OoJaca,
Oobhangushe,
Malimela,
Masola,
Mkhethephela,
Mathumbu.
Month: July 2020 Page 1 of 8
Mhlamvu
Goba,
LawuXabanis’ Abantu Belungisa S’dunu seNsingizi Ntlenza,
Mtshali
Lisela,
Hlabangane !
Gadenzima,
Khaladi elimhlophe !
Isizwe sakwaMhlamvu sitholakala e Harding nase Port Shepston. Bakhona abayidlanzana emalokishini ahlukene eThekwini ngase Mlazi nako Mashu nezinye izindawo.
Umlando Wesibongo SakwaQwabe
Isibongo sakwaQwabe sivela egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi wakhe eduze nomfula uMhlathuze ngaphansi kwezintaba zoNgoye. Umuzi wakhe uwuqambe igama elithi ikwaMthandeni ngoba ethi abanye abantu bazomthanda ngoba abomndeni wakhe bengakhombisanga ukumthanda.
Isizwe sikaQwabe sandile impela ngoba indawo yaso yayisuka emngceleni wesizwe saKwaMthethwa siyofika esizweni saKwaDube siphinde siyoshaya ehalthini eNkandla. Ngokwanda kwalesizwe kuphume nezibongo njengoGumede, uMnguni, uSimamane, uKhuzwayo, uMakhanya noNqetho.
Ngesikhathi kubusa uDingiswayo KwaMthethwa, KwaQwabe kwakubusa uKhondlo. Ngesikhathi isizwe sakwaQwabe sithutha siyokwakha ngasemfuleni uMvoti ngaphesheya koThukela sase siholwa nguPhakathwayo. NoNdlunkulu uNandi ozala iSilo uShaka sake sakhosela ngaphansi komuzi wakwaQwabe kwaGedeyana. Lesizwe sazinza endaweni ephakathi kwakwaMaphumulo naKwaDukuza. Isizwe sakwaQwabe sisekhona endaweni yaseMthandeni osekuyikomkhulu laso siholwa nguMakhosonke W Qwabe.
Kukhona nabanye oGumede abangaveli endlini kwaQwabe. Laba ngoGumede bakaManukuza nabakaSiqalaba. Bayingxenye yamaThonga ngoba bangena ezweni beqhamuka eNyakatho neMpumalanga nelikaMthaniya.
Izithakazelo
Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Nazi Ezinye: Izithakazelo zakwaGumede
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!
Vumase
Skhumbane
Ngonyama !
Shusha
Gumla
Gamedze
Gele
Mzamane
Ngonyama
Thole lesilo
Masikane
Mahlungulu
Maqaqasi
Mbewenkulu
Izithakazelo zakwaNyandeni
Nyandeni ompofu
kaMashobane!
Ophuza’manzi ngokuwabona.
Engawaboni akomi!
Vumisa kaNgono, Shobane owagaqa ngamadolo
aze aphocuka,
Khukhuza kaNgonyama,
Gasela kaNyandeni .
Zingwe zimbili ezalwa
zabulalana kwaNtaba Ntshanini.
Engani zaziphakelwa
ndawonye.
Ngwadla phangela iziqgala
zakolibose
Izithakazelo zakwa Madondo
- Mnquhe !
- Wena waseQhudeni,
- Zikode kaNgaba,
- Mwelase !
- Mpukane kaMgedeza,
- Wena ongawudli umbele odliwa abalandakazi,
- Wena ongaweli ngezimpambosi, owela ngezibuko !