana wabe esemdala futhi engowendlu yasebukhosini babona kumfanele ukuba abekwe abe yiNkosi yakwaCele. UMtungwana wabusa isikhathi eside futhi ebaphethe kahle abantu bakayise. Esekhotheme ubukhosi bathathwa uShonkweni. UShonkweni wayethandwa naye njengoyise. Wakhothama uShonkweni kwase kuthatha uMbendlini owaba ibamba bukhosi benkosana yona ezalwa indlovukazi eyalotsholwa yisizwe.

Le ndawo yakwaCele kwaShonkweni eMphambanyoni bude buduze naseMkhomazi isabuswa ngokukhulu ukuthula nakuba eminyakeni yawo 1990 kuke kwaba khona izimpi zombusazwe, ezingaqondene nombango wobukhosi. Iningi labantu bahamba bashiya imizi yabo. Nakuyo le ndawo yakwaShonkweni basekhona abadala abasakhuluma ulimi lwesiCele. Bathi abadala bangathokoza kakhulu ukuba abantwana bakhuthazwe ukukhuluma ulimi lwabo lomdabu. Bathi abazenyezi ngalolu limi lwabo.

 

Abantua bakwa Mthethwa bangama Lala-Nguni bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe, Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu u Godongwane owagcinwa ebizwa ngo Dingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwa Mthethwa ngo:

1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.

Izibongo zakwa Mthethwa

Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela…

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: