clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Amakhosi Page 3 of 5

AbakwaBiyela

Ukuzalana kwezindlu zakwaBiyela, abazalwa inkosi uNdaba kaPhunga no Mageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane

No automatic alt text available.

Isilo uCetshwayo kaMpande

Image may contain: 1 person, indoor

Isilo uCetshwayo kaMpande isona esathwala kanzima empilweni yaso.
Sazondwa ekhaya nangabezizwe abamhlophe, kodwa ke safuza uyise izul’eliphezulu uShaka naye wayezondiwe kubo uyise nasekhakhinina uMakhedama.

Isilo sokuqala ukumbatha izimpahla zabamhlophe futhi nokukhuluma isingisi nokufodwa izithombe kwaqala ngaye kwaZulu.

Wathi noma esebuya phesheya eNgilandi Isilo samaSwati uMbandzeni kaMswati wathumela amanxusa ukuzobona isilo uCetshwayo, okwanguMntanenkosi noMnkonkoni wakwaKunene baphekelezelwa ngemajaha, bafike bamotha umntakaNdaba, uJininindi omnyama uzitho ngokugwegwa kubakayise. BAYEDE wena wendlovu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izihlabani zeSilo uShaka

Izihlabani zeSilo uShaka

Image result for shaka zulu

Lawa amaqhawe ayehlabana ngempela ezimpini zalo iLembe. Yiwo enza kufezeke iphupho lesilo uShaka lokubumba nonke abeNguni ababephakathi komfula uPhongolo noMzimvubu ukuba bakhonze ngaphansi kombuso wakhe. 

Kuqala ngoShaka emakhosini akwaZulu ukuthi kube neNgonyama/isilo. Kanti ubuNgonyama baqalwa uNgwane 3 kaSidwabasiluthuli/Landzandzalukane/Dlamini 3 waseSwazini, owayebusa ngezikhathi zoLanga kaXaba wamaNdwandwe, kwaZulu kwakubusa uJama kaNdaba, kwaMthethwa kwakubusa uJobe ka Khayi.

Nawa ke lamaqhawe eLembe:

-uMgobhozi “ovelentabeni’ Msane
-uMdlaka kaNcidi Ntshangase
-uNqoboka wakwaSokhulu

-uNtshiphi kaShangane Mthethwa
-uNdlela kaSompisi Ntuli
-uNzobo kaSobandli Ntombela
-uManyosi kaDlekezela Mbatha
-uMaphitha kaSojiyisa Zulu
-uMenziwa kaXhoko Biyela

-uMbopha kaSithayi Ntshangase
-uHlathi kaNcidi Ntshangase
-uMzilikazi kaMashobane Khumalo
-uMagidi kaMenziwa Biyela
-uMvudlana kaMenziwa Biyela
-uNgubhane kaNgomane Mdletshe
-uMapholoba kaNgomane
-uManqondo wakwaMagwaza
-uKlwana kaKhoboyela Buthelezi
-uJeqe kaSilwane Buthelezi
-uNdosi kaNondumo Nzuza

Bhambatha kaMancinza Zondi

Bhambatha kaMancinza Zondi

Image may contain: one or more people

Inkosi eyalwa nabelungu iphikisana nokukhokha intela ezweni loyisemkhulu bayo. Wajaka uMbambatha kaMancinza isilo uDinuzulu sisazoyihlela impi. Kuthiwa impi yaMakhada kuliwa kubangwa ukhandampondo, okwakuyimali eyayikhokhwa umuntu nomuntu ibhalwa kubelungu. Kunamakhosi amesekayo ubabaza okubalwa inkosi yakwaNgobese uMehlokazulu owakhipha amabutho naye.

Impi yaseSandlwane

Impi yaseSandlwane kwakulwa uZulu namaNgisi. Isilo esasibusa kwabe kunguCetshwayo,uJininindi omnyama uzitho simagwegwe kubakayise, ubhulumlilo eNdulinde!

Amaqhawe ayekhona:

Mkhosana kaMvundlane Biyela
Ntshingwayo kaMahole Khona
Godide kaNdlela Ntuli
Sihayo wakwa Ngabese
Zibhebhu kaMaphitha Zulu
Mehlokazulu kaSihayo
Mkhumbikazulu kaSihayo
Mbopha kaWolizibi Hlabisa
Hayiyane kaMaphitha Zulu

Ingwenyama yemaSwati uSobhuza 2

Ingwenyama yemaSwati uSobhuza 2

Inkweletsheni kaMahlokohla, uNgidingidi madlala kwezimunyama isihlangu!

Image may contain: 3 people, people sitting

Shingana kaMpande

Shingana kaMpande

Image may contain: 1 person

Lona umntwana uShingana kaMpande. Wayethembeke kakhulu kumfowabo uCetshwayo kusukela empini yabantwana eNdondakusuka emeseke njalo.

Nasempini yaseSandlwana wayehola ibutho elaliphethe umjojantana. Kwala noma esekhotheme uCetshwayo wethembeka nakundodana uDinuzulu waze wayoboshwa abamhlophe ngenxa yokususa udushe empini yaseSandlwana. Wethembeka waze wakhothama ngo 1904, ekhothamela ekudingisweni eMntshezi abamhlophe. Wathi esegula wacela ukuthunwa lapho kwawela inkaba yakhe khona,eNdulinde kwelaseMandeni. Shingana kaMpande.

Imvelaphi yamaZizi

Imvelaphi yamaZizi

Molweni maqhawe amahle. Nanku uKawa iZizi lakwaShweme/
Limakhwe kwincwadi yakhe yango 1929 ethi, “Ibali lamaMfengu”, ulanda imvelaphi
yamaZizi uthi azalwa eSwatini nguMatalatala (uDlamini wokuqala) aza wona aphuma
ngaphasi kombuso kayise ngokumka kukaSongolo kaDlamini 1. Azinze eluThukela
ixesha elide kakhulu amaZizi, ehlalelene nesizwe samaHlubi, esamaBhele, amaKhuze neNtlangwini.

Ngokwabanye ababhali umhlaba wamaZizi kususela ngeminyaka yo 1495 kuya ko 1845 wawusuka eKlip River uye apho kuqala khona umlambo uluThukela, uhambe njalo ngeentaba zoKhahlamba (Dragensberg) ukuya ku Bushman’s river, ujikeleze
eMtshezi (Escourt) ukuya a endaweni ekwakuthiwa yi Doorn-kop apho kuqala khona owamaKhuze umhlaba, ube sewuya kwa Hamilton’s farm.


Ngaphambi kokuba bachitheke bechithwa nguMatiwane kaMasumpa, iNkosi yamaNgwane kaNgwadi, abekhona amaZizi afudukileyo andulukela eLesotho
kwiminyaka ephambili. Ngokwemibhalo yaseLesotho (History of Basotho), amaZizi
akwaTendza ngawo awokuqala ukungena kulomhlaba waziwa ngeLesotho lomhlanje. LamaZizi ayesebenzisa izikhumba zemfene
aphetha sele ebizwa ngamaMfene lawa angoHlathi, Malukazi, Lisa, Jambase. Kanti ayebizwa ngaMaphetla okuchaza ukuba
ngabo abokuqala kulamhlaba.

AmaTendza alandelwa ngamaZizi akwaMafu anduluka ebizwa ngabakwaLanga (Bahalanga), aphetha sewebizwa ngokuba
ngamaBholani/Polane emveni kokuduma kuka Polane unyana kaMakhwele kaKakene.

Emva kwethuba elingangeminyaka engamashumi amahlanu kwalandela amaZizi
akwaDlamini (uDlamini wesibini)
awayekhokhelwa ngoTiti noKobo unyana nomzukulwana kaLanga
owayengumntakwabo kaLamyeni, Ndlovu, Tenya noJama.

LamaZizi akwaDlamini adibana nesizwe saBaphothing, bendiselana banduluka bonke, kodwa aBaphothing bashiyeka, wona amaZizi athatha igama
elithi Phuthi, abangaBaphuthi, ayokuwa eLesotho afika abaziiKumkani zamaZizi ayenduluke ngaphambili. LamaZizi asaligcinile ulwimi lwemveli elifana neSiswati, neselibizwa ngeSephuthi lomhla.

Amanye amaZizi afuduka eluThukela ekuqaleni kweemfazwe zemfecane,
alibangisa eMpumakoloni ekhokhelwe ngooNjokweni kaMrhawu (abanye bathi
ngokaMtshibe), noNzila kaDweba uyisemkhulu kaBikitsha. LamaZizi sele aziwa ngokuthi ziiMfengu.

Afikela kwikumkani yamaGcaleka, uHintsa, ah Zanzolo! Kodwa ekubhubheni kukaHintsa, kuye kwavela ukungavani phakathi kwamaXhosa nabaMbo abangamaMfengu, aquka nezizwe zamaHlubi namaBhele nezinye.
AmaMfengu ke agqibele sewesilwa kwicala lamaNgisi ekhokhelwe nguVeldtman kaBikitsha kaMabidlili kaNzila kaDweba, inkosi eyayudume ngokubuza isizwe sakhe ngelihlobo, “Nidze natsi yintsaba ni na leya maTiti (maZizi), yintsaba ni na le?”, baphendule bathi, “yiSandlulube, Dlamini!”

Amanye wamaZizi adumileyo ngoGovan Mbeki noonyana bakhe ooThabo no Moeletsi Mbeki.

IZIBONGO ZENKOSI UBHAMBHATHA KAMANCINZA ZONDI

IZIBONGO ZENKOSI UBHAMBHATHA KAMANCINZA ZONDI

Image may contain: one or more people

Ake simusho okaMancinza kaJangeni kaMagenge kaNomashumi kaNondaba…

UBhambatha imihlane yamadoda.

ULanga libomvu phuma sikothe, kade sikothela kude emafini.

Ubuhwanqa obudabuka nenhliziyo, obunye ubuhwanqa budake nemizimba.

Usephula imithi iphekiwe endlini kwabo kwaMaPhakade.

UMdludli odle izinkomo zikaVoyizana eMgunundlovana.

UMagaduzela owabonela empunzini.

USibhekuza siliqhina.

Sibhekuzele uDlovunga eMgungundlovana.

UMdabu zehla ngamasamaniso kuMakhalana eMgungundlovana.

UMagadu kaMancinza.

UBheshu libomvu liyazenza izindaba.

Kade liwenzela amabandla namabandlana.

NoNyoniyezwe limenzele,

NoGayedwa limenzele,

NoDlovunga Mhlophe limenzele.

USifukufuku silukhakhayi lwengane yakwaMfofelwayo.

Ethe izalwa kwakubikwa, bayifunela amaqanda eziNtshe.

NoNhlangumhloshane.

UMakhathakatha emgugudu.

UManzi amnyama elangeni, phuma langa sikothe, kade sikothela kude.

USidludlulu singankomo ithwele amanzi ekhanda…

Uyibindanda! Nondaba!…

Nkwelo Major Zulu

Page 3 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: